PLAY PODCASTS
Jabulujule 9 -12

Jabulujule 9 -12

2,173 episodes — Page 2 of 44

#Jabulujule - Tea time no Lady d 11 March 2026

Ngingowesifazaneowakhuleliswa owesilisa owayengangithandi futhi engenazo izinhloso ngami, kodwawayefuna lokho ayeze ngakho. Ngebhadi ngakhulelwa lokho kwamphatha kabi.Waziqhelelanisa kiminengane.Ngakwamukela lokho noma kubuhlungu, ngathatha isinqumo sokuyocinga kubongenzele ukuthi ingane uma ikhula ilazi ikubo. Kwahamba kahle lokho ubazali bakhebajabula bathi ngeyabo ingane baya yamukela.Kodwa bacela ukuzwa ngaye. Akangasho lutho yena,Ukuze ngimkhulule ngacela I DNATest akaze avume nanamuhla. Nansi inkinga engicela ukusizwa kuyo.Ingane ikhulile ayimazi, iyahlupha okuzinkomba zosiko ngoba ekhaya kubo bayadebeza.Ngangi ngafisi ukugxila kusiko kakhulu, ukuze ngingamphoqi uyise ngimfake incindezi.Ngathathe ngendlela yesilungu ngayisa ko Dokotela bam Diagnose bathi 1.AutisticFeatures 2.ADHD kanye ne 3.Intellectual Disability. Ingane ina 11 years. Uphuza idepressants medication. Kodwa awelaphi lokhu okuqondene nosiko.Ngisacela ukuboniswa lana. Njengoba kungesikho ukuthi uswele amandla yingobaengathandi.Bakhona yini abanye besifazane abakhuleliswa ngabantu bengathandani nabokanti bebefeza izinhloso zabo. Uma ungomunye walabo banto ngicela ungitshele wenzanjani ngoba kusasa lomuntu uzoyifuna lengane angafuni ukuyondla namhlanje.

Mar 11, 202613 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Siyabonga Mhlongo vs Mthizozo

Mar 6, 202630 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 5 March 2026

Mar 6, 20264 min

#Jabujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Namhlanje sizokhuluma ngodaba lokuqondisa umuntu osedlulile emhlabeni esigcina sithi ulithongo noma idlozi asikaku-kuqondisisi kahle. Ziningi izigemegeme eziseyimvukuzane yemfihlo ngabo. Lukhulu esisaf-ihlelwe lona.

Mar 4, 202617 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 March 2026

Ngiyabingelela kuwe Mam Khoza.  Ngokuthunywa umndeni sikwa Mhlabuyalingana ngokuhlala sidinga usizo. Sinenkinga yokuhlushwa idlozi okwa-kumele lithathwe umama wethu kodwa wagcine engalithathanga. Manje uma siyobheka kubantu livela kithina sonke sizingane zakhe kanye nakubazukulu imbala. Kumanje lento iyasihlukumeza emndenini ngoba sivalelekile ezintweni kangangokuthi akekho noyedwa umuntu osebenzayo layikhaya, akushadi muntu . Sididekile kumanje ngoba asazi uyena muphi umuntu okumele athathe lolubizo. Siyacela nisilekelele ngoba sesichithe izimali eziningi sizama ukulungisa lesisimo kodwa akulungi lutho,sibulawa nayindlala kumanje ngoba abantu sebasiqole kakhulu sivele singenalutho. Siyacela mamKhoza nisisize asinalutho esandleni kodwa sidinga usizo ngoba sigcine sesixa-bana ngasodwa sogcine sesibulalana kumanje asizwani egcekeni kunzima. Ngiyabonga, ngiyathemba sizosizakala. Okhathazekile Kwamhlabuyalingana

Mar 4, 202616 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 3 March 2025

Mar 3, 202621 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde- Sikhuluma ngezinso, sibuka umsebenzi walesi sitho emzimbeni womuntu, uma kwenzekile wathola ukuthi unekinga, ungasizakala kanjani.

Mar 3, 202630 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngezinhlaka lapho amakhasimende angabika khona uma engagculisekile ngomkhiqinizo awuthengile esitolo kodwa wangaba phatha kahle. Sibika kuphi nokuthi ngabe soba khona yini isinxephezelo?

