
Jabulujule 9 -12
2,173 episodes — Page 8 of 44

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Iqhaza lobuciko ekuthuthukisweni kwesizwe kanye nolimi.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesilisa odinga usizo ngodaba lesehlukaniso phakathi kwakhe noNkosikazi wakhe

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde. no Dr Nomcebo Mthembu -Kuleli sonto Lokuqwashisa Ngosawoti masizikhumbuze ngemiphumela eyingozi yokudla usawoti omningi futhi siqwashise amazinga kasawoti aphezulu ngokungenasidingo.Ikuphi okungamele sikwenze uma sipheka okumayelana nokusetshenziswa kuka sawoti

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Namhlanje sithi asibuke Iqhaza lamakhosi nezinduna ekulweni nobugebengu ezindaweni zasemakhaya.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Ngomane vs Uthingo lweAfrika

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – UmAfrika NeNkolo

#Jabulujule - iThemba Alibulali 15 May 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Ngikuvakashela zonke izinsuku kokunye kuze kweqe ngifike ngime phambi kwakho, kunokuthi ungincome ngizincoma mina okukhulu ngikhohlwe ukuxoxa nawe ngobumina.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sikhuluma ngodaba lokungenwa

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sibuka ushintsho olenzeka emzimbeni womuntu wesifazane uma eqeda ukuba nengane

#Jabulujule - Notha Ujula ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala -Sibuka umthelela wamabhizinisi asemkhakheni wezokuvakasha nokungcebeleka

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 12 May 2025
Mam Khoza Ngumlaleli wokHOZI FM ngalingeka ngaphuma ngaphandle emshadweni wethu, first day kumakhwapheni safike sahlala isisu ngasibika ke isisu kumakhwapheni wavuma akangaba nankinga ngabe sengibuyela back kumyeni ngamutshela ukuthi kwenzakale kanje ngamitha, kwaba buhlungu waphatheka kabi kodwa wasethi yena angeke ahlukane nami uzoqhubeka akwenze konke obekufanele akwenze ekhaya, UMyeni wami wathi angibuyele kumakhwapheni ngimtshele ukuthi ngangingabonanga kahle ingane akuyona eyakhe i-scan sisho okunye, nebala mam Khoza ngamtshela kanjalo akangayizwa kahle lendaba umakhwapheni kodwa wathula, ngapha waqhubeka umyeni waletha nenhlawulo ingezamagceke saqhubeka sathandana okubuhlungu manje umyeni sewadlula emhlabeni ingane isabiza yena kubo kamnyeni khona bayalwazi udaba ngoba ingane abayinakile nami angisebenzi kunzima nje.Sengize ngicabange ukuthi ngibuyele kubaba walengane wangemepla kodwa manje lengane kubo myeni wami bazi ukuthi eyabo.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - Sikhuluma noweslisa onenkinga lapho kuvela ukuthi waboshwa wadonsa isigwebo ejele kodwa uthi yena waboshwa kodwa akazange adonse isisgwebo ejele.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Cetywakazi vs Vuyo the Poet

#Jabulujule -Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ubumqoka bale nyanga njengenyanga yokubungaza inyanga yobu Afrika

#Jabululujule - Ezeshashalazi nomabonakude 9 May 2025

#Jabulujule - iThemba Alibulali 08 May 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize -Alukho uswazi nenhlupheko okujule njengo kwethongo nedlozi lomuntu. Kuhlula imithi. Uyokulapha uze uyofa ungasindi, uyoze uyoxolisa.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 7 May 2025
Ngiyabingelela mam Khoza kuwe nethimba lakho kanye nabalaleli.Ngicela ukungazisho igama futhiudaba lude kodwa ngizozama ukufinqa.Ngingowesifazane oseminyakeni yabo 40 okhathazekile ngekhaya lakithi okusolokhu sazalwaasiyiboni impumelelo kumnyama nje izinto azilungi sengize ngiphatheke kabi ngizwele nabazalibami ukuthi kanti bayokuthola nini ukujabula emhlabeni sengifisa ukuthola izaluleko noma usizomhlampe uma kukhona owake wabhekana nalesimo.Udaba lumi kanje ngokuzwa umama echaza okokuqala nje ukhulu ozala ubaba wayeshadilengaphambi kokuthi ashade futhi kithi manje asazi noma lapho ayeshadele khona wagcagca yiniesigcawini ngoba ngike ngizwe kuthiwa uma umakoti eganile wathelwa ngenyongo usukeesewalapho kulowomuzi noma angashada kwenye indawo usuke ungekho lowomshado manjeinkinga ukhulu asimboni ngisho emaphuphweni even nobaba imbala akamboni eyingane yakhekodwa kulezinyanga ezedlule ke uke wavela kumama ngephupho elijulileManje siyazibuza ukuthi ngabe ngempela akekho yini emadlozini asekhaya shuthi ukulomshadowokuqala yini Bese kuba okunye okwenzeka umama esanda kufika emshadweni wakhe ngobaukhulu wami wayehlala kamnakwabo engenawo umuzi wakhe ngoba wayegula efe uhlangothiengakwazi kwenza lutho kwaphoqa ukuthi uma abazali bami beshada bashadele khona lakamnakwabo kaKhulu kwathi ngelinye ilanga kwabizwa inyanga uthi umah kwabaswa umliloomkhulu endlini kwabekwa idrum kowo kwafakwa imithi phakathi nayo yonke inhlobo yesikhalikwase kuthiwa laba bakamnakwabo khulu abafake imali emhlophe phakathi kwase kwathiwaukhulu nomama nobaba nobabo mdala owumfowabo kababa bona abafake imali emnyamaokwathi uma ubaba esebuyela emsebenzini ngoMsombuluko wafike waxoshwa kuthe kusenjaloubabomdala wathi esemsebenzini enkompolo kwangena umuntu negeja wamgenca waze washonakusuka lapho zabheda izinto ekhaya.Mam Khoza lude udaba lwami kodwa ngiyacela uma kukhona ongangipha izeluleko ukuthikwenziwanjani uma kunje? Ngiyabonga ngiyothokoza uma lufinyelele udaba lwami kuwe.

