PLAY PODCASTS
Jabulujule 9 -12

Jabulujule 9 -12

2,295 episodes — Page 19 of 46

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 April 2024 - Sikhuluma noGogo okhala ngodaba lomzukulu wakhe ongena birth certificate eyashiywa kuyena uma wengane , wayishya inenyanga ezimbili izelwe, uam ebukisisa kahle noMawengane qobo lwakhe akanawo umazisi kodwa waphuma nengane esibhedlela asazi kanjani.Uzosichazela uGogo.

Apr 10, 202415 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngesifo sama gallstones, sibuka ukuthi ayini, futhi angelapheka kanjani, ungawagwema kanjani ama gallstones, aphatha umuntu onjani?

Apr 9, 202430 min

#Jabulujule - Tea time no Lady D 8 April 2024 - Sikhuluma ngodaba lowesifazane okhala ngokuthi uhlaselwe izilwane, zilala naye ngisho nasemini libalele, manje uthi lento isiphazamise ngisho nempilo yakhe yezothando, usechithe izimali ezinkulu ezama ukuzelapha manje usithi ake aze khona lapha kwi Tea time ku Jabulujule ukuze abone ukuthi akukho angasizakala ngakho.

Apr 9, 202416 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Uthini umthetho uma kuhlelwa unyaka omusha kwezama bhizinisi

Apr 8, 202420 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibheka ubugebengu bobuthathelwa imoto, uphinde uthathelwe nemali yakho yonke ebhange.

Apr 8, 202435 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Lena yingosi entsha lapho esizonikeza amaciko ithuba lokuqhakambisa amakhono abo ngokuhlukahlukana, lapha sizovukuza sizokwakha sizonikeza amaciko ithuba lokuziveza ebalazweni kanti umuntu esizosebenzisana naye kule ngosi uSiyabonga Mpungose ongusonkondlo, umphathi wezinhlelo, umethuli wezinkulumo ezakhayo esebenzisa ubuciko bokubhala

Apr 5, 202431 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho no Mbuso Khoza

Apr 5, 202416 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 4 April 2024

Apr 4, 20246 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo-Sithola ukudla komphefumulo no Pastor Lungi M oqhamuka ngaphansi kwe Kingdom Life Ministries International.

Apr 4, 202410 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 3 April

Apr 4, 202413 min

#Jabulujule - Ingono yomsamo no Dr VVO Mkhize - Inhlambuluko, ukuthelelana amanzi, ukukhumelana umlotha, ifindo langunaphakade uma lingaqaqwa, emndenini, kuwena nasesizweni. Pho siliqaqa kanjani?

Apr 3, 202411 min

#jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - sikhuluma ngesifo esaziwa ngokuthi yi-Autism, lesi yisifo lapho kuphazamiseka ubuchopho,okwenza kube nzima indlela axhumana ngayo umuntu, indlela acabanga ngayo

Apr 2, 202425 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Njengoba sibuya ephasikeni sithe ake sibheke umnotho osemabandleni noma ezinhlanganweni zezenkolo.

