PLAY PODCASTS
Jabulujule 9 -12

Jabulujule 9 -12

2,295 episodes — Page 17 of 46

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nowesilisa ochaze ukuthi wangena kanjani ebugebengwini esamncane, ehlohlwa abangani futhi ebukela kubesilisa abakhulile abayizigebengu.

Jul 8, 202426 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Siphethe Izimbongi Ezimbili Nqobile Gcaba vs Imbongikazi kaManNgcobo.

Jul 5, 202430 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ubudoda nesineke.

Jul 5, 202419 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 4 July 2024

Jul 5, 20245 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ubudoda abukhulelwa ugcine uyinhloko yokuya emsamu noma ungamncane ngeminyaka, kodwa iqiniso ukuthi isiZulu sithi ubudoda abukhulelwa, okusho ukuthi iminyaka yakho yobudala ingaba u-18 noma ngaphezulu kodwa ungakhulile.

Jul 3, 202414 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngokuHixwa okuyisimo lapho ovaleka khona umoya uma kukhona okudlayo noma kukhona okuphuzayo phecelezi ama-hiccups.

Jul 2, 202417 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngoNkosikazi wakhe ngenxa yento ayibone ocingweni lankosikazi.

Ngiyabingelela Ku Mam Khoza nabalaleli bo Khozi FMngicela ukuba ngu anonymous ngibike udaba lwami. Ngingowesilisa oseneminyaka engu 8 eganiwe, uNkosikazi akaze anginikeisizathu sokungamethembi kodwa manje usanda kunginika sona shuthi keezinsukwini nje ezedlule bengibheka ucingo lwakhe uMama wakwamingahlangana nengxoxo ephakathi kwakhe noNkosikazi kaMfowethuomncane Ibiveza ngokusobala ukuthi uNkosikazi kaMfowethu uyajola kanti yonke intouyayixoxa noNkosikazi wami, yonke lendaba ingiphathe kabi ukwazi njeukuthi kudlalwa ngomfowethu kanti uNkosikazi wami uyingxenye yakhokonke lokhu, yize kungekho engikutholile okuveza ukuthi hlampe noMamawakwami naye kukhona akwenzayo eceleni kodwa angisamethembi njenhlobo kungenza ngizibuze ukuthi uma ekwazi ukuthula futhi aseke umuntuophingela umnyeni wakhe yena yini emuvimbayo ukuthi akwenze ngoba phela shuthi akakuboni akubi ngakho sekunzima nje nokuthi ngimthintengoba kunzima ukuzitshela ukuthi yena uthembikile kuminaNgiyamthanda kakhulu uNkosikazi wami, sino mndeni omuhle kakhulu kantifuthi sisuka kude sinaye angifuni ukumosha umshado wami ngentookungenzeka ukuthi ayikho , ngesimo samfowethu sokujolelwangizomtshela lokho ngiyakwazi kodwa mina into engifisa ukulekelelwangayo yile yowami umshado, ngingamthemba kanjani futhi uNkosikazi wamingiphinde ngikwazi ukumthemba njengasekuqaleni, ngingajabula umangingezwa izeluleko kwabanye abafwethu abaseke badlula kulokhu ukuthibabhekana nakho kanjani, ngibonge ithuba ngizolalela emsakazweni.

Jul 2, 202416 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi noMpumelelo Zikalala - Sibheka Iqhaza lika somabhizinisi uma kuza kwezentela .Uma kukhona Imali ayithathayo iqhaza lomqashi yiliphi ukuze ekugcineni kungabikho okhalayo ukuthi ubethathelwa izimali kodwa masekuza kwa SARS kuthiwe akaze alethe lutho kodwa ubelokhu ehola.

