PLAY PODCASTS
Jabulujule 9 -12

Jabulujule 9 -12

2,176 episodes — Page 21 of 44

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi ka-Maskandi u Gadla Nxumalo.

Jul 12, 202317 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 11 July

Nginengane ena 16months izelwe kodwa ayikaze ilubhade kubo Yise ngenxayokuthi akazange ahlawule uBaba wengane.Ngiphuma ekhaya elinomthetho uBabaakathintwa, nokuthi angixoshwanga ingoba mhlampe ngase ngenza unyakawokugcina eVarsity. Umah uyena owakwazi ukungikhulumela kuBaba ngobashukuthi ngangizohlupheka nengane ngaphandle. Umlisa lona selokhu wathembisa lokho lokho ukuthi uzoza ekhaya ezovela .Ubuntombi bami bathathwa uyena waphinda wangikhulelisa. Wayelokhuengithembisa ukuthi uzoza ekhaya azovela aphinde ahlawule negane, laphongangisamithi kuze kube namhlanje lutho.Into engicikayo ukuthi uyasebenza kahle futhi umondla kahle umntwana, uphathaama phone abizayo awo 18k kodwa uhlulwa ukukhipha imali yenhlawulo, ugqokaizimpahla ezibizayo.Uhlezi ehamba izindawo zobumnandi unemoto. Mam Khozaabanye abantu besilisa angibazi bacabanga kanjani, uphila kanjani wazi unenganeongakaze uyibone ngamehlo uyigcina ezithombeni kuphela, ujabula kanjani,ukhululeka kanjani emoyeni. Angisazi ngithini kuyena ukuthi aze kohlawula nami futhi sengiphelelwanayithemba ukuthi uyoze ayilungise eyami indaba uma esehlulwa ukuhlawulaingane yakhe. Mam Khoza ngingumuntu wesifazane, ngiyashelwa phandle kodwangiyazibamba kodwa yena ngathi udlala umacashelana ngapha omakhelwanebayangikhuluma ngathi kukhona into engibakweleta yona, ungibukanisanomphakathi.Ngingumuntu obekezelayo,abukho ubudlelwane obu perfect Mam Khoza emuvakokuthola ngomzala wakhe ukuthi ukhuleliswe enye intombazane yaduze nasekhaya kubo ngavele ngaphoxeka ngoba nganginokuya kubo ngiyovakashaleyantombazane iyangazi kanti nayo ingenza isilima. Lokhu kokuthi ubesemithisileangizange ngibatshele ekhaya ngoba phela kuqondane nami bona ekhayabakhuluma udaba lengane.Ngisho esekhulelise omunye umuntu ekhaya angizange ngibatshele, ekhaya bamingento eyodwa ukuthi akahlawule ingane uam efuna ukuyibona ,uBaba ume ngentoeyodwa uthi angeke ayibone uzoyigcina ezithombeni kuphela. Ingane ihlala nathiekhaya, uma siyothenga ngihlezi ngihamba nabazali bami sekungathi yinganekaGogo kanti eyami ngendlela abayitahnda ngayo, angikwazi ngisho kungathiwaufuna ukuyibona ingane angeke ngikwazi ngisho nokumbonisa.Manje ngibuye ngibe nokumzwela uma esemphostile ku facebook. Ngike ngazamango May ukuthi asihlangane eMall leso sikhathi esincane ukuze ambone umntwana wajabula ukumbona umntwana manje ngiphinde ngishawe unembeza wokuthiekhaya abazi ukuthi sengiphinda ngibonana nalomlisa ocishe wangixoshisa ekhayangenxa yokuthi akafuni ukwenza into eright. Ngiyamthanda impela kodwauyangiphoxa. Angazi noma isenzo sami asizomenza agcine engasayiphatha eyokuza ekhayaangazi. Ngiyazi ekhaya balandela isintu kodwa I feel ukuthi bacindezela ilungelolengane ngoba I don’t want my child to experience ukukhula engamazi uBabawakhe, kube ngathi abazali abekho sikhona sobabili. Ngifuna ingane yami ibenobudlelwane noBaba wayo kodwa kunzima ngoba umthetho wasekhaya umile.Bengicela ningibonise ngenze njani ,sicela abazali basikhulule ngoba ekugcinenikuhlukumezeka izingane uma bona sebehambile ngoba ingane ayikaze yenzelwalutho nalana ekhaya uqinile umthetho kanti kubo Baba wengane benza izintozesintu, iyona nto ahlezi engithusa ngayo ukuthi ingane yami izoba nenkinga kodwaakafuni ukuhlawula angisazi ikuphi ekumele ngikwenze.

