
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 20 of 46

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Ukubulawa kwamalungu omndeni ebulawa ngelinye ilungu ngoba bebheke ukuzuza imali yomshwalense.

#Jabulujule - Ingxoxo nosaziwayo u Cici ongumlungisi aphinde abe ngumdansi. Udume ngezingoma zakhe eziningi ezinjengalena ethi Hamba Juba, Thula, Runaway

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Subuka ukuthi iyiphi noma izibhadu ezashiywa yimpi yase Sandlwana uma sibheka isimo ngqondo somuntu ompisholo

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 25 January 2024

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize- Kuningi esingakunaki kodwa okufanele sikwenze makuqala unyaka. Izifiso zethu izingane eziyoqala ezikoleni abaphuma beyofuna umsebenzi. Konke sikubeke emathembeni. Yini okufanele siyenze ukuze siphumelele kulokhu

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma noLinda Norman Mfekayi oyilunga lomphakathi eselizakhele igama ezinkundleni zokuxhumana kodwa akagcinanga ngokuba nedumela ezinkundleni zokuxhumana nje kuphela usephinde waqala umkhankaso wokuqoqa izicathulo nemifaniswano yabafundi azoyihambisa emakhaya ahluka hlukene..lomkhankaso ubizwa ngokuthi (1MILLION PAIR OF School Shoes Campaign

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - sibheka indlela yokunakekela umuntu wesifazane ozithwele noma okhulelwe phecelezi ( lokhu okuthiwa yi Maternal Health Awareness Day)

#Jabulujule - Ingxoxo no Silindokuhle Mlondo owumsunguli nomqondisi webhizinisi elilekelelela abantu ngamaphepha adingekayo uma ufuna ukufaka izicelo zomsebenzi ezweni lase China .

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi -Sibuka Amacebo noma izindlela zokukhangisa izikhala zomsebenzi eziphephile ezingalekelela umphakathi ukwazi ukuhlukanisa isikhangiso esiyiqiniso nesingombombayi no -Mpumelelo Zikalala oqhamuka wka Mpumelleo Zikalal attorney’s.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sixwayisa ngezikhungo zemfundo ezingekho emthethweni noma ezingabhalisiwe nomyango wezemfundo phecelezi bogus colleges.

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza

#Jabulujule - iThemba Alibulali 18 jan

#Jabulujule - Deda Slingo uthole ukudla komphemfumulo no Dr Nelisiwe Zimu

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Ingxoxo no Sipho Magwaza onguthisha nhloko esikoleni iJohn Dube kwaMashu.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Imiphi imizamo esingayenza njengabazali ukulekelela abantwana bethu ukuthi bajwayele ukudla okunempilo ikakhulukazi njengoba bebuyela ezikoleni.

#Jabulujule - Sibuka amathalente ezingane zethu ezisemalokhsini. Sikhuluma no Sanele Nkosinathi Sikhakhane, ongumsunguli nomqondisi wenkampani yezamafilimu endaweni yase Ntuzuma, bazibiza nge Sasenathi Studios. KULAPHO ABAQOPHA EMINYE YEMIDLALLO EDUMILE EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA Ku- YOUTUBE iBIZWA NGOKUTHI ABAFANA THE BOYS VS AMANTOMBAZANE THE GIRLS.

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 11 Jan 2024

#Jabulujule - Deda Slingo uthole ukudla komphefumulo no Pastor Sthembiso Zondo

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Izifo ongazigwema ngokunakelela impilo yakho

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sixwayisa ngabantu ababolekisa ngemali banyuse ngokweqile inzalomboleko yemali bese bethatha nomazisi kanye namakhadi abantu asebhange abantu ahlale kubo

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibheka ukuphepha kwabantwana njengoba bezobuyela ezikoleni, ukuphepha kwezimoto zoMalume. Abazali bayalwenza yini uphenyo ngalezi zinto ngoba kubalulekile.

