
Jabulujule 9 -12
2,173 episodes — Page 3 of 44

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Basanda Mahlaba vs Thumekile

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 22 January 2026

#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu oqhamuka eUtterance of His Voice Bible Church Interna-tiona

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Uqalile unyaka siphindisele abantwana ezikoleni. Abanye bayaqala izosuka inkinga kubekhona okuthiwa bayehluleka ukufunda banezinkinga. Ezinhlanu izinto engingathi ake uqale uhlwaye kuzona uma umtanakho enenkinga

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 20 January 2026
Ngingowesifazane owazaleka ngaphansi kwesimo sokuthi ubaba wami washona umama esangikhulelwe. Kuthiwa kwakusewu 3 months. Wazila ke umama ekhulelwe mina. Kuthe mangikhula kwacaca ukuthi nginesinyama esikhulu. Kawaba nezinto ke ezishiwoyo okwakumele zigcinwe ngami. Kodwa kunento engangiyinothisa kumama ngathi wayengathandisisi ukugcina lezo zinto

#Jabulujule -Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu : Sikhuluma ngomdlavuza womlomo wesibeletho phecelezi Cervical Cancer

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibheka umthetho nokuqashwa kwabantu ilakhulukazi abokufika. Ikuphi okufanele kugadwe ngosomabhizinisi uma bezoqasha abantu bokufika

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sixwayisa abafundi ukuthi abaqaphele bangalingeki bangene ezenzweni zobugebengu esikhungweni semfundo ephakeme..abanye bagcine sebeboshwa

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Imbongi Enokuthula vs Lwazi Lwezinkondlo

#Jabulujule - Sikhuluma no Njabulo Shelembe ungumbhali nomqondisi wemimdlalo womoya owaduma kakhulu lapha em-sakazwnei UKHOZI FM lomdallo waziwa ngokuthi (SILAMBA NEZIGWILI) aphinde abe ngumbhali wemidlalo kamabonakude ube yingxenye yomdlalo uZALO, usebenze njengo mqondisi walomdlalo (as Casting Director): nakuyona I -Shaka iLembe, The Power, Reyka, Umjolo, The Right Thing, kumanje ungomunye wabahlungi babalingisi phecelezi lokhu okutthiwa yi casting director okulona ithimba labaqondisi bomdlalo Amalanga Awafani adlala kusona isiteshi sikamabonakude esihamba phambili esinezinkumbi zababukeli ngisho phela ungqa phambili wakho u SABC1.

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi 16 January 2026

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 15 January 2026

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no REV OT Dlamini oqhamuka e The Methodist Church of Southern Africa.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Singamakhambi okwelapha, amakhambi okuzelapha nokwelaphana. Ekugcineni kugezeke konke kuhlambululekelane. Imfihlo ijulike asiyiqondi.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 14 January 2026
Ngibingelele kuwena Mam Lady-D nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ngesonto eledlule ubaba uVVO Mkhize wakhuluma ngezibusiso ezivela kumzali, nokuthi impumelelo sikhanyiselwa yibo abazali njengoba kuqala unyaka nje. Mam Khoza angiphikisi lutho kule nkulumo kodwa esimweni lapho umzali engakufiseli okuhle, kwenziwa njani? Isintu sihamba sifike kuphi kubazali ekuthi noma izingane zabo zizama kanjani kodwa kungabi khona ukubonga nokuzifisela okuhle? Engathi uma uphumelela ungangemdluli yena. Abazali bethu bayasilimaza kakhulu kanti lolo hlangothi alinakisiswa kahle. Mina sengamukela ukuthi akukho engiyokwenzela umzali wami akujabulele, noma kuncane, noma kukhulu. Uyohlezi egxeka, ekhuluma amazwi amabi. Ngifisa amandla okuphuma ekhaya ukuze umoya wami ukhululeke. Uyakwazi yini ukungafiselwa lutho oluhle umuntu okuzalayo uze ucabange ukuthi uyena ovale iziznto zakho, lomuntu ngathi akafuni ukuk’bona uphumelela, ushadelwa noma uba nemali eningi..uma kwenzeka uba nazo lezinto ngathi zingatholwa nguye yedwa, hayi abanye abantu abaseduze kwakho, okusho ukuthi uhlezi enovalo lokuthi uzokhula umshiye…ngathi uphila impilo oweyifisa angazange afinyelele kuyona. Ithiwani into enjalo Mam Khoza , ngiyacabanga kodwa ukuthi angikho ngedwa kulento engikhuluma ngayo.

#Jabujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sibuka ingcindezi yesimo somqondo, ukutatazela emuva kokuthola imiphumela ka Matikuletsheni,

#Jabulujule- Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibheke amabhizinisi axhumene nezemfundo no - Sboniso Mtshali.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 12 January 2026
TEA TIME WITH LADY-D : Hi Mam Khoza nakumaleli woKHOZI FM ngiyaphila ngibhalamayelana netiye, empeleni ngiyasha ngicela usizo ningibonise nangezeluleko kunzima emshadweni.Ngicela ungifihle ngokuhlala ngise JHB nginomyeni owalobola akangaqeda wembesa akuphelelalanga,sinezingane ezintathu naye ngamfica eganiwe unonkosikazi emakhaya azange kwaba mnandi until nowbut akafuni sihlukane mina angisenalo uthando uthi ngadlala ngesikhathi sakhe esingakangimbambezela. Sengize ngiyamsaba ngisaba nokulala naye endlini mam khoza kuningi ngekengikwazi ukukubhala konke lapha angazi noma yimi engingazazi kahleKuyinkinga lokhu Mam Khoza angisazi ngenzenjani ngiwubikele umndeni wakhe nowami akafuniukuhlala phansi siwumndeni ufuna abantu angabazi ufonela nabefundisi bami angiphoxe kubo uthiAngi submit njengomfazi wehla embhedeni wayolala kowabantwana but icala sekungelamiunamagama Amabi towards mina wagulelwa inkosikazi yakhe, bamphuca imoto akaxoxi namuntungakho ������kubi konke kodwa manje umuntu othanda nemithi okholelwa kuyo nje kakhulu uthimina ngihlela ukumbulala ungikhuluma kabi ezinganeni zami ngiyesaba Thixo wami ngicelaningilekelele.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngezikhungo zemfundo ephakeme , ngoba kuzovulwa izikole kukhona osomathuba abalinde labo abadinga izindawo zokufunda.

