PLAY PODCASTS
Jabulujule 9 -12

Jabulujule 9 -12

2,173 episodes — Page 7 of 44

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngokubaluleka kokunakekela isimo somqondo ukuze ungabi nokhwantalala emsebenzini nasekhaya.

Jul 8, 202531 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma no Mduduzi Hlophe we Khulumani Hlophe Spices.

Jul 7, 202516 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Themba Lukhele Nzimande no Brigadier Bhengu ngeqhaza elingadlalwa ngamadoda ukukhulisa izingane zabafana emphakathini.

Jul 7, 202540 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje siphethe osonkondlo ababili ababhekane sigxile ekuphakamiseni nokutusa amadoda enza kahle emphakathini -Zwane Seluleko vs Philasande Mthembu

Jul 4, 202524 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Singalibuyisa kanjani isiko elithi ingane yami ngeyakho, ukuvikela izingane zethu , umphakathi nabangani bethu basale bengabazali ezinganeni zethu. Njnengamanje ukhona yini Umngani kubangani bakho ongathi uma ushona namhlanje ingane yakho iphephe esandleni sakhe

Jul 4, 202514 min

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 4 July 2025

Jul 4, 20251 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 3 July 2025

Jul 3, 20258 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 2 July 2025

Jul 2, 202544 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 July 2025

Jul 1, 202549 min

#Jabaulujule - Mpilonhle Mpilonde : Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngezifo eziba mandla noma ezihlasela abantu kakhulu ngesikhathi sasebusika.

Jul 1, 202541 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje siphethe osonkondlo ababili sizovala inyanga yabantu abasha. Imbongi encane 5 vs Greece the Poet

Jun 27, 202524 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Kumele yini sikulangazelele ukuba phezulu noma ukuba phezulu kuyimvelo yawo wonke umuntu?

Jun 27, 202510 min

#Jabulujule - iThemba Alibulali 26 June 2025

Jun 26, 20258 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Umama wangishiya nginezinyanga ezinhlanu kubo kababa ngakhuliswa ugogo isalukazi esizala ubaba. Bangenzela wonke amasiko namhlanje sekuvela umkhwenyane ofuna ukulobola ilapho sekuvela omalume nomama sekunombango. Ngilotsholwephi?

Jun 25, 202519 min

#Jabulujule -Tea Time no Lady D - Ngamenzela konke kodwa wangishiya kunjalo lokho kwangilimaza ngoba kumanje uma kufika omunye umuntu ethi uyangithanda angisena nemebeza, angisathembi lutho

Jun 24, 202534 min

#Jabuluule - Mpilonhle Mpilonde - U Dr Nomcebo Mthembu uphendula imibuzo yabalaleli.

Jun 24, 202530 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma no Mpumelelo Zikalala Sibuka amathuba akhona emkhakheni wezomthetho kanti singaphinda sibheke nezinga eliphezulu lokuthathwa kwezikweletu ngabantu abasha,sikhuluma ngomuntu omsuha ogcina ethatha ama credit card,

Jun 23, 202520 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Brigadier Bhengu sibuka izenzo zobugebengu eziphazamisa umuntu omusha ikakhulukazi kulesikhathi esiphila kusona

Jun 23, 202533 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Sigubha inyanga yentsha bukhoma e - M1 SABC studio sithi...Kuyaphileka Ngobuciko Bakho.

Jun 20, 202541 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho - Sikhuluma no Mbuso Khoza ngobungozi bokuhamba udla inyama noma ukudla kungazange kuchazwe ukuthi lomsebenzi ngowani. Bheka imicimbi oyihambayo ukuthi ingeyani kahle hle.

Jun 20, 202513 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 19 June 2025

Jun 19, 20258 min

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo- Thola ukudla komphefumulo no Pastor Sthembiso Zondo- Sikhuluma ngamandla abantu abasha abangawasebenzisa ukushintsha isimo sabo.