#Jabulujule - Back to my Roots - Siyawuvala unyaka siyagoqa subuka unyaka ka 2023 ukuthi ubunjnai, siyacikoza no Siyabonga Mpungose

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Namhlanje sibuka usuku lomhla ka 16, sikhuluma ngempi yase Ncome yimpi ka Zulu namaBhunu,eyalwa hla ziyishumi nesithupha kuZibandlela ka 1838, Ngaphansi kobuholi beNgonyama uDingane kaSenzangakhona , ayefolosa kuyo ngamaqhawe oNdlela kaSompisi wakwaNtuli, uNzobo kaSobadli wakwaNtombela nabanye. Sibuka ukuthi lolusuku lubaluleke kanjani kubantu bakithi,uma silugubha silugubha kanjani

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize -Ukubonga kungukubonga kwabangasekho, umdali nakwabaphilayo. Kukhona kokubili senza imicimbi eyehlukene. Abazali izingane siyabonga sithi : I Thanks giving. I-Thanks giving Kungukubonga abaphilayo nokubonga abangasekho kwehluke kanjani?

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 14 November 2023

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D- Ingxoxo nomculi wokholo uJumbo

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ubungozi bokudla yonke inhlobo yokudla ebekwe phambi kwakho ngalesikhathi sonyaka phecelezi lokhu okuthiwa yi (Binge-eating disorder) .

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 11 Dec
Ngibingelele Mam Lady-D kanye ne thimba lakho,ngingumlalel wokhozi FM... ngicela ukungadalulwa igama ..ngino Baba wenganesisebancane sobabile ngina 20 iminyaka no mntwana wethu usemncane, mina MaKhoza ngaqala ukudla imishanguzo yesandulela ngculaza from ngisazalwa kodwakusukela siqala ukuthandana kwami naye azange ngimtshele ukuthi ngidlaimishanguzo ngoba bengingazi nokut singagcina siba nengane nokuthi uzimisele yiningami nganingakaboni lutho, namanje ngisamfihlele, kodwa manje lento iyangidlaangazi ngizomtshela kanjani ngoba sixabana njalo sibanga nento engekho manjengiyasaba angazi ngizomtshela kanjani ... Kodwa ngibona sengathi uyangithandakodwa ukumtshela angazi ngizomtshela kanjani ngicela owake waba nenkingaenjengalena angisize angicebise , ngiyazi angingedwa baningi abantu abangakazebabatshela ophathina babo ukuthi badla imishanguzo yesandulelangculazi..Ngiyazibuza kulabo abaphumela obala babatshela, bona benza kanjani ..ngiyabonga Mam Khzoa nakumallei woKHOZI FM.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sibheke izitokofela - Izitokofela zemali, ezokudla, kanye nomasigcwabisane. Sifuna ukwazi ukufeza isifiso sakho ngesitokofela, Wenza kanjani ukuthi ugcine lokho okusebenzele kanzima. Sifuna ubheke izivimbelo ezizovikela isitokofela enisidlalayo.

#Jabulujule - Ukushayela ngobudedengu okungaholela ekutheni kudlule abantu emhlabeni bese kuthiwe ubulele ngokungenhloso phecelezi culpable homicide .

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 7 December 2023

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize -:Lenyanga yethiwa ngelika Zibandlela, ngempela zonke izindlela zilala ibuyane. Imvelo iyaqoqana, Ithina siphindela emakhaya siyobonga esikuzuzile ngezindlela ezehlukile. Ngabe kuyini ukubonga kusemqoka kangakanani, sibonga kubani, sibonga ini?