Jul 11, 202318 min

#Jabuljule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma nensizwa esencane u- Sfundo Gcaba ongumsunguli noqondisi wenkampani ebizwa ngokuthi yi Lite Brium , okuyinkapani efuna ukuza nesisombuluko kulesikhathi esinzima sokucima kogesi (Load shedding).

Jul 11, 202311 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma no Dr Nomcebo Mthembu ngesifo somdlavuza esiphathwa abantu besilisa esithweni sabo sangaphambili (Prostate Cancer)

Jul 11, 202325 min

#Jabulujule - Ijadu leAfrica - Mbuso Khoza - kumele kubekhona umkhuleko kubongwe amaqhawe asala empini yasoLundi cwecweni, eyayiphakathi kwamangisi nesilo uCetshwayo(07 kuNtulikazi 2023)

Jul 11, 20235 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 July

Ngahlangana nowesifazane ngisayi security , yayizofaka CV la ngangisebenza khona.Yakhula ke into yethu, sathandana emsebenzini babengazi kodwa wakhulelwasilokhu singasho ukuthi kwenzekani. Yazalwa ingane yentombazane, lento yokuthiumuntu ungamazi isismo sakhe sempilo ngoba vele uam nithandana ngesinyeisiskhathi ezinye izinto ziyasalela ngemuva singabuzi kanti usisi udla medicationyokhwantalala, kwakuyimfihlo yakhe ukugula, wengazange angitshele. Inkinga iqale emuva kokuthi esebelethile, wabeletha ngomthungo, into engixakayo ,ngikutshela ukuthi losisi wevele atahndaze into engapheli , ehle enyuka endlini enzaiziznto ezishaqisayo aqoqe izinto afune uzishisa azifake umlilo. Ngaze ngafowunelausisi wkahe kulapho owangichazela kabanzi ngalokugula. Wasethi angibizeamaphoyisa noma ngibize abantu abanamandla ngoba manje angazi Amandla uveleawatahthephi ukuthi simbophe kuze kube ukuthi uyehla abuyele esimeni , manjengesabela ingane yami, ngayithatha ngayihallisa no Gogo wayo umama wami. Ngangiqala ukuthi vele zehle izinyembezi ukubona into enjeyana, umuntu vele agulengekhanda ubuka, ashise izimpahla phambi kwakho, nasemsebenzini bazebamkhulula ngoba bebona ukuthi uzoba yingozi kuyena nakwabanye abasebenzi.Udaba olukanje lunzima kumina njengengendoda ngoba ingane yenza u grade 2ayazi kwenzekani ngoMama wayo angikaze ngasho lutho kanti uMama wayowenokufika ezoyibona ngingakatholi omunye umuntu. Ngizamile ukuqhubeka nempilo ngithole omunye umuntu wesifazane, sinezingane ezimbili manje, okungikhathazayo uphelile unyaka ngingamboni uMah wenganeyami yokuqala,ngapha lona wesifazane engithandana naye uyaluziba loludabalengane, akafuni kuzwa ngoba ingane yami ihlala no Mah ekhaya ukuze kungabikhoizinkulumo nokuxabana. Ngicela ningibonise, ngane yami izokhula ingamazi uma wayo, yebo akaphililengokomqondo kodwa ngiyafisa imazi uNina wayo ingane, ingagcini izwa ngabantu. Okhathazekile.

Jul 10, 202320 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Ukufa ngengozi ngesikhathi uzijabulisa noma nizithokozisa ngocansi.

Jul 10, 202322 min

#Jabulujule - Ijadu leAfrica - Mbuso Khoza - Impi yasoLundi Ocwecweni, eyayiphakathi kwamangisi nesilo uCetshwayo (07 kuNtulikazi 2023)

Jul 7, 20235 min

Ezeshashalazi nomabonakude kuJabulujule - Nqubeko Nzimande noBaby Cele (07 kuNtulikazi 2023)

Jul 7, 20239 min

#Jabulujule - Deda slingo noMfundisi uVuyi Mkhize (06 kuNtulikazi)

Jul 6, 202311 min

#Jabulujule - Tea Time noLady D (05 kuNtulikazi 2023)

ozifihlile igama uthi ukhathazekile ngomfowabo oshadelwe ngowesifazane oseke washada kabili was honelwa abakhwenyana!