Apr 1, 202423 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 April 2024

Ngiyabingelela Makhoza nethimba lakho, Ngicelaungifihle kulenkinga engibhekene nayo engidla nsuku zonke ngingatholiukwelapheka Mamkhoza ngicela ukuqala ngokuba ngizisole mina ngoba kuze kufike laphauqobo lwami engahlulwa isimilo nokwenza ngazithola ngisenkingeni Ngingowesilisa oneminyaka engu 34 ngingene othandweni nowesifazaneesithi masilingane naye , bekukuhle othandweni lwethu lo wesifazanengimfice enengane eyodwa eneminyaka emihlanu (5yrs) ingane yakhe Lenaibingikhonzile kakhulu futhi isikwazi nokwenza I video call ixoxe nami Kuthe ngisothandweni nalona wesifazane ebengijabule ngaye naye ejabulengami saxoxa ngahamba ngavela kubo bangamukela kwakuhle ngakhokhaengakukhokha ngenhloso yokuqhubeka, ngenxa yebanga nokuqhelelana ngamatoha ngibe sengizithola ngilingeka ngaba sothandweni nomunyewesifazane owabe eseduze nalapho ngihlala khona. Ngelinye ilanga intombi yami lena engayovela nasekhaya kubo wavelewakhetha uzoa engashongo lapho engihalal khona nokwathi wafikawangithola nginomunye lo walapha eduze endlini, eyi ngazisola kakhulukwamlimaza umuntu wami lokho kwaya kwaya kwavele ukuthi umuntu wamilo engaziwa kubo uzethwele, ngaleso sikhathi ngazisola ngaxolisa kumuntuwami kwaba sengathi uyamukela isixoliso sami Kuthe Uma esethola umtwana lo ongowami ngaya ngambonakwakuhle,emveni kwalokho wabe esengitshela ukuthi empeleni yenauyahluleka ukumelelana nalento engayenza ngiphinde ngixolise ngizithobengizame konke ukumkhombisa ukuthi ngangilingekile Cha akangakuzwalokho. Ube esengitshela ukuthi kusuka manje akasathandi ukuba ngizobona inganeyami ngoba le engamfica nayo iyaphazamiseka emqondweni ilokhu ithi babaKimi kanti yena akasekho kulokho akasafuni ukuthi ingibize ngoBaba, kwabanzima kodwa ngamukela ngase ngicela ukuthi okungenani Ade engazisangomtwana ocingweni ngoba usemncane, kwaba ngathi uyavuma kwadlulaizinsukwana wangitshela ukuthi ngeke yena akumele ukuthi ngihlale ngibuzangengane okuncono angilinde akhule akwazi ukuzikhulumela ngobesengixhumana naye .. kwabanzima kakhulu Ngicela abalaleli bangeluleke ukuthi kwenziwa njani Uma kunjena kumanjeangazi kwakuthi unjani umtwana ngoba nasezincingweni sengiblockiwe nakwiwhatsapp ngibuhlungu ngoba ngiyafisa ukwazi ngomtwana ,yebongonile Mam Khoza ngiyazi kodwa manje ungivale ukuthi ngibone nayoingane, akasangazisi nookuthi ingane injani, imali yokuthi akwazi ukuthiayinakekele ingane ngiyayithumel akodwa mina nagivumelekile ukuthi ngizwe ukuthi ingane yami injani.NGIYABONGA Ongathandanga ukudalulwa

Apr 1, 202411 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sikhuluma ngendlela ephephile yokudayiselana into eseyike yasebenza ngaphambilini(buying a second hand product) noma ukuthenga into kumuntu ongayazi ukuthi iqhamuka kuphi

Apr 1, 202424 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Lisho ukuthini iphasika kuthina kuthina njengama Afrika. Singalibuka kanjani.

Mar 29, 202417 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngezinhlobo nhlobo zekhanda elibuhlungu, ukwazi umehluko kubalulekile ukwenzela ukuthi uma sekuqala into ongayiqondi ukwazi ukushesha uyelaphe ngendlela ekuyona

Mar 26, 202425 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D. 25 March 2024

Mar 26, 202417 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokuphepha kwezingane emakhaya ngesikhathi samaholidi kuvalwe izikole.

Mar 26, 202441 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhuluma ngezinhlobo nhlobo zekhanda elibuhlungu, sifuna ukwazi ukuhlukanisa lezinhlobonhlobo zekhanda, ukwazi umehluko kubalulekile ukwenzela ukuthi uam sekuqala into ongayiqondi uyakwazi ukushesha uyelaphe ngendlela ekuyiona yona.

Mar 19, 202423 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi -Ukubaluleka kwamalungelo abasebenzi nokulandela izibopho zakho njengomsebenzi naye umqashi ngokunjalo

Mar 19, 202412 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -sikhuluma ngodaba lesibhamu somuntu osedlulile emhlabeni,senziwa njani.

Mar 19, 202415 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngobungozi be- Hitch Hiking.

Mar 12, 202423 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Namhlanje sibuka ukubaluleka kwezinso emzimbeni womuntu nomsebenzi wazo nokuthi singazinakekela kanjani ukugwema ingozi yokuphathwa yizo okungaphenduka amahlalakhona.

Mar 12, 202427 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Ukuqonda isivumelwano nemithetho yenkampani Uma kuyibona abakufundisile. Kusho ukuthini kuyona inkampani nakuwena njengo msebenzi?

Mar 11, 202421 min

#Jabulujule - iThemba Alibulali 7 March 2024

Mar 7, 20246 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D- Ingxoxo no Bheki Ngcobo owaziwa nge-HHashi Elimhlophe.