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 6 December 2023
Ngiyabingelela mam Khoza nethimba loKHOZIFM nomlaleliohmab phambili, ngenkinga Mah angazi noma ngiqale kuphi angazi,ngingowesifazane ona 29,ngifundile nje impela yikho nje ukthi umsebenzi angutholi. Nayi inkinga yami Mah, ngi first born ekhaya sizalwa sibabili, ubaba sewashonasasala no Mah, uBaba wayeyi phoyisa, sasijabule ekhaya then wa cheater uBaba ,emuva kwalokho lokho impilo yajika waba physical abusive ku mama wethu...Kwaze kwaba uyadlula emhlabeni uBaba ngo 2009.(angazi noma ngifela ukufana nobaba yini)Sakhula nje sikhuliswa uMamah ngaphasa uMatric ngayofunda Ongoye, by Godgrace ngathola I bursary ngaze ngaqeda ukufunda.Into eyenza ngithi uMah uyangizonda nayi, lomfana pngilamayo ongilamayo una 23unezingane ezu 4 zonke lezingane zonke zondliwa umama, wathi emithise leyesithathu ngathi mina akabuye esikoleni azogada ingane yakhe " amazwi ka mamaathi ngeke abuye ngoba uzophazamiseka esikoleni" nakhona uze ayofunda eNkandlaingoba ubesehluphile ezikoleni ezingasekhaya, bayiletha abokubo kantombazane lengane Ine nyanga eyodwa nje VO,Ngiyazama ukwenza yonke into ukujabulisa umama but not even once wake wathiuyabonga, ngonyaka ka 2022 July kwaphuma imali kwi policy ka Baba it was thatmuch kwaku R12000 uMama mina wanginika uR200 wayithatha leyomali wenzela loongilamayo ukuthi ambulwe ingubo, 2023 May kwaphida kwaphuma enye imaliwanginika R500 yena wamnika R3500 excluding le enikwa Lezi ngane Zakhe ezu 4.Noma nginganzama uMah asoze mina wangikhetha uncamela abantu bangaphandlekunami, angiqashwa ngisho ezindawen ezidinga only Matric, kwathiwa nginenkingayemimoya/imimoya ka mama ayiganiswanga, uMama uyazi kodwa akakhathali, 2weeks back ngicele ukuthi angiphe imali yokuya kwa Nongoma komunye uBabawesiZulu okuthiwa uyasiza... Wangnika u R200 a day after lapho lo ongilamayowafona, umah wamfakela R1500 same time.Mah lendaba inde futhi ngiyabon amandla asengiphelele, ngicela ningsiza...uma kunjkwezniwa njani.Abazali bethu bayasiqatha ngendella abaenza ngayo, ukuthibasikhethe basibangela inzondo engenzsidingo ngoba akasiphathi ngendlela efanayonjengezingane zakhe. ..Ngicela ukuzwa kumlallei nakwabanye abazali ukuthi intoenje yenziwa njani? Angibonge futhi ngixolise ukuba mude mam KHOZA.

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Ingxoxo no Ayanda Msweli ongumsuli nomqondisi we nhlangano engenzi nzuzo i-Ayanda Msweli foundation, ungumethuli wezindaba zezemigwaqo khona lapha emsakazweni Ukhozi FM. Unohlelo olisiza abantu abangathathi ntweni, uhlelo lubizwa nge “Iconsi Ibhakede” lapho abantu befaka lokho okusenhliziweni ukusiza abantu abangendawo zokulalala.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Ubuhle nobungozi bokusebenzisa izikhuthazi ezinikeza umzimba amandla uma usebenza ngokweqile (Coffee,IV Drips and energy drinks)

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Ukubaluleka kokwenza umbiko wezemali ebhizinisini. Lokho kungokunye kwezinto ezisemqoka ekukhuliseni ibhizinisi nokubheka ukuthi ibhizinisi lisebenze kanjani onyakeni.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Izindlela zokuphepha ekhaya mangabe usele wedwa ngesikhathi samaholidi.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ungusaziwayo odumile (celebrity) ufundile usemkhakheni othize womsebenzi, kokunye usemncane, gwiqiqi selithi ithongo dlula kithina thwasa, ukweqe amehlo ngabe siyakuqonda lokhu

