
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 4 of 46

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngelungelo lomgibeli kanye nelungelo lakhe umshayeli

#JabuluJule -Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu - 26 March 2026

#Jabulujule - Ithemba Alibulali - 26 March 2026
Ithemba Alibulali

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Mane amagumbi omsamo kodwa womane eyamiswe izinsika ezintathu. Kulezinsika yinye okufanele ibe insika yezimbili

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 25 March 2026

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 24 March 2026

#Jabulujule - Namhlanje sizonikeza abalaleli bazibuzele kuyena udokotela uNomcebo Mthembu ongumsungulo nomqondisi wase Medilution clinic

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Kunomlaleli osibhalele onenkinga yokuthi wadayisela umuntu umuzi,ngokusho kwakhe uthi wamdayisela ngephutha , sikhuluma uMpumelelo Zikalala from Zikalala Attorney ngaloludaba.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 23 March 2026

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngobugebengu bokudayiselwa umhlaba noma usikelwe inxiwa ngokungekho emthethweni,

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko 20 March 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Ukhona okusafanele kesikubheke, uswazi lwakuthangi lungaba isihluku sanamhlanje, olwayizolo lube isihluku sakusasa , olwanamhlanje lube isihluku sesizukulwane, kugcine kugobhoza isililo sezinyembezi.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 19 March 2026

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi Intencane

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 17 March 2026
Ngithi angibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli woKHOZI FM, angithokoze ukuthola ithubangiyethemba ukuthi niyaphila. Mama Lady-D bengicela ukuboniswa last year ngitholane nomunyeusisi sathandana and kuyimanje siyathandana nje kumnandi, kodwa inkinga enkulu esibhekenenayo , udadewabo umuntu wami lona , hayi kunezinto aseqale ukuzenza kithi izenzo zakhe zifunaukubhidliza umuzi esiwakhayo angazi noma simfake nkakhulu yini ezindabeni zethu.1. Okokuqala Uthena Kimi ucela ngibeke Imali yamalobolo Uma ngimthanda ngempela Sisi wakhesengitshelwa uyena manje ukuthi angenze kanjani nini futhi, December last ngafaka R29500kusithandwa Sami for izinkomo samazisa.2.Samtshena ukuthi sizoqala ithenge izinto engizozihambisa Kubo, ezinjenge(izibizo, umembeso, ibhodwe+ijazi, isikhwehlela and umcelo) wathi akweziwa Kubo lokho.3.Wathi angiqale ngibheke Imali yezibizo kuqala before sithenge, February ngafaka R20500kumuntu wami ngalapho samazisa, kodwa kuloyomnyama usezama ukusixabanisa kuyimanjeamakhanda wethu adidekile ngalendlela yokuthi Sisi wakhe secabanga ukuthi unomona anduyangifuna eish kuningi nje akwenzayo kuyimanje akasangikhulumisi angazi ngimezeni.Bengicelaningisize naku kuzokonakala.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilolonde no Dr Nomcembo Mthembu - Sikhuluma ngesifo samathambo iArthritis

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngamalungelo omuntu onguso mabhizinisi. Wenza kanjani ukuthi uwabhekelela kanjani amakhasimende akho

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 16 March 2026
Mam KHOZA ngake ngahlukumezeka othandweni, ngihlukunyezwangokwezezimali, wathi uyangithanda , ngamnika imali, engasebenzi kubheda,ngamgcwalisela ngemali efuna ukuqala ibhizinisi, ayikho into ewuthando.We mam Khoza ( Le gender ) ayizazi ifunani ngoba umuntu umenzela konke kodwa lomuntuuyaqhubeka ugijimisa izingane ezincane,udla yona lemali yami. Kukhona umuntu ongilalelenjengamanje ,ozothi ngagcina ngimbambile ukuthi ungenza isilima,uthatha lemali yamiwayokwakha omunye umndeni eceleni, bengingazi ukuthi kanti lomuntu unomunyeumndeni eceleni,..ingakho namhlanje ngithi asithande kodwa asithande ingqondo ivulekileabantu kulezinsuku abezi ngoba bekuthanda , bafuna insebenzo yakho.Mlaleli woKHOZI FM ngabe ngomunye wabantu abakusona lesimo noma owaphunyukakusona lesimo lapho uhlukenyezwa ngokwezezimali othandweni. Uphaphame nini wabonaukuthi lapha ngiyahlukumezeka noma ngiyaphela lapha kusetshenzwa mina, awusixoxelekwenzakalani, mhlampe ukhona ongafunda kuyona indaba yakho. Kungenzeka ungowesilisanoma ungowesifazane odlala indoda egijimisa amantombazane kube kunguwe osebenzayoebudlelwaneni.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngamalungelo ezingane emndenini, sikhuluma ngomndeni oxubile , uma ningabazali abaqhamuka ebudlelwaneni bezothando lapho nifika nezingane zasemshadweni noma izingane zasembudlelwaneni bangaphambilini.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Tumie Ndelu vs Samkelo