Jul 5, 202322 min

Ingono yomsamu noDokotela uVVO Mkhize - Yini elindeleke kubaba njengendoda ekhaya ekusimamiseni impilo, ingcebo, ikusasa, nokukhula komndeni (05 kuNtulikazi 2023)

Jul 5, 202316 min

#Jabulujue - Tea Time no Lady D 4 July

Ngiyabingelela kumndeni woKhoziFM , Lady-D nabalaleli ngihlushwa ngomunye wesifazane engine nganenaye, ngicela ulwazi nginengane ezimbili komama abahlukene kodwaasisekho ebudlelwaneni nalona wengane yokuqala. Ngicele umama wengane yokuqala ukuthi sengifuna ukuhlenga (lobola)ingane yami ukuze izokhululeka kuthi noma kwenzakalani kodwangibashiye esibongweni sami ngokusemthethweni kokwe sintu nesiko, MamKhoza ngibhalelwe incwadi Ena 3pages kfuneka 6 wenkomo iyodwaR10 000, ezimbili R8500 no 9000 kuningi izibizo zelobolo zonke zikulencwadi.Angisazi noma ufuna ngimlobole yini ngenkani ngoba phela into yethuyaphela uyazi kukhona lona omunye umama manje angisazi nomasengilobola yena yini ngenkani. Àngazi noma kunzima yini ukwamukelakuyena ukuthi sengila ngikhona namhlanje ngiyadideka.Ngicela abalaleli nabanolwazi bangibonise ukuth kusayikho kodwa ukuhlenga ingane noma sekudlalwa ngami lengane ngiyenzela konkekodwa ngibona nenkomo yesondlo Noma sefuna ngimlobole naye.Amadoda asemadala ngiyacabanga angakwazi ukungeluleka kule nkingaengibhekane nayo. Ngasho ngakucacisa ukuthi sehlukene nginomunyeumuntu manje Uma sekubhalwa ngathi ngilobola yena angisazi.

Jul 4, 202315 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Ingxoxo Nompumelelo MaNxasana Mncwabe iSenior Manager eTransnet Engineering aphinde abengumsunguli ye M & E Sustainable Solutions.

Jul 4, 202324 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu- Sibheka izifo ezingabangwa yingcindezi yomqondo phecelezi lokhu okuthiwa yi-(Stress) .

Jul 4, 202324 min

#Jabulujule - Tea time no Lady D 3 July

Jul 3, 202316 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Njengoba kwiyiyanga yabantu besilisa sikhuluma no Brigadier Bhengu sibheka izinhlobo zezindlela zokuzibulala ezisetshenziswa kakhulukazi ngabantu abesilisa,

Jul 3, 202329 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Ukuba yiphoyisa lomuntu onsudu kanye nokugcinwa kwesiko nezigameko ezinyantisa igazi abhekana nazo kodwa engagezi noma engagezwa ,ngabe lokhu kunamthelela muni kusasa?

Jun 30, 202314 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ukuphumelela nokuhlupheka kwengane yomuntu omnyama. Uzomangala kusezandleni zabantu abayisikhombisa.

Jun 28, 202320 min

#Jabulujule - Njengoba kwiyiPride Month sikhuluma no Nomalizwi Mhlongo. uNomalizwi Mhlongo, waqala uhlelo lokuthi uzoshintsha ubulili bakhe, kususkela ekubeni ngowesilisa abe ngowesifazane phecelezi lokhu okubizwa nge transgender.

Jun 27, 202320 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngama Ulcers no Dr Nomcembo Mthembu

Jun 27, 202325 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma no Silindokuhle Mlondo wakuleli owumsunguli nomqondisi webhizinisi elilekelelela abantu ngamaphepha adingekayo uma ufuna ukufaka izicelo zomsebenzi ezweni lase China, inkampani yakhe ibizwe angokuthi yi( SLI M-CONSULTING)

Jun 26, 202317 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Namhlanje emhlabeni jikelele usuku ekuqwashiswa ngobungozi bezidakamizwa. Sibheka umthelelela wezidakamizwa emphakathini nasemndenini, nobugebengu obenziwa umuntu osebenzisa izidakamizwa.

Jun 26, 202314 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza- Ezigabeni zokukhula komuntu ngabe kusho ukuthini ukukhuliswa kwengane.

Jun 23, 20237 min

#Jabulujule - Deda Slingo no Dr SE Ngiba oqhamuka e Evangelical Lutheran Church in Southern Africa e- Durban Circuit.

