
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 18 of 46

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -29 May 2024

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngemiphumela engemihle yokudla ukudla okunoshukela omningi.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngokubaluleka kokuvota njengomsebenzi nosomabhizinisi no Mpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala attorneys.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nge Bheyili(Bail) nokuba wufakazi wombuso nokuthi lokho kusho ukuthini ngesigwebo sakho. Sikhuluma Linda Thahane ongumsunguli nomqondisi wenkampani eyaziwa ngokuthi yi- Jotela Mtika Consulting

Jabulujule - Sibheka udaba lezokuphepha nokuthula ezindaweni zokuvota ngesikhathi sokhetho. Ukuphula umthetho, ukuphehla udlame nokuphazamisa omunye umuntu njengokumvimbela ukuthi ayovota ngokukhululeka.

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo- Thola ukudla komphefumulo no Pastor Sthembiso Zondo

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Inyanga yesintu namagugu ethu, inyanga ye Afrika yini esingayenza singabantu nezidalwa zomuntu munye uMvelinqangi okungasenza siphile impilo yangunaphakade.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 21 May 2024
Ngibingelele Mam Khoza nakumndeni womsakazoUKHOZIFM,ngingumlaleli wohlelo uJabulujule kanti nginokuzwa abantu bengenalapha kwi tea time abanye besizakala bethola ukucushiswa, nami ngibone kufaneleukuthi ngizame ngikhulume ngenkinga engibhekane nayo emshadweni wami hlezikukhona osesimeni esinjenge sami kuyimanje noma osewadlula kusona.Ngizocela ukungazisho igama kodwa ngingowesifazane, ngise Bergvillengokuhlala, shuthi ngigane ngonyaka ka 2020, nginengane engayithola ngaphandlengingakagani manje angazi noma lokhu kuba nomthelela ongemuhle yiniebudlelwalneni bethu noGogo. umyeni wami usebenza njengo Thisha kanti uhlalakubo Mah wakhe, uMama omzalayo wadlula emhlabeni.Sihlala nogogo zala ave engangifuni ungafunga ukuthi umnakwethu inkosi impela,ngendlela enza ngayo kwesinye isikhathi akasikhulumisi nhlobo, yebo Mam Lady-D wonke umuntu unaso leso sikhathi kube ngathi ungangakhulumi kodwa uGogounamagama aziswana awakhipha ngomlomo, wenza ngathi sigane umyeni oyedwakanti uwumzali kuthina ,umyeni wami uyena osebenza kangcono uthisha angazinoma ngibangiswa yena yini ukuthi uhola kangcono ngoba abanye bakhonabayatohoza kodwa wamukela noma yini abayenzayo kodwa kulo wami uze afunenokubona ama slip e-grocery ngendlela enza ngayo kithi kodwa kwabanye akayenzilento ulwa nalona wami.Mam Lady-D mina njengoba besengishilo nginengane engayithola ngaphandlenginga, manje ugogo uvele athi “uma waganwa intombazane enengane uhleziungenamali ngoba ithatha imali ibekele ingane yayo” lamazwi awahlali kahlekumina ngoba umzukulu wakhe angizange ngimfihlele ukuthi nginengane futhiakazange abonakalise ukuba nenkinga ngalokho , angazi noam kumele ngiyilahlyini ingane yami ngingayinakekekli yini, njengamuphi umzali okumele alahleingane yakhe ngenxa yokuthi useganile , ngendlela enza ngayo indlela asephathangayo umyeni wami seyishintshile akasamphathi nje ngalaba abasebaleni enye intoemenzisa loko yingoba ufuna ukuthi lokho ngafika mina shuthi ngabahlukanisaKuningi nje Mam Khoza.Ngiyafisa ukuzwa komunye umlaleli, bakhona abantu abaganile, kukhonaabaneminyaka besemshadweni, labo abake babhekana nesimo esinjengesami benzakanjani ukuthi kube nokuthula nokuzwana ekhaya.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngesifo esaziwa ngokuthi I Hernia.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuqolwa imali ethenjiswa ngabantu abanti uwine umklomelo wemali awuthole emcintiswaneni , laba ngabantu abangabakhohlisi abazenza inkampani enza imincintiswano.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Menzi Sithole vs Sindisiwe Mbatha

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 16 May 2024

#Jabulujule - Ngikhulekise kwenhle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no Pastor SE NGIBA oqhamuka evangelical Lutheran Church in Southern Africa, kwi-Durban Circuit

#Jabulujule - Ingxoxo no Sabelo Ngema oyilunga leqembu lomculo i-Afrosoul aphinde abe ngomunye wabasunguli nomqondisi wesikole Ikabawo Performing Arts Academy

#Jabulujule - Ingono Yomsamo n Dr VVO Mkhize - Sibheka izinto ezilishumi nambili abantu abathwasiswa ngazo.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngezokuphepha endaweni yezokusebenza , uthini umthetho ngokubaluleka kwezokupehpha lapho abantu besebenza khona

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sibheka isilungulela okuyinkinga engabulali kodwa eyiqedayo intokozo kulowo omhlasele. NgesiNgisi kuthiwa yi- heartburn

Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngesimo sezokuphepha kulezimoto ezibizwa ngezobuchwepheshe besiman-jemanje zikulande endlini ziyokubeka lapho oyakhona phecelezi (e-hailing service cars)

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Dinileminyanya Ntloyiya (Capetown) vs Zithulele Danisa (KZN)