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 12 March 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO MKhize - Ubizo, ukuthwasa, ukuphathiswa, amagama amathathu. Kungabe asho okwehlukene yini na? Kukhona yini esingakuqondi ngawo, kusukaphi?

#Jabulujule - Tea time no Lady d 11 March 2026
Ngingowesifazaneowakhuleliswa owesilisa owayengangithandi futhi engenazo izinhloso ngami, kodwawayefuna lokho ayeze ngakho. Ngebhadi ngakhulelwa lokho kwamphatha kabi.Waziqhelelanisa kiminengane.Ngakwamukela lokho noma kubuhlungu, ngathatha isinqumo sokuyocinga kubongenzele ukuthi ingane uma ikhula ilazi ikubo. Kwahamba kahle lokho ubazali bakhebajabula bathi ngeyabo ingane baya yamukela.Kodwa bacela ukuzwa ngaye. Akangasho lutho yena,Ukuze ngimkhulule ngacela I DNATest akaze avume nanamuhla. Nansi inkinga engicela ukusizwa kuyo.Ingane ikhulile ayimazi, iyahlupha okuzinkomba zosiko ngoba ekhaya kubo bayadebeza.Ngangi ngafisi ukugxila kusiko kakhulu, ukuze ngingamphoqi uyise ngimfake incindezi.Ngathathe ngendlela yesilungu ngayisa ko Dokotela bam Diagnose bathi 1.AutisticFeatures 2.ADHD kanye ne 3.Intellectual Disability. Ingane ina 11 years. Uphuza idepressants medication. Kodwa awelaphi lokhu okuqondene nosiko.Ngisacela ukuboniswa lana. Njengoba kungesikho ukuthi uswele amandla yingobaengathandi.Bakhona yini abanye besifazane abakhuleliswa ngabantu bengathandani nabokanti bebefeza izinhloso zabo. Uma ungomunye walabo banto ngicela ungitshele wenzanjani ngoba kusasa lomuntu uzoyifuna lengane angafuni ukuyondla namhlanje.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Siyabonga Mhlongo vs Mthizozo

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 5 March 2026

#Jabujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Namhlanje sizokhuluma ngodaba lokuqondisa umuntu osedlulile emhlabeni esigcina sithi ulithongo noma idlozi asikaku-kuqondisisi kahle. Ziningi izigemegeme eziseyimvukuzane yemfihlo ngabo. Lukhulu esisaf-ihlelwe lona.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 March 2026
Ngiyabingelela kuwe Mam Khoza. Ngokuthunywa umndeni sikwa Mhlabuyalingana ngokuhlala sidinga usizo. Sinenkinga yokuhlushwa idlozi okwa-kumele lithathwe umama wethu kodwa wagcine engalithathanga. Manje uma siyobheka kubantu livela kithina sonke sizingane zakhe kanye nakubazukulu imbala. Kumanje lento iyasihlukumeza emndenini ngoba sivalelekile ezintweni kangangokuthi akekho noyedwa umuntu osebenzayo layikhaya, akushadi muntu . Sididekile kumanje ngoba asazi uyena muphi umuntu okumele athathe lolubizo. Siyacela nisilekelele ngoba sesichithe izimali eziningi sizama ukulungisa lesisimo kodwa akulungi lutho,sibulawa nayindlala kumanje ngoba abantu sebasiqole kakhulu sivele singenalutho. Siyacela mamKhoza nisisize asinalutho esandleni kodwa sidinga usizo ngoba sigcine sesixa-bana ngasodwa sogcine sesibulalana kumanje asizwani egcekeni kunzima. Ngiyabonga, ngiyathemba sizosizakala. Okhathazekile Kwamhlabuyalingana

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 3 March 2025

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde- Sikhuluma ngezinso, sibuka umsebenzi walesi sitho emzimbeni womuntu, uma kwenzekile wathola ukuthi unekinga, ungasizakala kanjani.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngezinhlaka lapho amakhasimende angabika khona uma engagculisekile ngomkhiqinizo awuthengile esitolo kodwa wangaba phatha kahle. Sibika kuphi nokuthi ngabe soba khona yini isinxephezelo?