Jun 23, 20239 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 22 June

Ngingowesifazane oneminyaka engaphezulu kuka 50owaba sothandweni nowesilisa owayengayisho iminyaka yakhe, enqabanokuveza iPasi lakhe. Ekugcineni uvele waduka nje wangafona wangasholutho ngazama ngancama ukuxhumana naye kodwa lutho. Kudlule isikhathi wavela engumoya noma ngithi ulokhu evela emaphupheni ami, ngesinye isikhathi emini mangihamba uvele ngimbone enamathele kubantuabehlukene engizohlangana nabo, lapho ngimbona ngedwa abanyeabamboni.Ngagcina ngayombuza ekhaya kubo ngaficukuthi sewashona.Kubo bathi angizogeza ukuze bamususe Kimi. Inkinga nganele ngayogezawavele wakimi qobo ngihamba naye yonkindawo.Sengifisa ukwazi ukuthiangasuseka yini Kimi noma kungalunga ngivele ngocela Kubo ( Bamulobolelengishade naye ngokugcwele? Iyenziwa yini leyonto Odidekile

Jun 22, 202313 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO MKhize - Kunezinto othi usaphila kahle zivele zikwehlakalele. Usebenza uvele uxoshwe, ekhaya imfuyo izinkomo izimbuzi kuyafa. Nichithe igazi kudlule umuntu abanye bafihla omunye emva komunye. Kusuke konakelephi?

Jun 21, 202312 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngesifo i-Anemia no Dr Nomcebo Mthembu.

Jun 21, 202319 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Thokozani Langa

Jun 21, 202314 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 19 June

Ngingowesifazane ona26 nginomntwana oyedwa ngihlala nobabaongizalayo,no mamncane kanye nama siblings ami amabiliUmamncane washada no baba 15 years ago futhisonke lesiskhathi bengimhlonipha umamncan kakhulu. Inkinga iqale 3 years back umamncane esephuza ngaloluhloboengingalwazi ubephuza ngokufihla since ekhaya kukholwa kodwa manje senzakakhulu. 3 years back waletha indoda emzini ka baba ezophuza nayowaythola lendaba ubaba baxabana wamxolela ubaba. Manje mamkhoza last year umamncan athi angimkhaphe ayemshadweniwakubo masfika aphuze kakhulu athi sogoduka kusasa ebusuku egumbiniesaslele kulo ngaphaphama ngilele embheden naye umamncan kodwaumehluko ukuthi umamncan wayenza ucansi nomlisa thizeni ngashaqekangalesenzo.Ngaphinde ngambhaqa esegumbini lam lokulala ekhaya benza ucansinomngan wakhe oyintombazane ngathula ngangasho lutho nayeakangibonanga and manje nje siyile kwi groove wafike waqabula indoda kamnganwakhe..mamkhoza sekukningi manje akwenzile kanti nenhlonipho isiyangokuphela ngiyasaba ukumtshela ubaba ngoba uyamthanda wathi akaziboniephila ngaphandle kwakhe kodwa iyanginenga lento ngoba akahloniphi namiuqobo njengoba engamhloniphi nomyeni kanye nekhaya lakheNgenzenjan mamkhoza..cela ukuba u anonymous.

Jun 19, 202313 min

#Jabulujule -Notha Ujule Ngezamabhizinisi -Sibheka ngasohlangothini lezomthetho ukuthi ngabe uthini umthetho uma kuza kudaba lwentela emabhizinisini. Sikhuluama no -Mpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala Attorney’s.

Jun 19, 202322 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu -Sibheka ubungozi bokusebenzisane nomsolwa ekufihleni noma ekugcineni impahla eyebiwe. Uthini umthetho ngalokho. Sikhuluma no- Linda Thahane oqhamuka kwa Jotela Mtika consulting ngaloludaba..

Jun 19, 202317 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa no Mbuso Khoza - Siqinisekisa kanjani ukuthi Ukhamba lufuze imbiza.

Jun 16, 202310 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - 14 June

Sanibonani okhozini ngcela ningsizengishadile sengineskhathi eside ngishadile ngahlukumezeka kakhuluemshadweni wami, ngihlukumezwa abasemzini nomyeni wami uqobowayesebenza Kahle ngalesosikhathi umyeni wami akakaze angivikeleemndenini wakhe naye wayeqonywa kangangokuthi wayesefuna nokuthathaunkosikazi wesbili.Sineminyaka emihlanu, 5 years singayi ocansini kuzeKube imanje.....inkinga engicela ningisize kuyo angisamthandi umyeni wamikodwa yena useyangincenga kuthi sibuyelane ngamtshela kuthi sengifunaukuqhubeka nempilo kodwa akavumi angisenamizwa yakhe nakancane.

Jun 15, 202311 min

#Jabulujule -Sikhuluma no Dr Babsy Xaba oyinhloko yophiko lezezilimi zesiNguni eUNISA, sizokhuluma ngama Children’s literature awards ekungama awards agqugquzela ukuthi izingane zibhale ziphinde zifunde ngezilimi zesinguni.