#Jabulujule _ Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa onenkinga noMama wengane yakhe. Umama wengane akafuni ukuthi lowesilisa ayibone ingane futhi ingane yazi ukuthi ubaba wayo.
Ngibingelele Kuwena Mam Khoza nakumlaleli womsakazo UKHOZI FM, ingama lami ngingu Jabulani wakwa Masikane, ngingumshayeli wetekisi ngineminyaka engamashumi amathathu nesithupha (36 years) , ngidabuka endaweni yase Nquthu Ezicole, ngathandana nowesifazane wakwa Dabhazi, ngonyaka ka 2014, ingane wayithola ngonyaka ka 2015, lona wesifazane wathola omunye wesilisa bathandana kanti mina wasengixoxele ukuthi sengimkhulelisile kuthe engathola umntwana wathi angeke anginike lomntwana mina ngingu lopholo.Ngonyaka ka 2020 umngani wakhe oyedwa wangakubo wangifakela isithombe sengane wathi isono lesi lengane eyekho alivele inqiniso ngazama ukufonela yena lo wangixhapha ngezinhlamba ngathinta indonda yakhe ngayifakela izithombe zami nesengane yabuya Kimi nge voice yathi Cha mfowethu ngiyabona mina nezithombe ngiyazibona, lendoda ayina nkinga nanokuthi siye engazini inkinga la ilomama ozala lengane akafuni nakungibona kodwa asixabananga ngibona ukuthi ubamba indoda yakhe ngengane akezwa lutho nje. Mina ngizokhokha izindleko zolibo fuzo uma evuma ukuthi sibone ngegazi kodwa yena uyalazi iqiniso ukuthi eyami.Ngimile nje lapho , ngicela nje nisixhumanise Mam Khoza, ningincengele yena lona wesifazane.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhulume ngezifo ezithinta isikhumba phecelezi (Eczema )

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 5 May 2025

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala -Sibheka udaba lobumqoka bokuba nomuntu oqeqeshelwe ukweluleka ngezezimali uma ungusomabhizinisi noma ungumsebenzi

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sibuka ezokuphepha uma kunemidlalo ezinkundleni zebhola, ukuphepha kwabantu, ukuphea kwezimoto, kunezigebengu ezihlezi zibhekile. ukudayiswa kwamathikithi angekho emthethweni angabophisa, ukupaka izimoto endaweni engaphephile

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Qhawekazi vs Thando Mkhize

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Umahluko phakathi ko kusebenzela impilo nokuqashwa ube ngumsebenzi

#Jabulujule- Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane othi uMama wakhe akuyena uMama owamzala, uthole ukuthi wamuntshontsha eCreche esamncane.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 1 May 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Sibaningi sihlushwa ukutshelwa ukuthi sizinkinga nje ingoba ogogo bethu baqholiswangwa. Lokhu kuhamba kuvale izinto zethu . Kulungiswa kanjani lokhu?

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Isikhumba sakho sixoxa indaba enkulu ngawe, kubalulekile ukuqaphela okudlayo, okuphuzayo, okugcobayo.

#Jabulujule -Notha Ujule ngezamabhizinisi - Asibheke imithetho nemicikilisho eyayibekelwe abantu abamnyama kwezamabhizinisi emuva kokuthi sithole inkululeko

