
Jabulujule 9 -12
2,173 episodes — Page 6 of 44

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Yini amandla nobungozi bezinkomo yoDondolo neBhoma onyongo zazo ziphakamisa owesifazane lapho egcagca , nobungozi balezi zonyongo.
Aug 27, 202515 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sekuphele iminyaka emithathu singezwani ekhaya kuthiwa mina ngiyathakatha. Ngicela ningisize njengoba senginukwe kangaka nje liyogezeka kanjani igama lami.
Mam Khoza sekuphele iminyaka emithathu singezwani ekhaya ngaphandle kwengxabano, lento yokuthakatha ngize ngayizwa 2 weeks ago ngizwa ngomtanami naye obekade engangikhulumisi kodwa osengikhulumisa manje uthi sebehambe abantu abahlolayo abahlukene bonke bakhomba mina bathi ngiyathakatha kodwa oyedwa owokugcina abahambe kuye ufike wabaphikisa wabatshela ukuthi cha angithakathi anginawo kwamuthi nje angiveli nakancane kwabaganga ekhaya. Lady D nabalaleli bomsakazo Ukhozi FM ngicela ningisize njengoba senginukwe kangaka nje liyogezeka kanjani igama
Aug 27, 202516 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngezinto ezidlulela ezinganeni zakho kusukela ingane uyithwele,
Aug 26, 202539 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Siyivulile inkundla kwabesifazane ukuthi sikhuluma ngezinto ezingaholela ekutheni ugcine usucindezelwa noma ukhungathwa izifo kanti konke lokhu kubangwa ingxabano nokungazwisisani kwenu ebudlelwaneni bezothando sizophinda sibheke ukuthi lokhu kuba nomthelela ongakanani empilweni yakho njengomuntu ngoba uyozithola unezifo ongazazi zibuyaphi kanti into ebeningayixazulula ngokuthi nihlale phansi nibe nendlela yokubhekana nezimo)
Aug 19, 202533 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 18 August 2025
Aug 18, 202515 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nenhlangano yabesifazane abagibela izithuthuthu abazibiza nge( The Ladies Behind Bars Female Bikers Forum) abasiza abantu besifazane abasejele uma bephuma izimpilo zabo zishintshe
Aug 18, 202530 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Okuhle Mngadi vs Qeen Zeeh
Aug 15, 202517 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ngokomthetho wesiko lesintu, unkosikazi ogcagcile ungumnikazi wamagceke
Aug 15, 202511 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Abantu besifazane abaningi bavakashelwa izinhlungu ezahkukahlukene. Ikhanda elingapheli, amadolo, isigcwagcwa belaphe badele ahlinzwe amadolo kubenhlanga zimuka nomoya. Konakelephi?
Aug 15, 202512 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sibuyela odabeni lowesifazane owathi umawakhe washona emva kokushaya inyoka.
Aug 15, 202512 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma noThando Gumede ongomunye wabantu besifazane abaqhamuke ne Robot elizosebenza njengo Thisha elaziwa ngo IRIS.UThandoh, wenze ezibukwayo kwezobuchwephesha ngendalo yakhe eshisa izikhotha kanti muva nje uqokwe njengoMiss Universe of Technology 24/25
Aug 12, 202517 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Ukubaluleka kokwazi ukuzimela empilweni ukuze uphile impilo engenazifo nengcindezi yomqondo nokhwantalala.
Aug 12, 202535 min

#Jabulujule - Notha Ujula Ngezamabhizinisi -Sibheke umthetho obhekelela nabesifazane ezinkampanini.
Aug 11, 202513 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Lerato Manaka okuyintokazi ezalelwe yakhulela endaweni yase Welkom, wangena ezenzweni zobugebengu emuva kokushona kuka baba wakhe, ngaleso sikhathi wayethi udlulisa ubuhlungu bokudlulelwa umzali kanti uLerato uzoqala uphuzo oludakayo ,wase ephuza ngokweqile okwamholela ekutheni esengena ezenzweni zobugebengu edudwa abangani wagetshwa iminyaka eyishumi nambili phecelzi (12 years
Aug 11, 202538 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Lesego vs Olwami Zide
Aug 8, 202525 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Sikhuluma ngomshana okhulele koNina lume ongamazi uYise ,siyabheka ukuthi ngabe akhona yini amashwa okungaqalazi komshana ebheka uYise wakhe.Ubani ekumele afune omunye?
Aug 8, 202510 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 7 August 2025
Aug 7, 202510 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Okuningi kuphambaniswa abazali bethu bese sishaywa izinkinga, ekugcineni singaqali kukhona kodwa sigijime siye kwabanamanga
Aug 6, 202514 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane umawakhe washona emva kokushaya inyoka.
Aug 6, 202522 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Nthelelo wakaSkhakhane odume ngelika Gandaganda
Aug 6, 202524 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D -Sikhuluma no Qiniso Manqele ongumsunguli nomqondisi wenkampani eqeqesha abaqaphi phecelezi ama security uMngeni Security Academy. Lena inkampani eholwa ngumuntu wesifazane endaweni yase Howick.
Aug 5, 202521 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhuluma ngezimo nezinto ezenzeka kubanu besifazane, ngokwendalo ezingaqondwa ngabantu besilisa
Aug 5, 202531 min

