
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 5 of 46

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - uMongameli uCyril Ramaphosa ukhiphe isexwayiso kubaqashi baseNingizimu Afrika abaqasha abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi zokubhalisa. Sibheka ukuthi ngabe ibathinte kangakanani osomabhzinisi kulonyaka ka 2026

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuka ubugebengu lapho kusetshenziswa abantu abanama- akhawunti bethenjiswa inzuzo ngokuthi kusetshenziswe I -akhawunti yakhe umuntu,

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Siyabonga Mpungose uhamba namaciko amabili okungo Phakamile Khumalo kanye no Okuhle Sithole abaphuma e Arthur Blaxall School for Blind

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 13 February 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - 11 February 2025
Ngiyabingelela Mam Dudu Khoza nethimba lonke laJabulujule.Ngibhala nje la kwehla izinyembezi ngidunyelwa ikhanda umuntu uhlale ecabanga ubsku nemini ukuth engab isimo soshintsha mhla kunini. Ngicel ungimemel abaholi bezemfundo baseKZN ukuthi bezochaza kahle ukuthi kungani kanti benga-siqashi? Zonke izifundazwe zihlalale ziwakhipha ama post isonto nesonto koda lutho leli lakithi kungani? Kuye kuthi noma umuntu ebona amapost akwezinye izifundazwe a nga-apply inhliziyo yophe kakhulu ngoba kusuke kuyi hand delivery iningi lamapost kulezo zifundazwe. Pho-ke umuntu ngisho kuthiwa uyathanda futh uya qualifaya kulezo zifundo inkinga iba semalini phela sihleli emakhaya asisebenz sihlola u R350 oya ezishebweni zasekhaya uphele ekubeni sineziqu. Ka-Education akukho ma-Learnerships & Internships okwenza kube nzima kakhulu ekubeni namasenti nespiliyoni ngoba phela iyona Kanye into esizayo ukuze akwaz umuntu ukubeka okuncane ebhange meliphela lelo toho ebese umuntu athathe loyo Mali ayo hand deliver ngayo ke kulawoma applications. Umbuzo engihlala ngizibuza wona ukuthi kungan ingavalwa iTeaching ezikhungweni zemfundo ephakeme zala KZN uma kuwukuthi amathuba emsebenzi awekho na? Abaholi Bala bazimisele ngani ngathi? sigugela emakhaya phela manje mina nje ngibheke ikhaya ngina 26 abomndeni bashona bonke ngeke kubuhlung bandla. Yimina ozithobayo Ongathandi ukudalulwa igama

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi -NgoJanuwari 2025, i-Companies and Intellectual Property Commission (CIPC)yamemezela uhlu lwezinkampani ezingahambisani nemithetho, yacela ukuthi zithumele izitatimende zobunikazi (beneficial ownership declarations) kanye nezincwadi zokubhalisa amasheya (securities registers) ngaphambi komhla ka-21 kuJanuwari 2025. Kwakuthiwe uma lezizinkampani zehluleke ukwenza lokhu ngaphambi komunqamulajuqu, zizovinjelwa ukwenza noma yimuphi umsebenzi ne-CIPC.szibalelwa ku 800 000 izinkampani ezazilengela eweni lokwesulwa emabhukwini alenhlangano (organisation)

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 February 2026
Ngingowesifazane ona 35, nowahlukumezeka kakhulu othandweni. Ngendlela engahlukumezeka ngayo ngangithi ngeke ngiphinde ngiqome. Kuthe ngonyaka owedlule ngajwayelana nomunye wesifazane ngala ngihlala khona engangimazi ukuthi uthandana nobulili obufanayo. Sibe abangani isikhashana wabe esengicela ukuthi sizame ngakwezothando. Ayi bo, angiyazi mina impatho enje!. uyazi kwavele kwangathi ngiyaqala ngqa nokuba sebudlelwaneni. Angikaze ngizizwe kanje ngaphambilini ngisho ngisathandana nabantu besilisa. Into engihluphayo nokho ukuthi udaba ngizolubeka kanjani ekhaya ngoba balindele ukuthi ngigane kanti mina kangisazimisele nje neze ngabantu besilisa. Ngibonile ukuthi umuntu wesifazane uyacophelela ngenxa yokwazi izingqinamba esibhekana nazo kanti le enye I gender ayazi lutho futhi kayinandaba nanokwazi ukuthi yini ekujabulisayo futhi yini ekuphatha kabi. Ngiyafisa ukubika udaba ekhaya kodwa ngiyesaba.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Siqwashisa abantu ngezigebengu ezivela kubantu besifazane nabesilisa egameni lothando kanti bazobathathela izimali zabo zempesheni.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Lwazi Khuzwayo vs Ibhunu Langa

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 3 February Customary Marriage PT 2

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ubungozi bokuphuza amaphilisi ngesiphuzo esihlwahlwazayo noma isiphuzo esinokshukela , lokhu kunomthelela ongakanani kuwona amphilisi nokuthi akwazi ukusebenza kahle emzimbeni wakho