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngobungozi bokuphuza utshwala ngokweqile.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 28 November 2023
: Sawubona sis Thembeka, ngiyabingelela kuwena nomlaleliwoKHOZI FM. Ngike ngizwe niyabasiza abantu ababhekane nezinkingaezahlukahlukene khona lapha emskaazweni. Ngicela usizo lana, ngiyintombazeeneminyaka ewu 29, ngaba nenkinga ngadlwengulwa ngabantu engibabizangokuthi ngoMalume , babili labantu , konke lokhu bakwenza ngesikhathi ngihlalakubo emakhaya.Ngicela ningisize ngolibo fuzo phecelezi DNA test, ngidinga nokuthi bajezengabakwenza kumina futhi kunengane eyaba umphumela yalokhu okuthi mangabeingivakashele ngiyibuke ngivele ngibone bona ngqo abenzi bobubi,umoya wamiawuzixoleli, sengike ngazama nokuthi ngithathe impilo yami kodwa akuphumeleli, nginokuzinyanya abakwenza kumina. Sebake bazama ukungisizaesibhedlela kodwa angikhulumanga ngokuningi, ngidinga nokululekwa minanengane yami, kunjalo nje nengane abayinakile iyasokola. Ngiyafisa ukuyixoxaindaba ngomlomo wami ngicela ningifihle igama lami.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi -Uthini Umthetho kwezamambhiznisi

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngodaba le GBV Desk kuma police stations neqhaza elibanjwe ngama GBV desk emphakathini. Sikhuluma no Brigadier Bhengu Sikhuluma oyinhloko yakwa SAPS esifundazweni saKwazulu Natal ophikweni le-Criminal Record and Crime Scene Management (Kwazulu Natal)

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngesifo soshukela iDiabetes.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngemigomo ebalulekile ekufanele ukuthi ilandelwe ngamabhizinisi avelele namatasa kakhulu ngalesikhathi sonyaka(Compliance) no Mpumelelo Zikalala ophuma e Zikalala Attorneys

#Jabulujule - Tea Time no Lady 15 November
Sawubona mamkhoza ngicela ungifihle nginenkingaLana ngihlushwa umntwana, ingane yomfana enenminyaka ewu 15,uyaganga kakhulu ungenelwe ubugebengu utshotsha imali angene emziniyabantu ayiboleka, kuningi mam Dudu akwenzayo, uganga kakhuluamaphoyisa athi ( he is under age) udinga ama (social worker) if ngiyakuwo awangisizi nawo. Ngihlukumezekile kakhulu emoyeni ngisanda kwedlulelwaumama ongizalayo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwathiwa une depressionnayo edalwe nguye lomntwana ethatha imali kamama, even nase bankuthatha imali ayitransfere, Umama washawa istroke ne depression wadlulaemhlabeni,manje uhlukumeza wonke umuntu even ekhaya angisazi manjesengifisa ngisho ukufa makunje angisazi ngenze njani ngisizeni, ngidinganingicebise ukuthi ngenze njani makunje.Lommntwana uno 15yrs amaphoyisa awangisizi ngicela usizo noma Ilanaokugcinwa khona abantwana abangezwa please manje nami angikho safetylana engikhona kufika umphakathi uzomfuna ngilele ebusuku angisazi manjengenze njani. Ngicela ningisize ngingenza njani uma kunje ngoba lomuntuusazokhula manje ngiyabuka kusaya phambili nalomkhuba. Anonymous.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Sinezinkinga nje kunabantu abazalwa ngokubikezelwa, abazalwa ngokucelwa , abanye abayimbuyisa yokuzaleka bengamanxiwa akudalo, abanye beyimpinda. Nakuba kunjalo ikhona lemfihlo yendlela ozaleke ngayo, ekudalela izinkinga onazo.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma no Mpumelelelo Zikalala from Zikalala Attorney’s sikhuluma ngemikhiqizo engombombayi, sibuka umthelela ongemuhle emnothweni wezwe.