#Jabulujule -Ncipha Bugebengu -Sibheke ukuthi imaphi amacala afaka abantu besifazane emajele
Aug 5, 202518 min

#Jabulujule -Ikhaya Lamaciko- Olwethu Dube Vs Da Koena Poe
Aug 1, 202529 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sibuka ukubaluleka kokuthi owesilisa onguBaba owalesizukulwane esikuso aqale abe nezingxoxo nendodakazi ,ngodaba lokuya ezinsukwini zakhe nangobuhlungu lona wesifazane abhekana nabo ngalesi sikhathi. Sibuka ukuvuleleka kuka Baba nendodakazi ngodaba lokuya eiskhathini kuka ndodakazi).
Aug 1, 202518 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 31 July 2025
Jul 31, 20259 min

#Jabulujule - Sikhuluma noS'hlalo we SANTACO KZN u- Boy Zondi
Jul 30, 202513 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - uDr Nomcebo Mthembu uphendula imbizo yabalaleli.
Jul 29, 202534 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sikhuluma no Mbuso Zulu, emuva kweminyaka eyishumi esejele useyiguqulile impilo yakhe waqala inhlangano yakhe ebizwa ngokuthi yi- Ungashintsha esiza nabanye abantu abaphuma ejele bekwazi nabo ukushintsha izimpilo zabo.
Jul 28, 202538 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Melusi buthelezi vs Mbumba
Jul 25, 202523 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Injani Imiphumela yokuphathana kwabantu uma yonke indoda emzini wayo ingazibona njengomholi noma njengomongameli kwayo
Jul 25, 202526 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 24 July 2025
Jul 24, 20256 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Ekhaya sihamba ngendlela efanayo. Izingozi, isibhamu ukuduka. Sithi siyahlaba sishisa impepho kuhambe umuntu kugcine sekuthiwa asivale umkhokha. Siwuvale sehluleke kusuke kwenzenjani?
Jul 24, 202512 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - UDr Nomcebo Mthembu uphendula imbizo yabalaleli.
Jul 22, 202534 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sikhuluma ngokuhloniphana uma kwenzeka omunye wenu eshada noma eshadelwa ethola uphathina omusha
Jul 22, 202517 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Sibheke okuyibhizinisi kwabanye abantu kodwa okumthintayo usomabhizinisi, ukunakekelwa kwempilo. sibuka okubalulekile okumele ukwazi njengomqashi nomsebenzi uma kukhulunywa ngodaba lama medical aids
Jul 21, 202523 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Silwisana ne GBV nobugebengu nakuwona amadoda, sithi indoda ikhala kuphi futhi ilalelwa ngubani?
Jul 21, 202519 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje siphethe osonkondlo ababili ababhekane sigxile ekuphakamiseni nokutusa imisebenzi namagalelo ka Rholihlahla Mandela sibheka nokungeziwa ngomunye umuntu ukushintsha izimpilo zabantu. USibakazi LwamaChube vs Londi Imbongikazi
Jul 18, 202525 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Namhlanje sikhuluma ngomehluko phakathi kwekwehlambo nenhlambuluko, liyini ihlambo nokuthi yini inhlambuluko emndenini?
Jul 18, 202518 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 17 July 2025
Jul 17, 20254 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Ubudoda abakhulelwa. Inkunzi isematholeni. Nakuba kuzinsika lokhu ukukhula nokukhuliswa komfana ze abeyindoda kuncije kubaba nekhaya nendawo nesintu nesiko ne usiko. Kusenjalo?
Jul 16, 202513 min

#Jabulujule - Tea time no Lady D 15 July 2025
Jul 15, 202513 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde- Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu Sibuka izifo okumele uqinisekiso uktuhi uyazihlolela futhi uyaziqaphelisisa ukuze zingabi nobungozi empilweni yakho , ukuze usheshe uzigweme,lapha sikhuluma ngabantu besilisa
Jul 15, 202526 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma no Mpumelelo Zikalala ngobungozi bokuthenga uTshwala obungekho emthethweni.
Jul 14, 202511 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Reason Tholi owaboshwa iminyaka enganamashumi amabili nanye, beboshelwa ukuhlasela abebala elimhophe bebathathela impahla yabo,uthe uma efika ejele ngaphakathi wajoyina inhlangano eshintsha izimpilo zabantu loluhlelo lubizwa ngokuthi yi ( Akganang ), uqale lapho ukuba nothando lokulekela abanye abantu uthe uma ephuma ejele waqala wavula inhlangano yakhe elekelela umphakathi ebizwa ngokuthi yi( Raven on a mission -paying back to the community )
Jul 14, 202523 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Okumele owesilisa akumumathe uma esengene esigabeni sobudoda
Jul 11, 202517 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Imbongi Esakhula vs Yamkela Khumalo
Jul 11, 202537 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 10 July 2025
Jul 10, 20253 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Sinikwa okuhle amabhizinisi imisebenzi enhlobonhlobo nempilo kuchume makhathaleni kumfimfe kufadalale sishayeke. Kusuke sekonakelephi ?
Jul 9, 202518 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sibungaza Impilo neqhaza lika Mfiliseni Magubane Umalobola ngesheke emculweni wesintu
Jul 8, 202524 min