Mar 2, 202617 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 2 March 2026

Mar 2, 202610 min

#Jabulujuel - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokwazi amalungelo akho njengesakhamuzi sase Ningizimu Afrika

Mar 2, 202620 min

#Jabuljule - Ikhaya Lamaciko - Khethelo (KB) Maphumulo vs Likhona Nxele

Feb 27, 202621 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 26 February 2026

Feb 26, 20267 min

#Jabulujule - Ngikhulelise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no Pastor Bishop Thanda Zulu

Feb 26, 20265 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Ukwelapha kwesintu noma kwendabuko kuncike kakhulu kwesintu namasiko. Kunezinto ezisishayayo kanti amabomu bese senza okungekhona kanti kufanele sibheke ethongweni

Feb 25, 202622 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 24 February 2026

Mam Lady "D" ngomhlaka 5 December  ka 2024 sabeka umfowethu omdala endliniyakhe yokugcina e West Park cemetery eGoli. Umfowethu ushone eseshade okwesibile.Esahlukanisa nomakoti wakhe omdala owayekade esemzalele izingane ezinhlanu. Eqinisweni ushonanje ubafo, ubesethenge umuzi khona eGoli ehlala nezingane angazizali zalomakotindini omusha nabazukulu bakhe, obengafunekuzwa lutho ngezingane zikamfowethu engazifuni kwangempela nalazihambekhona. Inqikithi yendaba okuyiyona engilethe kwi (Tea Time) umesuli wezinyembezi, yaqala ngalo usuku lomncwabo kwabakhona isigcawu laphoke umndeni kaloyomakoti wawusumeme abangani bawo abenze izifundo zobumeli, hayi! laphoke satshelwa emakhaleni sachaziselwa ngokucacile ukuthi thina zalo luka mufi Kanye nezingane zakhe asiyikuthola ngisho indwangu yokufinyale kamufi, ngisho nendibilishile emafeni. Ekuqaleni indodana kamfowethu endala ikhombise ukungafuni ukungenelela kwami kuloludaba, kodwa manje sengiyabona njengomzali ukuthi sekumele ngingenelele yingakho ngize oKhozini

Feb 24, 202627 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngengcindezi ekhungatha abantwana ngokwesimo somqondo ingakho kubalulekile ukubavikela ukuze bangakhungatheki yingcindezi yomqondo. (mental awareness) ukuqwashisa ngesifo somqondo. ( Children mental awareness) Ukhona udokotela uNomcebo Mthembu ongumsungulo nomqondisi wase Medilution clinic

Feb 24, 202634 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi -Ukubaluleka kokuba nomshwalense engathathwa ngabantu ukukhava imizi yabo namabhizinisi abo futhi sibheka izinhlaka lapho amakhasimende angabika khona uma engagculisekile ngomkhiqinizo awuthengile esitolo kodwa wangaba phatha kahle.

Feb 23, 202614 min

#Jabulujule - Notha ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma noTerry Mavundla ongumsunguli nomqondisi we Wisolve PTY LTD..okuyinkampani ebhekelela amanye amabhizinisi ngezochwepheshe, benza ama website , (ama mobile app) ..besinabo nangomsombuluko odlule: Namhlanje sizobheka udaba lokubaluleka kokuthi sigqugquzele izingane nentsha yakithi ukuthi ziqale izifundo zezobuchwepheshe ukuze bakwazi ukuqasheka kulesikhathi samanje.

Feb 23, 202612 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebegngu -Sibheka indlela yokubika Uma kukhona okungalungile okwenziwa ngabomthetho, sibika kuphi kanjani nokuthi mina njengelunga womphakathi ngiphephe kangakanani uma kwenzeka ngibika.

Feb 23, 202616 min

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi uSjava

Feb 20, 202624 min

#Jabulujule- Ikhaya Lamaciko - Amekela Manqele vs Enzokuhle Nkosi

Feb 20, 202622 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Skhinkily udume ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi enze ama(video) ecula izingoma kodwa ezenza ngendela yakhe

Feb 20, 202621 min

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 20 February 2025

Feb 20, 20262 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 19 February 2026

Feb 19, 20265 min

#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Reverend OT Dlamini oqhamuka e eMethodist Church of Southern Africa

Feb 19, 20267 min

#Jabulujule - Tea time no Lady D 18 February 2026

Feb 19, 202610 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Wathwasa wasebenza kamuva kwavaleka. Wathwasa wahlupheka kunakuqala kwahamba konke enaninakho. Wathwasa uyasebenza kodwa izinkinga zikukakile. Wathwasa kodwa uginqigoqo. Kusuke konakelephi?