Jul 1, 202418 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 1 July 2024

Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile namiokusenhlizweni yami, ngikhungathekile.Ngingowesilisa oneminyaka engaamashumi amathathu (30years) bengikade ngisebudlelwaneninowesifazane osekhulile kunami ngoba uneminyaka engamashumi amane (40 years) ekusho ukuthiungishiya ngeminyaka eyishumi ubudala.Inkinga yami iqala emuva kokuthi sambatha sbbabili savuka sibathathu, shukuthi wakhulelwangokusho kwakhe ngoba ungumuntu engamthola ngase khaya kodwa njengamanje mina ngihlala eGolingisondelele amatoho, inkinga iqala emuva kokuthi sike salahlalekelana ngoba ngangihlushwa ucingo,sangaxhumana kahle kodwa shukuthi wazama ukungithola ngoba emuva kokuthi sengizamileukulungisa ucingo ngikwazile ukubona imilayezo yakhe nezithombe zengane isizelwe.Ngizamile ukondla ingane ngilokhu ngithumela imali yengane njengoba ewumuntu ongasekhaya minangise Goli, ngizamile ukumcela ukuthi ingane ngizocela ukuthi iye ekhaya ukuze izobonwa ngabazalibami, wanqaba waphetha , kanti lona wesifazane ingane akuyona eyakhe yingane yendodakazi yakheendala, shuktuhi ubeqamba amanga sonke lesi sikhathi , lokhu ngikuthola ezinkundleni , ngibonekubhale ingane yakhe ifake yona lengane engithi yeyami kanti akuyona eyami, mangimbuza ukuthiwethuleleni ngesikhathi ngiyobona ingane ekhaya kubo wangitshela ukuhi ubecabanga ukuthi uMamawakhe uayyikhulumela nje.Ingane isisenminayak emithathu manje, sengiyenzele lezozinto ezincane ebengilokhu ngizithumela ,ngimnikeza nemali ebeyifuna, ngapha nengane besengakhe ubudlelwane nayo, lokhu okwenzekayokuyangihlukumeza angazi ngingabhekana kanjani nakho. Ngicela abalaleli bangicebise ukuthingingabhekana kanjani nalesimo.

Jul 1, 202421 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - Sibheka ukuthi inini lapho kuthiwa umuntu usefike esigabeni sokuthi anikezwe I’parole”?

Jul 1, 202415 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje sino Masoja Msiza owaziwa kakhulu emdlalweni kamabonakude uZalo.

Jun 28, 202420 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho no Mbuso Khoza - Buyini ubungani kumuntu omusha ngabe buyinto yini angayibala njenga lokho okuwu mgogodla wempilo?

Jun 28, 202417 min

#Jabulujule - Ingxoxo no Ntokozo Ngongoma ongumculi wezenkolo.

Jun 27, 202415 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 27 June 2024

Jun 27, 20243 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo -Thola ukudla komphefumulo no Pastor Vuyi Mkhize oqhamuka eMount Zion Christian Centre.

Jun 27, 20249 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Sikhuluma ngokuthwetshulwa kwethongo lapho ekuthiwa umuntu ulithwebulile ithongo ukuthi lisebenzele yena. Ashone umuntu kuthiwe uthwetshuliwe, ebunyangeni kuthiwe uthathelwe idlozi melaphi thizeni usebenza ngalo. Kuyini lokhu

Jun 27, 202416 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nosibalele njengoGogo okhathazekile ngempilo yomzukulwane wakhe.

inkinga iqala ngesikhathi undodakazi wakhe ephikwa umfana asola ukuthi uyen aomkhulelisile kodwa ngokuhamba kwesikhathi unezinsolo lapho elokhu ebona umuntu wesilisa olokhu engena ngewindi emzini wakhe kanti uyena Yise wengane lona, evunyelwa undodakazi wakhe, umfana lona owayiphika intombazane wathi akayazi uma kuyobikwa isisu kodwa uyakwazi ukungena kulomuzi evulelwa yindodakazi, manje sekunenkinga njengoba umzukulu lona engena iphuma ezibhedlela odokotela labo ababonayo bathi ingane izolokhu igula ngoba shukuthi kumele ilungiselwe izinto kodwa kubo kaYise abazimisele ngalokh

Jun 27, 202415 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngesifo sezikelemu kubantu abadala. Ungabona kanjani ukuthi unezikelemu futhi ungazilapha kanjani?

Jun 25, 202431 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala attorneys , sizokhuluma ngamathuba abantu abasha abangawathola emkhakheni wezomthetho.