Jun 19, 202512 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Inhlupheko nezinkinga ohlale uzicula nsukuzonke uke ucabange ukuthi kungukona kothize kumbe kwabathize asebadlula emlandweni kumbe nakuwena

Jun 18, 202510 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma no Nosipho Mweli

Jun 17, 202511 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 17 June 2025 - Sikhuluma ngezinkinga ezivame ukwenzeka ebudlelwaneni bezothando lapho umuntu ekuqahthanisa nomuntu wakhe wangaphambilini

Jun 17, 202517 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpiloncde - Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngobungozi bokuphuza utshwala ngokweqile kwabantu abasha.

Jun 17, 202528 min

#Jabulujule - Tea Time no lady d 16 June 2025

Jun 16, 202535 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Ingxoxo no Themba Nzimande owazibandakanya nezenzo zobugebengu kodwa manje useyiguqulile impilo yakhe , uzokweluleka abantu abasha ngobungozi bokuzifaka ezenzweni zobugebengu.

Jun 16, 202513 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Ngalabezi vs Khalazome

Jun 13, 202531 min

#Jabulujule -Ikhosomba lezingcitha buchopho - Umuntu omusha nesintu sakhe. Ukubaluleka kokwazi isibongo sakho nemvelaphi njengomuntu omusha

Jun 13, 202522 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Sivelelwa izigigaba eziningi kanjalo nemindeni yethu. Khona labo asebazi njalo ngesikhathi esithize sonanyaka kwenzeka izehlakalo kufe imfuyo kugcine sekuthiwa ningalichithi igazi kusuke konakelephi?

Jun 13, 202517 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma noMpumelelo Zikalala ngodaba lokudunwa kwamaphrofayili e-eFiling akwa SARS,

Jun 10, 202514 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 June 2025

Ngiyabingelela kuwena Mam Khoza nakumlaleli woKHOZI FM ngicelaukuzifihla igama. Ngiyafisa ukucaciseleka ngesintu, uma singabantu abashaengekho umuntu onguBaba ongasifundisa asicacisele senza izizntongendlela engasiqhatha nabantu abadala,Ngicela ningikhanyisele lapha ongabanolwazi lapha Mma Khoza, Yaziumama wami wahamba ekhaya washiya umuzi wabuyela nathi kubosiyizingane, ngeminyaka yama-90s lapho ko1995, 1996. sasisebancanekakhulu.Umama noBaba babengakashadi kodwa ubaba wayelobolile futhiwayesesithenjini, umama babebathathu kuyena uBaba, owethu umama kungowesibili. Isizathu sokuhamba kukamama wahamba egula engaphilile.Wahamba uMama wabuyela ekhaya kubo emuva kokungaphili kahle,sahamba naye ngoba sasisebancane, wase esishiya nogogo yena wayaeGoli wafike wasebenza. Umuzi wakhe akawushiya wodwa wagcina ubabaewuqhaqha ngoba wawusumosheka. Ngingathi umama noBaba basebengabantu abahlukene ngoba umama wathola enye ingane ngo-1999komunye umuntu eGoli.Kunento eyenzeka uMama waba nokugula okwamenza wabuya eGoliwahlala ekhaya kubo okuyilapho okwashona khona ubaba wami ngonyakaka-2006, wangcwatshwa ubaba, wagqoka inzila umama maqede wabuyelakubo.Waphinde wabuyela eGoli umama wasebenza futhi lapho akayesebenzakhona. Sakhula siyizingane ngaqeda isikole mina ngaya ekhaya likababangafike ngakha, ngavusa umuzi lapha owawukade ukhona. Waqala umamawabuyela kulomuzi manje uma ebuya eGoli. Kwathi ngonyaka ka-2021kwafika isikhathi se-pension kumama wabuya wazohlala kulomuziesengiwakhile.Inkinga yamike ilana ke *** kuthiwa awushadi abazali bakho bengashadilenoma okungenani ushadele ekhabo mama, okusho ukuthi kumelengibashadise abazali. Umbuzo wami uthi ngibashadisa kanjani abantuabebengeke beshade vele ngoba basebehlukene?Ngaganwa nami ngalobola kodwa sagcina sixabana nomakoti sahlukanasenginomunye manje. Okunye engifisa ukukwazi ukuthi ngililande yiniilobolo lami noma alilandwa ngoba ngifuna lomakoti enginaye manje ehlalengokukhululeka engalibe ebanemicabango yokuthi nginomakotiengamlobola ngaphambili ngoba usengabuya ethi ngiyindoda yakhe ngobangamlobola kuqala. Ngiyaxolisa ukuba mude Mam Khoza ngiyabonga.