Feb 18, 202620 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma nge - Acid eseswini

Feb 17, 202638 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - uMongameli uCyril Ramaphosa ukhiphe isexwayiso kubaqashi baseNingizimu Afrika abaqasha abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi zokubhalisa. Sibheka ukuthi ngabe ibathinte kangakanani osomabhzinisi kulonyaka ka 2026

Feb 16, 202616 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuka ubugebengu lapho kusetshenziswa abantu abanama- akhawunti bethenjiswa inzuzo ngokuthi kusetshenziswe I -akhawunti yakhe umuntu,

Feb 16, 20269 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Siyabonga Mpungose uhamba namaciko amabili okungo Phakamile Khumalo kanye no Okuhle Sithole abaphuma e Arthur Blaxall School for Blind

Feb 13, 202626 min

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude 13 February 2026

Feb 13, 20262 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize

Feb 11, 20269 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - 11 February 2025

Ngiyabingelela Mam Dudu Khoza nethimba lonke laJabulujule.Ngibhala nje la kwehla izinyembezi ngidunyelwa ikhanda umuntu uhlale ecabanga ubsku nemini ukuth engab isimo soshintsha mhla kunini. Ngicel ungimemel abaholi bezemfundo baseKZN ukuthi bezochaza kahle ukuthi kungani kanti benga-siqashi? Zonke izifundazwe zihlalale ziwakhipha ama post isonto nesonto koda lutho leli lakithi kungani? Kuye kuthi noma umuntu ebona amapost akwezinye izifundazwe a nga-apply inhliziyo yophe kakhulu ngoba kusuke kuyi hand delivery iningi lamapost kulezo zifundazwe. Pho-ke umuntu ngisho kuthiwa uyathanda futh uya qualifaya kulezo zifundo inkinga iba semalini phela sihleli emakhaya asisebenz sihlola u R350 oya ezishebweni zasekhaya uphele ekubeni sineziqu. Ka-Education akukho ma-Learnerships & Internships okwenza kube nzima kakhulu ekubeni namasenti nespiliyoni ngoba phela iyona Kanye into esizayo ukuze akwaz umuntu ukubeka okuncane ebhange meliphela lelo toho ebese umuntu athathe loyo Mali ayo hand deliver ngayo ke kulawoma applications. Umbuzo engihlala ngizibuza wona ukuthi kungan ingavalwa iTeaching ezikhungweni zemfundo ephakeme zala KZN uma kuwukuthi amathuba emsebenzi awekho na? Abaholi Bala bazimisele ngani ngathi? sigugela emakhaya phela manje mina nje ngibheke ikhaya ngina 26 abomndeni bashona bonke ngeke kubuhlung bandla. Yimina ozithobayo Ongathandi ukudalulwa igama

Feb 11, 202619 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi -NgoJanuwari 2025, i-Companies and Intellectual Property Commission (CIPC)yamemezela uhlu lwezinkampani ezingahambisani nemithetho, yacela ukuthi zithumele izitatimende zobunikazi (beneficial ownership declarations) kanye nezincwadi zokubhalisa amasheya (securities registers) ngaphambi komhla ka-21 kuJanuwari 2025. Kwakuthiwe uma lezizinkampani zehluleke ukwenza lokhu ngaphambi komunqamulajuqu, zizovinjelwa ukwenza noma yimuphi umsebenzi ne-CIPC.szibalelwa ku 800 000 izinkampani ezazilengela eweni lokwesulwa emabhukwini alenhlangano (organisation)

Feb 9, 202616 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 February 2026