Jun 24, 202411 min

#Jabulujule - Tea Time 24 June 2024

Ngibingelele Mam Lady-D nethimba lakho, ngithe angedlulile namiokusenhlizweni yami, ngiyazi baningi abahlezi bebhalela kuloluhlelo le Tea time, angazi nokuthingiqalephi , inhliziyo ibuhlungu ngoba sengingenil Phakathi kukhona okuyizimpawu kpdwa angizangengizinake.Mam Khoza, ngisebudlelwaneni futhi sishadile ngokwaka (home Affairs) ulobolile waqeda thenwambesa, then sayobhala, angazi noma ukuvaleka amehlo uthando yini.Siqale ukuzwana ngonyaka ka 2012 uze walobola ngonyaka ka 2021, bese wambesa ngonyaka ka2022. Abukho ubudlelwane obuhlezi buhamba kahle kuba khona ukungaboni ngaso linye noma lezozinkinga obonanyo ningakwazi ukubhekana nazo kodwa kukhona okunye obonayo ukuthi kuyagqilazangoba uzitshela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kuzoshintsha…Ngingumuntu okwaziyo ukubekezela noam ngabe sekukubi angithandi kuthiwa ngishintshaamadoda.Sinezingane ezimbili, siyasebenza sobabili kodwa ngokwezimali mina uyazi ukuthi ngitholakangconywana ngavezela ngoba umsebenzi ngawuthola ngenx ayakhe, uyena owabona isikhangisosomsebenzi wangikhutahza ukuthi angifake isiscelo , ngemepla ngafaka ngabizwa ngagcianngitahthiwe.Inkinga manje ukuthi useyangiyekelela angazi noam ngifela lesi khathi bengikade ngingasebenzi yini,ngoba kunezinto aziyeka ngamabomu anagzikhokhela ngikhokhe iziznyanga zize zilandelane athulenoma uma egodukile akayifaki imali kwi akhawunti esifaka kuyona ukuze sikhokhele izidingozalapaha ekhaya.Lento seyenzeke isiskhathi eside angazi ngibhekane nayo kanjani ngoba nginezingane, sinomuzi, mina kuthi kupehla inyanga angisenayo imali ngoba ikhokhela zonek izinto zasendlini, angikwazi ukusebnzakodwa kube ngathi ngisebenzela izikweletu, kumele ngimncenge ukuthi enze izimfanelo zakhenjengendoda yomuzi, kumele ngimncenge ukuze angiphe imali, njengesithandwa sakho ukubonakalisaukuthi uyalibona iphutha lakho kuyenzeka uvale ihlazo noma kungemali ka petrol kodwa yena lutho.Ngithi ngibhale nje Mam Khoza, mhlampe bakhona abakulesimo engikusona, ngiyazi ukuthi isinqumosilele kumina, ngithi ngikhiphe okusesifubeni sami. Sengiyabona ukuthi ngathi sengizoyehla lenqola,sengicabangela izingane zami, udaba lokuthi zikhule abazali bengekho endaweni eyodwa kubanomthelela omubi kodwa angikwazi ukufa ngiphila ngibualwa yisimo engakwazi ukuzihlangulakusoona, kubuhlungu ukuhlukunyezwa “financially “ okubuhlungu kakhulu umuntu engithi uyithemba lami.

Jun 24, 202412 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Ukuntshontshwa nokuphulwa kwamatshe emathuneni- Uthini umthetho uma kukhona abantu abenza umonakalo emathuneni.

Jun 24, 202422 min

#Jabulujule - Ikhaya lamaciko - Siphethe osonkondlo ababili abaqhudelana u- Manase Mangala no Zandy kaMtungwa

Jun 21, 202429 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sizivikela kanjani izingane zethu ukuze zingaphoseki emigodini esikuyo njengamanje, njengezikweletu Kanye nokulahleka kwemilando yemindeni nokugwema iziqalekiso zezizukulwana

Jun 21, 202417 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo-Thola ukudla komphefumulo no Pastor Sthembiso Zondo.

Jun 21, 202425 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D. Sikhuluma nowesifazane okhala ngomyeni wakhe ozithokozisa ngesandla. Uyabona ukuthi lento ilokhu iyaqhubeka noma sebeshadile kanti banezingane. Unovalo lokuthi uma izingane zingambona esenza lesiseenzo ezithokozisa ngesandla kuzoba yinkinag emzini wabo.

Jun 19, 202413 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngomthelela omuhle wokufundisa izingane zabafana mayelana nokuya esikhathini kwezingane zamantombazane.

Jun 18, 202431 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Linda Makhaye - Sibheka izinhlaka neminyango ebhekelela ukuthuthukiswa kwabantu abasha uma kuza kwezamabhizinisi.

Jun 17, 202414 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sibheka indlela yokuziphatha endleleni uma uwumshayeli, ukuphuza bese uyashayela imoto ungazithola uboshwa ngamaphoyisa. Ikuphi ongakwenza ukuze ungazitholi ukulowo mshophi wokuboshwa ngamaphoyisa?