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 9 January 2026

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Sandile Bhubesi Chonco vs BH DA Poet

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 8 January 2026

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Uma kuqala unyaka kuningi abantu abakwenzayo ukulungisela unyaka wabo kunamasiko nemikhuba abayenza ukulungisela unyaka wabo, ezinye zezinto ezibalulekile empilweni yomuntu ukondla umphefumulo, abantu banezinhlelo eziningi , namhlanje sithi umuntu akaqinise kulokhu akholelwa kukona, uma ushisa impepho ukhuleka kwabakini,ubika ekhaya ngezinhlelo zakho phambi kokuthi ubuyele emsebenzini Isibusiso sisekhaya

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 7 January 2026

#Jabulujule - Tea Time no Lady d 6 January 2026

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ukubaluleka kokuhlanza umzimba emuva kokudla izicofocofi ngamaholidi.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma no-Sboniso Mtshali ngezinto ekumele uzilungise uma kuqala unyaka ebhizinisi lakho.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 5 January 2025

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Kukhona abantu abawosomathuba abasebenzisa amagama amabhizinisi aziwayo nezikhungo zika hulumeni benze kube ngathi izona ezithi abantu abakhiphe izimali ukuze bathole umsebenzi.

#Jabulujule - Ingxoxo Ekhethekile - NoShwi Nomtekhala (24 DEC)
Sikhuluma nezinkakha nabaculi abayibekile induku ebandla, abaculi abasekhona namanje Shwi ogama lakhe umandla owakwa Xaba ehamba no Mtekhala ogama lakhe u Zwelenduna Magubane umfoka Magubane.. Kusukela ngonyaka ka 2001 beyibambile endimeni yomculo, ngiyacabanga banama albums angaphezulu kwayishumi nesithupha (16 albums Debamblsene, uzoknumbula baduma nge album ethi wang siza ubaba ngonyaka ka 2004.

#Jabulujule - Ingxoxo Ekhethekile - Sizokhuluma nesihlabani somculi sikhuluma no
#Jabulujule - Ingxoxo Ekhethekile - Sizokhuluma nesihlabani somculi sikhuluma noLwando ‘Jumbo’ waka Nyangiwe insizwa eqhamuka phansi eMzikhulu.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Indlela ephephile yokusebenzisa iziklwibhisi emphakathini kungabi bikho abantu abalimayo nokuphepha kwezilwane (Fireworks)
Indlela ephephile yokusebenzisa iziklwibhisi emphakathini kungabi bikho abantu abalimayo nokuphepha kwezilwane (Fireworks).

Jabulujule - Ithemba Alibulali 18 December 2025

#Jabulujule - Phila Saka - Sikhuluma ngobungozi bokudla zonke izicoficofi ezikhona uma kunomcimbi ngesikhathi samaholidi noMiss Kholeka Vilakazi ongudokotela oweluleka ngendlela yokudla ehlelekile , phecelezi iDietician

#Jabulujule - Ungaqala kabi kodwa usengaqeda Kahle….sino Scelo Mncube

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sithi abantu abaphephe ezindleleni ngamaholidi, bangaphuzi bese beyashayela ngoba bazoboshwa kungcole izithupha

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Namhlanje sivala unyaka kulona ikhaya Lamaciko no Snakho Danise vs Simphiwe Gasa

#Jabulule - Ikhosomba lezingcitha buchopho no Mbuso Khoza - Asibuyise ubuntu, asikhulume ngokubaluleka kwesipheko,ukunikela uma kukhona umsebenzi kwamakhelwane.

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 11 December 2025

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu oqhamuka e Utterance of His Voice Bible Church International eMandeni

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Isifiso esikhulu sika noma ngubani ukuthola abantwana. Siganile ,siganiwe noma kungenziwe lutho kumbe senilobolene nagcagca kodwa lutho abantwana abatholakali. Kusuke konakelephi?

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 December 2025

#Jabulujule -Mpilonhele Mpilonde - asibheke ukuthi abantu bangabhekana kanjani nokukhathala okubangwa izinto eziningi sesiyowugoqa unyaka, izinto ezinje ngokusebenza amahora amade abantu bengayi ekhefini.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu -sikhuluma ngobungozi bokuthi abantu abangaphuzi bese beyashayela

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Mfana kaMama vs King The Poet

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho - Sibheka impi yase ndonda kusuka, impi eyenzeka ngo 1856, eyenzeka endaweni ekuthiwa iseMandeni.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo -Ezihlahleni zonke uMvelinqangi wazidala zehluka. Kodwa kuzona zonke ,uke uzibuze yini isiqu sibesinye sixhantele ezimpandeni, kodwa uma sesikhula sihlakazeke phezulu. UMkhanyakude uke uwubheke ukukhula kwawo?