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho - Sisenyangeni lapho esibungaza izinto zethu njengama Afrika..Sikhuluma ngemikhosi yokubungaza abangasekho phecelezi ancestry Day.. sikhuluma ngabakwelikamoya phecelezi amadlozi... Ezwnei lase Nignizimu Afrika kusho ukuthi lokhu kithi njengama Afrika.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 9 May 2024

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo -Thola ukudla komphefumulo no Pastor Sthembiso Zondo

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa okhala ngowesifazane onguMama wengane yakhe, abasekho ebudlelwaneni bezothando, inkinga isekutheni lona wesifazane uphuza utshwala kakhulu, kanti uke wazama ukumcela ukuthi ingane izohlala ekhaya kubo kodwa lona wesifazane akafuni nengane.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize -Ukwelapha okwabanikazi bempande nesikwama. Konke kuphethwe futhi kufumbethwe yibona. Uma kunjalo ibona okufanele bakuyalele oyiko, impande abakufumbathise yona nohlobo lobunyanga nokwelapha

#Jabulujule - Qhakaza no Lady D - Sikhuluma no Mthokozisi Khathi odume ngelika DJ TIRA abanye bambiza ngo Makoya bearings…njengoba sigubha iminyaka engamashumi amathathu sibuswa ngentando yeningi ( 30 years of democracy) Ungumsunguli ye- Makoya Bearings, lena yenye yezinkampani ezikwazile ukuthuthukisa abaculi...sikhuluma nge Big Nuz, DJ fisherman fisherman, DJ Cndo, Joocy, Dladla Mshunqisi, Qwabe Twins, Prince Bulo…nabanye abaningi.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde- Sibheke ukuthi umbala womchamo wakho usho ukuthini ngempilo yakho. Ukuphuza amanzi kakhulu kungaba namuphi umthelela nokungawaphuzi amanzi kungaba namuphi umthelela?

#Jabulujule - Noth Ujule Ngezomthetho - Sikhuluma no Mpumelelo Zikalala Sibheka ukuthi uphenduka kanjani ufakazi wombuso. Ungazithola kanjani usuyi- accomplice nawe usubekwa icala.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Brigadier Bhengu oyinhloko yakwa SAPS esifundazweni saKwazulu Natali ophikweni le-Criminal Record and Crime Scene Management sibheka udaba leziteleka namaMashi asemthethweni emphakathini lapho esihlala khona.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 2 May 2024

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo no Prophetess Nomusa Dhlomo oqhamuka e- Covenant Fellowship Church International ( CFCI

Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Kunemindeni ebhekene nesimangaliso sezingane ezincane ithongo elikhuluma kuzona. Ingane ineminyaka emithathu kuya kwemihlanu nangaphezulu ithi izwa Ikhehla noma isulukazi bethi akwenziwe okuthize. Senzenjani kulokhu?

#Jabulujule - Sikhuluma no Mpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala Attorney’s nge Workers Day namalungelo abasebenzi.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Siqwashisa siyafundisana ngesifo esibizwa ngokuthi yi (Pedophilia) ekuyisifo esiphatha abantu abadala, abafundisa izingane izenzo zocansi, bazihlukumeza ngendlela yokucindezela ngokuthi bazehlule ngokomqondo, bazenzise ucansi.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Thembelihle Shezi vs Mbali Malimela

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza -Umlando womculo nesiko

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 25 April 2024

#Jabulujule - Ngikhuthaze Kwehle Umthwalono Bishop Thanda Zulu oqhamuka eUtterrance of His Voice Bible Church International

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ukuthwasa ngabe kuyefana yini nokuba isitshudeni esikoleni noma eNyuvesi? Ngabe isigodlo naso siyisikole noma inyuvesi? Uma isitshudeni sifunda zonke izincwadi ezithintene nesifundo saso ngabe nethwasa nalo livumelekile yini ukwandisa ulwazi lwalo ngokufunda engxenye?

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sekusondele isikhathi somkhuhlane, kunezinhlobo eziningi zomkhuhlane futhi igcikwane lomkhuhlane liyashintsha njalo ngonyaka.Kukhuthazwa abantu ukuthi bathole umuthi wokugomela umkhuhlane.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Mafahleni Wesizwe vs Sisanda Mthethwa

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize -Iningi lethu hayi ngoba linezinkinga zidinga abelaphi nemithandazo, kodwa kokunye Indlela yokuzaleka ngendlela yokukhuliseka, nekhaya okhulele kulo. Ake sizibheke lezi zindlela namakhaya esikhulela kuwo. Konakala lapho sekufanele kube Khona okwenzeka kuwe.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Mafahleni Wesizwe vs Sisanda Mthethwa.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibhek imithetho ngokuthenga umuzi.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuka ubungozi bezithupha ezingcolile kumuntu osevele eqalile ukusebenza manje usefuna ukuqala omunye umsebenzi.Lokhu kuba nomthelela ongakanani ekutheni aqhubeke nempilo aye phambili

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 11 April 2024

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo no Pastor Zondo

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi wezenkolo u - Ayanda Ntanzi

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 April - Sikhuluma nowesifazane othi ulokhu ephupha umlisa thizeni ngathi kumele ashade naye.
Sikhuluma nowesifazane othi ulokhu ephupha umlisa thizeni ngathi kumele ashade naye , ulokhu evela ngephupho evezwa ehleli nabantu bakubo wesifazane abangasekho. Babonakala bemamukela kodwa lomlisa ungumngani wakhe omkhulu okumdidayo. Umlisa lona akaze washo lutho kuyena lona wesifazane lokhu bengabangani