Jun 17, 202436 min

#Jabulujule - iThemba Alibulali 13 June 2024

Jun 13, 202411 min

#Jabulujule -Ngikhulekise khwehle umthwalo -thola ukudla komphefumulo no Pastor Vuyi Mkhize oqhamuka eMount Zion Christian Centre

Jun 13, 20247 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Sibuka umsebenzi omkhulu kababa nomama nomndeni ukubheka lesi sipho esingandile esiqhamuka kumntwana omncane ngokungasinaki ngokukholwa nokucabanga kwethu sisithuke kanti sesilahla ukubuya kwefa elasala emanxiweni.

Jun 12, 202416 min

#Jabulujule - Tea Time no lady d - Sikhuluma nowesifazane okhala ngempilo yakho emi ndawonye ngenxa yokuthi imvelaphi yakhe akayazi.

Jun 11, 202420 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 10 June 2024 - Sikhuluma nowesilisa owashonelwa uNkosikazi wakhe ngonyaka ka 2019. Unkosikazi ulokhu ebuya ngephupho emtshela ukuthi kumele athathe udade wabo amenze umfazi wakhe

Jun 11, 202421 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngama-shingles noma isifo sebhande.

Jun 11, 202428 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Umsebenzi wophiko lezokusiza umphakathi emabhizinisini phecezi (Corporate Social Initiatives )

Jun 11, 202424 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Linda Thahane ngokuthi uthini umthetho uma uwufakazi wombuso nokuthi isigwebo sakho singaba ngakanani uma usheshe walivuma icala nokuthi uma ulokhu uphika kodwa ubufakazi bukhoma wena kungeza isigwebo sakho sibe ngakanani.

Jun 10, 202432 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko -Sibonokuhle Zungu vs Ijaji Da Poet

Jun 7, 202427 min

#Jabulujule - Ingxoxo nabafundi abaqhamuka kuma Nyuvesi ase Melika ahlukahlukene abafunda isiZulu. Bahamba nothisha wabo wesiZulu u- Dokotela Sipho Sithole

Jun 6, 202417 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 6 June 2024

Jun 6, 20245 min

#Jabulujule - Ngikhuthaze Kwehle umthwalo -Thola ukudla komphefumulo no Pastor Sboniso Khoza oqhamuka ngaphansi kwebandla i-Family of Faith bible Church.

Jun 6, 20248 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Kukhona abantu abanakho konke, kubekhona ababenakho namhlanje akusekho konke. Kubekhona abasafisa ukuba nakho. Ngabe uyasiqonda isabelo sakho ukuthi siqhamuka kubani?

Jun 5, 202416 min

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi uNomfundo Moh

Jun 4, 202418 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 4 June 2024

Sikhuluma nowesilisa okhala ngonkosikazi wakhe, ofake isicelo eCourt sokucisha isehlukaniso somshado kodwa yena lona wesilisa akasafuni ukuthi baqhubeke nomshado. uthi “ Kumanje ngineminyaka emibili ngingakwazi ukubona abantwabami, ukhiya isango. Yena unikeza amadoda imoto yethu ushintsha amadoda phambi kwabantwana sebazi amadoda akhe angaphezulu Kuka 6 ababengibalela wona. Ngaze ngamcela ukuthi akamusa ukwenza lokho phambi kwabo”. Manje uthi udidekile ukuthi kumele enze njani ngoba ulandele yonke imigudu yomthetho ngokusho kwakhe. Sizophinda sikhulume no Mpumelelo Zikalala oqhamuka kwa Zikalala attorneys ozozama ukulekelela lowesilisa.

Jun 4, 202418 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhuluma ngobungozi bokuphuzwa kotshwala ngokweqile ngabantu abasha okungaba nomthelela ongemuhle emzimbeni.

Jun 4, 202430 min

#Jabulujule :Mpumelelo Zikalala :ukubaluleka kozinzo ngemuva kokhetho kosomabhizinisi

#Jabulujule :Mpumelelo Zikalala :ukubaluleka kozinzo ngemuva kokhetho kosomabhizinisi

Jun 3, 202420 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Intombi nemfihlo yezingane ezimbili

Jun 3, 20246 min

#Nciphabugebengu :Ubungozi bezinkundla zokuxhumana ezinganeni

Jun 3, 202423 min

#Jabulujule :Mbuso Khoza Ubukhosi nentando yentando yeningi

May 31, 202414 min

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo no Pastor Vuyi Mkhize oqhamuka eMount Zion Christian Centre

May 30, 20248 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 30 May 2024

May 30, 20244 min