PLAY PODCASTS
#Jabulujule - Tea time no Lady d 11 March 2026

#Jabulujule - Tea time no Lady d 11 March 2026

Jabulujule 9 -12

March 11, 202613m 18s

Audio is streamed directly from the publisher (traffic.omny.fm) as published in their RSS feed. Play Podcasts does not host this file. Rights-holders can request removal through the copyright & takedown page.

Show Notes

Ngingowesifazane
owakhuleliswa owesilisa owayengangithandi futhi engenazo izinhloso ngami, kodwa
wayefuna lokho ayeze ngakho. Ngebhadi ngakhulelwa lokho kwamphatha kabi.Waziqhelelanisa kimi
nengane.Ngakwamukela lokho noma kubuhlungu, ngathatha isinqumo sokuyocinga kubo
ngenzele ukuthi ingane uma ikhula ilazi ikubo. Kwahamba kahle lokho ubazali bakhe
bajabula bathi ngeyabo ingane baya yamukela.
Kodwa bacela ukuzwa ngaye. Akangasho lutho yena,Ukuze ngimkhulule ngacela I DNA
Test akaze avume nanamuhla. Nansi inkinga engicela ukusizwa kuyo.
Ingane ikhulile ayimazi, iyahlupha okuzinkomba zosiko ngoba ekhaya kubo bayadebeza.
Ngangi ngafisi ukugxila kusiko kakhulu, ukuze ngingamphoqi uyise ngimfake incindezi.
Ngathathe ngendlela yesilungu ngayisa ko Dokotela bam Diagnose bathi 1.Autistic
Features 2.ADHD kanye ne 3.Intellectual Disability. Ingane ina 11 years. Uphuza i
depressants medication. Kodwa awelaphi lokhu okuqondene nosiko.
Ngisacela ukuboniswa lana. Njengoba kungesikho ukuthi uswele amandla yingoba
engathandi.Bakhona yini abanye besifazane abakhuleliswa ngabantu bengathandani nabo
kanti bebefeza izinhloso zabo. Uma ungomunye walabo banto ngicela ungitshele wenza
njani ngoba kusasa lomuntu uzoyifuna lengane angafuni ukuyondla namhlanje.