Jun 15, 20238 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ingabesende linye, kokunye sivundle siswini sinye, kodwa asizwani, futhi asisangenelani, kuxabene ubendle kusuke konakelephi?

Jun 14, 202316 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 13 June

Ngingowesilisa oneminyaka engu-37 odabuka kwaMhlabuyalingana eManguzi esigodini saseThandizwe kodwa ngilapha eThekwini CBD ngokomsebenzi. Inkinga engibhekene nayo la ukuthi ngike ngaboshwa nyakenye khona la eThekwini ngenziwa yisenzo sokudinwa ngemuva kokuthola lomuntu ebengithandana naye ezithokozisa ngocansi nomunye umlisa kwaze kafika la esibekana khona izandla wase engivulela icala ngase ngaboshwa.

Jun 13, 202323 min

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma ngomsunguli nomqondisi wenhlangano edume kakhulu lapha elokishini laKwamashu eyaziwa ngokuthi yi-K-CAP, u- Edmund Mhlongo.

Jun 13, 202321 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Ingxoxo no DrNomcebo Mthembu ngesifo ekuthiwa Alzheimer’s disease/ Dementia- Okuyisifo sokulahlekelwa umqondo komuntu omdala uthola ukuthi usekhohlwa konke akwaziyo omunye aze akhohlwe nomndeni wakhe.

Jun 13, 202327 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 12 June

Nginengoduso ena 29 years mina ngina 32. Sina 5 years sithandana. Silungiselela umshado ozoba ngo December kulonyaka. Inkinga ila ekutheni inkonzo yaseKamerweni inokungahambi kahle and uhlezi ekhala ngokuth akajabule. Sengzame konke, Ngidla ama philisi oku booster, Ngyachatha ngezimbiza but lenkinga yokushesha ngfike ayinqamuki. Sengicabanga nokumvumela athole indoda ezomfikisa kuvuthondaba but siqhubeke sishade senzele umndeni namehlo abantu. Ngyamthanda kakhulu kodwa lento yokungamfikisi kuvuthondana inghlukumeza kakhulu. Zikhona yini izinsizwa ezibhekene nalenkinga? Zona zamisa kanjani? Ngimvumele yini Athole enye indoda ezomjabulisa.. Behlangane only uma bezojabulisana but siqhubeke sishade senzele abantu

Jun 12, 202313 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Sikhuluma no-Nkululeko Zulu umsunguli we -KwaBhekumndeni Live stock.

Jun 12, 202318 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu

Jun 12, 202317 min

#Jabulujule - Ijadu Le Africa noMbuso Khoza - Impi phakathi komuntu omusha nosekhulile emindenini uma kuza ekwedlulisweni kolwazi lwesiko kungani abadala egcekeni bevuka indlobane uma bebuzwa ngemvelaphi egameni lokuthi izingane zazini?

Jun 9, 202310 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 8 June

Ngingowesifazane othandana nobaba onemnyaka ew 52 oshayela itekisi umoyawami ubuhlungu ngomnyeni wam ngoba kudlalwa ngaye kulomuzi akasebenzakhona...ezinsukwini ubefelwe itekisi ngabo emini wahlala esigangeni kwazekwashaya u6 bengamsizi ngalutho kubo wemoto, umnyeni wami ulunge kakhulusometimes ngizengithi akashiye phansi umsebenzi ngoba noma kuphele 66zzakho nokukhuluma naye ngiza mina angisazi ngenzenjani.

Jun 8, 202321 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize

Jun 7, 20237 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde -Sikhulume no Dr Nomcebo Mthembu nge-Food safety week , iviki lapho esikhuluma khona ngokuphepha kokudla esikudlayo,

Jun 6, 202320 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Mandla Buthelezi,sibheka udaba lokubanjwa kwezimoto zemali nokuthi yena nalabo owesebenzisana nabo babenza kanjani ukubamba izimoto ezithwala imali.

Jun 5, 202317 min

#Jabulujule - Inkabi Zezwe bukhoma eSABC studios

Jun 2, 202340 min

#Jabulujule - Deda Slingo - Sigubha usuku lukuzalwa lomsako Ukhozi FM no Pastor Vuyi Mkhize we Mt Zion Kungosi. Uzosikhumbuza kafishane ukuthi ngabe lomsakazo uvelaphi bese esipha nomkhuleko.

Jun 1, 202310 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo nor Dr VVO MKhize - Akukho engingasakwenzanga kodwa akuguquki lutho, konke okuthiwa angikwenze ngikwenze kubemnyama. Kanti ngisuke ngenzani ngenziswani?

May 31, 202322 min