Jun 10, 202527 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngokubaluleka kwesitho somzimba ekuwuLimi,

Jun 10, 202531 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Inyanga yentsha kubalulekile ukuthi sikhulume ngezimo ezigcina zibafaka emajele.

Jun 9, 202525 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Nandi Ngubane vs Sinawo Ngcobo

Jun 6, 202530 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Kungani umsebenzi kathisha nokamhlengikazi ubukeka ungasenalo isasasa njenga kuqala uma uqhathanisa nemikhakha emisha?

Jun 6, 202517 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 5 June 2025

Jun 5, 20258 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Kuningi okwenziwayo namhlanje ozalweni ngoba kuthiwa kuzanywa inhlanhla nengcebo. Kuyaye kukhalwe ngokuthwebula idlozi noma umuntu, noma kuthiwe uthathe idlozi ukuze libheke yena yedwa. Ngabe kukhona yini lokhu yini ububi bakho noma buhle bakho?

Jun 4, 202519 min

#Jabulujule - Tea time no Lady D 4 June 2025

Ngiyakubingelela Mam Khoza nomlaleli woKHOZI FM ngicela ningisize ungenze u anonymousngineminyaka engu 23, mina sakhulela khaya ko baba, kumama sibawu 6 izingane zika Baba kodwauBaba wahamba wayohlawula ubhuti wethu omdala , umama lapho besehlala nobaba kwathingonyaka ka 2010 wakhipha inkomo eyodwa eyibalela emalobolweni awakhiphela uMama.Mam Khoza ngicela ningisize ubaba thina akasihlawulanga sihlala ekhaya ko Baba noMama kwathingonyaka ka 2020, uBaba wahamba wayohlawula ingane ayithole kwenye intombazane yakheencane yango 2015.Thina Mam Khoza akasihlawulanga uBaba wethu kwagcina ngobhuti wethu omdala nami mangithingiyabamba isisu bavele bashone abantwana baze babathathu manje, enye inkinga masekumelebahlawule kubo kamfana wathi uBaba izinkomo aziyi kubo kamama azize langakhulela khona,nangempela zafika masekumele zihambe namalobola wathi singamujahi yena uzolobolangesikhathi sakhe nami izingane zilokho ziyashona sengize ngicabanga nokuzibulala ngobasiyabangwa ekhaya koBaba nakubo kamama kodwa koBaba abakaze balungisa amacala abo kuboka Mama manje sekulimala thina nezingane zethu.Ngicela ningisize ningixazulele nayi nkinga ,ikuphi okumele kwenziwe makunje Mam Khoza ngiyaxolisa ukuba mude.

Jun 4, 202511 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu : Namhlanje siphendula imibuzo yakho njengomlaleli,

Jun 3, 202534 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Bhengu - Iqhaza labazali ekukhuliseni izingane, Isizulu sithi lugotshwa lusemanzi, asingavikeli izingane ezenza ubugebengu ngoba ziphinda zilethe izinkinga emakhaya.

Jun 2, 202529 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - One Eye vs Mfundisi Wezinkondlo

May 30, 202527 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Ubungozi bokungazazi singama Afrika size silwe sodwa.

May 30, 202510 min

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi

May 30, 20252 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Amawele noma ubuwele kuyinkinga kuwona nakithina nakubazali bawo. Yini lena eyinkinga engaka esibgayiqondi ngokwelapha kwesintu nangokwelapha kwaseNtshonalanga

May 28, 202516 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala-Sisenyangeni yase Afrika , sibuka amathuba amabhizinisi asezindaweni zasemakhaya, izindawo eziphethwe ngamakhosi nezinduna

May 26, 202521 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 26 May 2025

May 26, 202517 min

#Jabulujule - Ncipha bugebengu no Brigadier Bhengu -Ubugebengu bokuntshontshwa kwezingane

May 26, 202532 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Mfundisi Mhayiwezinkondlo vs Emihle Kumkani Mjila

May 23, 202513 min