Mar 5, 202422 min

#Jabulujule -Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngokunakekela umlomo okungakusiza ungabi nenkinga yephunga elingelihle kahle noma unuke umlomo .

Mar 5, 202422 min

#Jabulujule -Sibheke udaba lokuhlukaniswa kwefa uma nishadile kodwa oyedwa wenu ezisebenza noma enebhizinisi okanye unamasheya ezinkampanini ezahlukene.

Mar 5, 202419 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 15 February 2024

Mar 4, 20247 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Zicinywa kanjani izithupha ezingcolisekile ngenxa yokutholakala unecala, kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi zikwazi ukusulwa izithupha, uma kuqhubeka unenkinga ngenxa yezithupha ezingcolile ikuphi okumele ukwenze?

Mar 4, 202434 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 29 February 2024

Feb 29, 20247 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Izingane eziningi namhlanje zithi sezizelwe bese ziba nezinkinga ekukhuleni kwazo. Ezinye zithathe kancane ukukhuluma, ezinye umqondo usalele kuneminyaka yengane, ezinye zigcine ziba nesifo sokudlikiza.

Feb 29, 202421 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu

Feb 28, 202423 min

#Jabulujule - Notha ujule ngezamabhizinisi - Uthini umthetho uma sibuka labo abasemkhakheni wezamabhizinisi, siphinde sibuke nohlangothi lomuntu owumsebenzi.ukhona ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala ATTORNEY’S

Feb 26, 202411 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Ukubaluleka kokwazi izindawo lapho ongayothola isitembu esisemthethweni sokuqinisekisa amaphepha phecelezi ( validation of certified copies and their duration ).

Feb 26, 202433 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Thokozani Zuma odume ngo TK Zuma uThisha wesizwe ezinkundleni zokuxhumana.

Feb 23, 202427 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Yini engaba wudosi oluwu gabagonsi ekufiphalisweni kweqhaza lobukhosi? Ngabe kukuphi la ubuholi bomdabu obungaqinisa khona ukuqinisekisa ikusasa labo?

Feb 23, 20249 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Izingane ezimbili uMandla noThando bazalwe ngesikhathi esifanayo emndenini engefani. UMandla ukhule kubo kusengwa kudliwa amasi kodwa namhlanje akanalutho. UThando solokhu azalea into Okuthiwa inhlupheko ilala vuka kuye kuze kube namhlanje.

Feb 21, 202417 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibheka udaba lobungozi lokuphathwa kwezikhali abafundi ezikoleni.

Feb 19, 202438 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza- sibuka ukuthi ubhekana kanjani nezinselelo zanamuhla ezidinga izixazululo zanamuhla kodwa libe isiko lakho lithi kumele wenze lokho okungahambelani nesikhathi ophila kusona.

Feb 9, 202413 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 8 February 2023

Feb 8, 202410 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize- Umama wakho ukuthole esemncane, namhlanje useyagana, usegana nawe, ekuganeni nawe usekubiza ngesibongo salapho eganele khona. Usukhulile usunezinkinga uyathola ngalokhu, maphutha mani esiwenzayo sesithi siyalungisa.

Feb 7, 202421 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Isimo sezulu esikuguquguqukayo esinomthelela ekutheni abantu baphathwe yi influenza nokuthi abantu bangenza kanjani ukubhekana nayo influenza.

Feb 6, 202419 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngokubikwa komuntu olahlekile noma odukile.

Feb 6, 202427 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Thandeka Mzobe odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ko Tik Tok ngamaVideo akhe ahlekisayo.

Feb 2, 202426 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbus Khoza

Feb 2, 202412 min

#Jabulujule -Ingono Yomsamo no Dr VVO MKhize - Sibuka okungaba yimbangela yokuthi ingane kumbe umntanakho abe nezinkinga kusukela ekhula, esikoleni kanye nasempilweni yakhe nalapho esekhulile. Sifisa ukubuka isikhathi esiningi okuzimbangela kakhulu.

Jan 31, 202418 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ubungozi be Hubbly Bubbly ne Vaping.

Jan 30, 202422 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibheka izndlela izinkampani ezingalekelela ngayo abasebenzi ukuthi baqhubeke baphile ngisho noma sebethathe umhlalaphansi emsebenzin.i

Jan 29, 202418 min