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 2 February 2026 Customary Marriage
Ngingowesifazane ngisemnambithi, ngisacela ukubuza, nayi indaba siyizwa emsakazweni lapho kuthiwa uma 0wesilisa ecelile wayoloba sebethathwa njengabantu asebeshadile ngokusemthethweni, Mam Khoza njengoba umyeni wami wayelobolile ngaphambilini kokuthi athathe mina, wase eyahlukanisa nalowa wesifazane wangaphambilini ngabe lokho angeke kube nomthelela yini emshadweni wethu njengoba sishadile. Ngiyacabanga ukuthi angikho ngedwa onalokudideka mam Khoza sibaningi, siyadinag ukuthi sicaciseleke.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuka ukuthi izingane zethu singazivikela kanjani ebugebengwini lapho zigcina zikhulelwa singakafiki iisikhathi ngokweminyaka noma lapho zidlwengulwa kanti kukhona abakhohlisi abakhohlisa izingane egameni lothand

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Avela Imbongi vs iJaji

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude no Slindokuhle Ngidi

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 29 January 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Namhlanje sikhuluma ngemfihlo enkulu esifihlelwe yona nguMvelinqangi, iThongo neDlozi. Ubona ngezigemegeme ezisehlelayo bese sitshela ngomsuka kanti ukungazi. Sigcina sikhuleka sithwasa siphuma singena ezigodlweni kokunye senqabe. Lusehlele ulaka ngezindlela ezehlukune

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sibheka uzinzo nenhlalo yomfundi oyoqala esikhungweni semfundo ephakeme, ungenza kanjani ukubhekana nengcindezi njengomfundi oyoqala impilo entsha esikhungweni semfundo ephakeme.

#Jabulujule - Notha ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma udaba lesinqumo esithathwe inkantolo yomthetho sisekelo lapho esichaza ukuthi umshado wesintu iwona ohamba phambili , okusho ukuthi uma ugcagcile wathelwa ngenyongo , iwona mshado obhekwa kuqala kunalokhu okubhalwe phansi. Ngabe lomthetho sisekelo usho ukuthikubantu abashadile kodwa abawosomabhizinisi

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 26 January 2026

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokuqinisekisa imininingwane, nokudalula ukungahambisani noma ukwenza okungalungile kanti sizophindasibheke izindawo ezisemthethweni lapho abantu bengakwazi ukuthola isitembu esiqinisekisa ubuqiniso bezique nencwadi kamazisi nencwadi eqinisekisa indawo yakho yokuhlala phecelezi ( Validation of certified copies in South Africa(Certification of documents)

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Basanda Mahlaba vs Thumekile

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 22 January 2026

#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu oqhamuka eUtterance of His Voice Bible Church Interna-tiona

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Uqalile unyaka siphindisele abantwana ezikoleni. Abanye bayaqala izosuka inkinga kubekhona okuthiwa bayehluleka ukufunda banezinkinga. Ezinhlanu izinto engingathi ake uqale uhlwaye kuzona uma umtanakho enenkinga

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 20 January 2026
Ngingowesifazane owazaleka ngaphansi kwesimo sokuthi ubaba wami washona umama esangikhulelwe. Kuthiwa kwakusewu 3 months. Wazila ke umama ekhulelwe mina. Kuthe mangikhula kwacaca ukuthi nginesinyama esikhulu. Kawaba nezinto ke ezishiwoyo okwakumele zigcinwe ngami. Kodwa kunento engangiyinothisa kumama ngathi wayengathandisisi ukugcina lezo zinto

#Jabulujule -Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu : Sikhuluma ngomdlavuza womlomo wesibeletho phecelezi Cervical Cancer

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibheka umthetho nokuqashwa kwabantu ilakhulukazi abokufika. Ikuphi okufanele kugadwe ngosomabhizinisi uma bezoqasha abantu bokufika

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sixwayisa abafundi ukuthi abaqaphele bangalingeki bangene ezenzweni zobugebengu esikhungweni semfundo ephakeme..abanye bagcine sebeboshwa

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Imbongi Enokuthula vs Lwazi Lwezinkondlo

#Jabulujule - Sikhuluma no Njabulo Shelembe ungumbhali nomqondisi wemimdlalo womoya owaduma kakhulu lapha em-sakazwnei UKHOZI FM lomdallo waziwa ngokuthi (SILAMBA NEZIGWILI) aphinde abe ngumbhali wemidlalo kamabonakude ube yingxenye yomdlalo uZALO, usebenze njengo mqondisi walomdlalo (as Casting Director): nakuyona I -Shaka iLembe, The Power, Reyka, Umjolo, The Right Thing, kumanje ungomunye wabahlungi babalingisi phecelezi lokhu okutthiwa yi casting director okulona ithimba labaqondisi bomdlalo Amalanga Awafani adlala kusona isiteshi sikamabonakude esihamba phambili esinezinkumbi zababukeli ngisho phela ungqa phambili wakho u SABC1.