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma noMmeli uMpumelelo Zikhala sixazulula inkinga yowesifazane onenkinga ngesihlukaniso(divorce) sakhe.
Ngikubingelele Mama wakwa Khoza nakumlaleli woKHOZIFM.Ngingumuntu wesifazane osemncane.Indaba yami imi kanje, ngishade nomuntu onguthisha kwesinye sezikole eziseNquthu. Emshadweniwethu akuhambanga kahle ngenxa yezinkinga ebesinazo kulomshado wethu ngagcina sengihamba ngabuyela ekhaya. Ekuhambeni kwami mam Khoza ngibe sengithola umntwana. Kuthe ngonyakaodlule ngafaka isicelo sesahlukaniso(divorce)mina, ngathola ummeli wakwa (Legal Aid)okungabammeli bakahulumeni abakwazi ukuk’mela uma ungenawo Amandla okukhokhela abameli.Kuthe kule nyanga esikuyo manje nje ngo (April) ngabizwa kwa (Legal Aid) ummeli wamiezongifundela into eyayibhalwe umkhwenyana wami. Yayibhalwe ukuthi angeke akwazi kunginikau50% wami ngoba ngithole ingane umshado wethu use on.Ngagcina sengitshela ummeli wami ukuthi akusona isizathu leso ngagcina ngiyikhanseliledivorce.Into enginenkinga nayo kuthe ngesonto eledlule ngafonelwa ummeli wakwa (SHAHEEDABDULA) eVryheid okungummeli kamkhwenyana ethi ngingazitholi sengisuke ngendlelaengingayazi emshadweni wami ,ngisho ngingangeza mabengibiza bazoqhubeka nesahlukaniso.Ngibhala ngoba ngididekile lapha ngiyazi kukhona nezazi zomthetho ohlelweni Mam Khoza, ngicelaumuntu owaziyo angilekelele kulokhu, ngicela ukubuza nakumlaleli woKHOZI FM mhlampe owakewabhekana nalenkinga ,ngifisa ukuwazi ukuthi kuyenzeka yini isehlukaniso siqhubeke omunye wenuengekho. Ngisacela usizo makukhona onolwazi ukuthi ngingaya kuphi ngiyobikalenkinga.Ngiyobonga kakhulu ngosizo ongathandanga kuzidalula….

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngodaba lokuboshwa komuntu ongaphansi kweminyaka eyishumi nesishagalombili (under 18 years) , uthini umthetho wezobulungiswa wase Ningizimu Afrika.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Mafahleni Wesizwe vs noShayimamba

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Kuyi nyanga yokubungaza inkululeko namalungelo abantu, ngabe siyazihlupha na ngenkululeko kamoya?

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude no Slindokuhle Ngidi

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 24 April 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Mina kuthiwa kwakufanele ngithwase ngisemncane ngacelelwa kwathiwa kuyavalwa ngilinde ngiqede esikoleni. Ngabe kuyicala yini ukuthwasa usemncane ngabe yikho izinto zami zingahambi kahle ?

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 April 2025
Mama wakwa Khoza ngibhalele ku Tea time ngoba ngixakekile,Ekuzalweni kwethu asigcinelwanga usiko lwako malume, kanti nobaba wethu wayengasi hlawulanga. Zike zabakhona izingqinamba eziningi engike ngahlangabezana nazo, bengiloku nginganaki ngoba bengingako hlakaniphi kangako futhi emuva kokudlula emhlabeni kuka gogo akekho obezikhathaza ngathi, ngisho nezihlobo bekungebona abantu esingakhalela kubo.Isimo sasekhaya asisihle indlu iyanetha kuningi kakhulu okudinga ukulungiswa nakubona ubudlelwane bezothando kuyabheda manje angazi noma lokhu kuba nomthelela yini ngoba vele kungalungi yonke into. Mam Khoza umsamu wasekhaya usufana nento engekho.Ukuze kuqaqeke izinto kumele kwakhiwe indlu yabantu abadala, ngiyafisa ukwazi ikuphi okwenziwayo uma wenza lomsebenzi? Ngicela ningicebise ukuthi ikuphi okwenziwa ngokulandelana kwazo

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngezindlela ongazosebenzisa ukubhekana nomkhuhlane kulesikhathi sasebusika.

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Lisho ukuthini iphasika kuthina bantu ezimeni esibhekane nazo. Sibuka iphasika ukubaluleka kwalo, Singaselapha kanjani isizwe sisebenzisa umoya wephasika

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Imindeni eminingi namhlanje ayingenelani ngenxa yezinto abatshelwa yona uma behamba kogobela. Okuningi kungukuqhatha kunokuba kube ukweluleka, ukufundisa, nokwelapha. Kungakho imindeni eminingi seyanquma ukungayi esangomeni

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhuluma ngesifo sokopha ngokweqile noma ukopha ngokungajwayelekile (Haemophilia)

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sibheka udaba lowesilisa okhala ngokuthi unkosikazi wakhe uyahlobonga kanti nezingane zakhe zimkhuthaza ukuthi akathole omunye unkosikazi .

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Bhengu no Ayanda Msweli - Sikhuluma ngezokuphepha ngamaholidi ephasika, ezokuphepha ezindleleni, ukuphepha kwezimoto nemboni yamatekisi

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Anele Khena Vs Anotha Njilo

#Jabulujule - Ezeshashalazi noMabonakude - uNqubeko Nzimande ositshela ngamathuba kumabonakude, aphinde asitshele kabanzi ngezindaba esingazilindela ku SABC 1 news