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 2 March 2026

#Jabulujuel - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokwazi amalungelo akho njengesakhamuzi sase Ningizimu Afrika

#Jabuljule - Ikhaya Lamaciko - Khethelo (KB) Maphumulo vs Likhona Nxele

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 26 February 2026

#Jabulujule - Ngikhulelise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no Pastor Bishop Thanda Zulu

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Ukwelapha kwesintu noma kwendabuko kuncike kakhulu kwesintu namasiko. Kunezinto ezisishayayo kanti amabomu bese senza okungekhona kanti kufanele sibheke ethongweni

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 24 February 2026
Mam Lady "D" ngomhlaka 5 December ka 2024 sabeka umfowethu omdala endliniyakhe yokugcina e West Park cemetery eGoli. Umfowethu ushone eseshade okwesibile.Esahlukanisa nomakoti wakhe omdala owayekade esemzalele izingane ezinhlanu. Eqinisweni ushonanje ubafo, ubesethenge umuzi khona eGoli ehlala nezingane angazizali zalomakotindini omusha nabazukulu bakhe, obengafunekuzwa lutho ngezingane zikamfowethu engazifuni kwangempela nalazihambekhona. Inqikithi yendaba okuyiyona engilethe kwi (Tea Time) umesuli wezinyembezi, yaqala ngalo usuku lomncwabo kwabakhona isigcawu laphoke umndeni kaloyomakoti wawusumeme abangani bawo abenze izifundo zobumeli, hayi! laphoke satshelwa emakhaleni sachaziselwa ngokucacile ukuthi thina zalo luka mufi Kanye nezingane zakhe asiyikuthola ngisho indwangu yokufinyale kamufi, ngisho nendibilishile emafeni. Ekuqaleni indodana kamfowethu endala ikhombise ukungafuni ukungenelela kwami kuloludaba, kodwa manje sengiyabona njengomzali ukuthi sekumele ngingenelele yingakho ngize oKhozini

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngengcindezi ekhungatha abantwana ngokwesimo somqondo ingakho kubalulekile ukubavikela ukuze bangakhungatheki yingcindezi yomqondo. (mental awareness) ukuqwashisa ngesifo somqondo. ( Children mental awareness) Ukhona udokotela uNomcebo Mthembu ongumsungulo nomqondisi wase Medilution clinic

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi -Ukubaluleka kokuba nomshwalense engathathwa ngabantu ukukhava imizi yabo namabhizinisi abo futhi sibheka izinhlaka lapho amakhasimende angabika khona uma engagculisekile ngomkhiqinizo awuthengile esitolo kodwa wangaba phatha kahle.

#Jabulujule - Notha ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma noTerry Mavundla ongumsunguli nomqondisi we Wisolve PTY LTD..okuyinkampani ebhekelela amanye amabhizinisi ngezochwepheshe, benza ama website , (ama mobile app) ..besinabo nangomsombuluko odlule: Namhlanje sizobheka udaba lokubaluleka kokuthi sigqugquzele izingane nentsha yakithi ukuthi ziqale izifundo zezobuchwepheshe ukuze bakwazi ukuqasheka kulesikhathi samanje.

#Jabulujule - Ncipha Bugebegngu -Sibheka indlela yokubika Uma kukhona okungalungile okwenziwa ngabomthetho, sibika kuphi kanjani nokuthi mina njengelunga womphakathi ngiphephe kangakanani uma kwenzeka ngibika.

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi uSjava

#Jabulujule- Ikhaya Lamaciko - Amekela Manqele vs Enzokuhle Nkosi

#Jabulujule - Ingxoxo no Skhinkily udume ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi enze ama(video) ecula izingoma kodwa ezenza ngendela yakhe

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 20 February 2025

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 19 February 2026

#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Reverend OT Dlamini oqhamuka e eMethodist Church of Southern Africa

#Jabulujule - Tea time no Lady D 18 February 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Wathwasa wasebenza kamuva kwavaleka. Wathwasa wahlupheka kunakuqala kwahamba konke enaninakho. Wathwasa uyasebenza kodwa izinkinga zikukakile. Wathwasa kodwa uginqigoqo. Kusuke konakelephi?