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi 16 January 2026

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 15 January 2026

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no REV OT Dlamini oqhamuka e The Methodist Church of Southern Africa.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Singamakhambi okwelapha, amakhambi okuzelapha nokwelaphana. Ekugcineni kugezeke konke kuhlambululekelane. Imfihlo ijulike asiyiqondi.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 14 January 2026
Ngibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngesonto eledlule ubaba uVVO Mkhize wakhuluma ngezibusiso ezivela kumzali, nokuthi impumelelo sikhanyiselwa yibo abazali njengoba kuqala unyaka nje. Mam Khoza angiphikisi lutho kule nkulumo kodwa esimweni lapho umzali engakufiseli okuhle, kwenziwa njani? Isintu sihamba sifike kuphi kubazali ekuthi noma izingane zabo zizama kanjani kodwa kungabi khona ukubonga nokuzifisela okuhle? Engathi uma uphumelela ungangemdluli yena. Abazali bethu bayasilimaza kakhulu kanti lolo hlangothi alinakisiswa kahle. Mina sengamukela ukuthi akukho engiyokwenzela umzali wami akujabulele, noma kuncane, noma kukhulu. Uyohlezi egxeka, ekhuluma amazwi amabi. Ngifisa amandla okuphuma ekhaya ukuze umoya wami ukhululeke. Uyakwazi yini ukungafiselwa lutho oluhle umuntu okuzalayo uze ucabange ukuthi uyena ovale iziznto zakho, lomuntu ngathi akafuni ukuk’bona uphumelela, ushadelwa noma uba nemali eningi..uma kwenzeka uba nazo lezinto ngathi zingatholwa nguye yedwa, hayi abanye abantu abaseduze kwakho, okusho ukuthi uhlezi enovalo lokuthi uzokhula umshiye…ngathi uphila impilo oweyifisa angazange afinyelele kuyona. Ithiwani into enjalo Mam Khoza , ngiyacabanga kodwa ukuthi angikho ngedwa kulento engikhuluma ngayo.

#Jabujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sibuka ingcindezi yesimo somqondo, ukutatazela emuva kokuthola imiphumela ka Matikuletsheni,

#Jabulujule- Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibheke amabhizinisi axhumene nezemfundo no - Sboniso Mtshali.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 12 January 2026
TEA TIME WITH LADY-D : Hi Mam Khoza nakumaleli woKHOZI FM ngiyaphila ngibhalamayelana netiye, empeleni ngiyasha ngicela usizo ningibonise nangezeluleko kunzima emshadweni.Ngicela ungifihle ngokuhlala ngise JHB nginomyeni owalobola akangaqeda wembesa akuphelelalanga,sinezingane ezintathu naye ngamfica eganiwe unonkosikazi emakhaya azange kwaba mnandi until nowbut akafuni sihlukane mina angisenalo uthando uthi ngadlala ngesikhathi sakhe esingakangimbambezela. Sengize ngiyamsaba ngisaba nokulala naye endlini mam khoza kuningi ngekengikwazi ukukubhala konke lapha angazi noma yimi engingazazi kahleKuyinkinga lokhu Mam Khoza angisazi ngenzenjani ngiwubikele umndeni wakhe nowami akafuniukuhlala phansi siwumndeni ufuna abantu angabazi ufonela nabefundisi bami angiphoxe kubo uthiAngi submit njengomfazi wehla embhedeni wayolala kowabantwana but icala sekungelamiunamagama Amabi towards mina wagulelwa inkosikazi yakhe, bamphuca imoto akaxoxi namuntungakho ������kubi konke kodwa manje umuntu othanda nemithi okholelwa kuyo nje kakhulu uthimina ngihlela ukumbulala ungikhuluma kabi ezinganeni zami ngiyesaba Thixo wami ngicelaningilekelele.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngezikhungo zemfundo ephakeme , ngoba kuzovulwa izikole kukhona osomathuba abalinde labo abadinga izindawo zokufunda.

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 9 January 2026

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Sandile Bhubesi Chonco vs BH DA Poet

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 8 January 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Uma kuqala unyaka kuningi abantu abakwenzayo ukulungisela unyaka wabo kunamasiko nemikhuba abayenza ukulungisela unyaka wabo, ezinye zezinto ezibalulekile empilweni yomuntu ukondla umphefumulo, abantu banezinhlelo eziningi , namhlanje sithi umuntu akaqinise kulokhu akholelwa kukona, uma ushisa impepho ukhuleka kwabakini,ubika ekhaya ngezinhlelo zakho phambi kokuthi ubuyele emsebenzini Isibusiso sisekhaya

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 7 January 2026

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 6 January 2026

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ukubaluleka kokuhlanza umzimba emuva kokudla izicofocofi ngamaholidi.