Ngingowesifazane ona 35, nowahlukumezeka kakhulu othandweni.  Ngendlela engahlukumezeka ngayo ngangithi ngeke ngiphinde ngiqome. Kuthe ngonyaka owedlule ngajwayelana nomunye wesifazane ngala ngihlala khona engangimazi ukuthi uthandana nobulili obufanayo. Sibe abangani isikhashana wabe esengicela ukuthi sizame ngakwezothando. Ayi bo, angiyazi mina impatho enje!. uyazi kwavele kwangathi ngiyaqala ngqa nokuba sebudlelwaneni. Angikaze ngizizwe kanje ngaphambilini ngisho ngisathandana nabantu besilisa. Into engihluphayo nokho ukuthi udaba ngizolubeka kanjani ekhaya ngoba balindele ukuthi ngigane kanti mina kangisazimisele nje neze ngabantu besilisa. Ngibonile ukuthi umuntu wesifazane uyacophelela ngenxa yokwazi izingqinamba esibhekana nazo kanti le enye I gender ayazi lutho futhi kayinandaba nanokwazi ukuthi yini ekujabulisayo futhi yini ekuphatha kabi. Ngiyafisa ukubika udaba ekhaya kodwa ngiyesaba.    

Feb 9, 202615 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Siqwashisa abantu ngezigebengu ezivela kubantu besifazane nabesilisa egameni lothando kanti bazobathathela izimali zabo zempesheni.

Feb 9, 202621 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Lwazi Khuzwayo vs Ibhunu Langa

Feb 6, 202624 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 3 February Customary Marriage PT 2

Feb 3, 202628 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ubungozi bokuphuza amaphilisi ngesiphuzo esihlwahlwazayo noma isiphuzo esinokshukela , lokhu kunomthelela ongakanani kuwona amphilisi nokuthi akwazi ukusebenza kahle emzimbeni wakho

Feb 3, 202639 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 2 February 2026 Customary Marriage

Ngingowesifazane ngisemnambithi, ngisacela ukubuza, nayi indaba siyizwa emsakazweni lapho kuthiwa uma 0wesilisa ecelile wayoloba sebethathwa njengabantu asebeshadile ngokusemthethweni, Mam Khoza njengoba umyeni wami wayelobolile ngaphambilini kokuthi athathe mina, wase eyahlukanisa nalowa wesifazane wangaphambilini ngabe lokho angeke kube nomthelela yini emshadweni wethu njengoba sishadile. Ngiyacabanga ukuthi angikho ngedwa onalokudideka mam Khoza sibaningi, siyadinag ukuthi sicaciseleke.

Feb 2, 202631 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuka ukuthi izingane zethu singazivikela kanjani ebugebengwini lapho zigcina zikhulelwa singakafiki iisikhathi ngokweminyaka noma lapho zidlwengulwa kanti kukhona abakhohlisi abakhohlisa izingane egameni lothand

Feb 2, 202624 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Avela Imbongi vs iJaji

Jan 30, 202628 min

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude no Slindokuhle Ngidi

Jan 30, 20263 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 29 January 2026

Jan 29, 20269 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Namhlanje sikhuluma ngemfihlo enkulu esifihlelwe yona nguMvelinqangi, iThongo neDlozi. Ubona ngezigemegeme ezisehlelayo bese sitshela ngomsuka kanti ukungazi. Sigcina sikhuleka sithwasa siphuma singena ezigodlweni kokunye senqabe. Lusehlele ulaka ngezindlela ezehlukune

Jan 28, 202618 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sibheka uzinzo nenhlalo yomfundi oyoqala esikhungweni semfundo ephakeme, ungenza kanjani ukubhekana nengcindezi njengomfundi oyoqala impilo entsha esikhungweni semfundo ephakeme.

Jan 27, 202616 min

#Jabulujule - Notha ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma udaba lesinqumo esithathwe inkantolo yomthetho sisekelo lapho esichaza ukuthi umshado wesintu iwona ohamba phambili , okusho ukuthi uma ugcagcile wathelwa ngenyongo , iwona mshado obhekwa kuqala kunalokhu okubhalwe phansi. Ngabe lomthetho sisekelo usho ukuthikubantu abashadile kodwa abawosomabhizinisi

Jan 26, 202613 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 26 January 2026

Jan 26, 202616 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokuqinisekisa imininingwane, nokudalula ukungahambisani noma ukwenza okungalungile kanti sizophindasibheke izindawo ezisemthethweni lapho abantu bengakwazi ukuthola isitembu esiqinisekisa ubuqiniso bezique nencwadi kamazisi nencwadi eqinisekisa indawo yakho yokuhlala phecelezi ( Validation of certified copies in South Africa(Certification of documents)

Jan 26, 202618 min