
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 16 of 46

#Jabulujule - Inkonzo yokukhumbula u- Zanele Mbokazi Nkambule.

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho no Mbuso Khoza - Imizwa yowesifazane kanye neqhaza alibambayo ekuganeni kwakhe.

#Jabulujule - Tea Time no lady d - Sikhuluma nowesifazane osemncane oganile, ohlushwa umyeni wakhe. Uma esedle amanza amponjwana uyamthuka

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - kuthwasa kwakubukeka kiyisipho esasandela abantu besifazane emandulo.Babethwasa bengenwa idlozi ngezindlela ezehlukile. Okuyinkinga namhlanje ilaba ababethwasa emanzini nalaba asebethola ukuhlukumezeka namhlanje bethwasa

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane oneminyaka ewu 63 uthole uthando emuva kweminyaka kwadlula umyeni wakhe emhlabeni, ubezitshela ukuthi uthole umuntu azophilisana naye kanti uzothola ukuhlukunyezwa.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngokunakekela amabele njengomuntu wesifazane. Izifo ezithinta amabele nokuthi ungazelapha kanjani.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Uthini Umthetho obhekelela abesifazane ezinkampanini.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane owalala wakhuleliswa ngumuntu ongumphathi wakhe ngenxa youkuzama ukuvikela umsebenzi wakhe.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nowesifazane owabanjwa ngokushushubisa izidakamizwa. Wabanjwa e OR Tambo nezidakamizwa ebuya ezweni lase Brazil. Wagwetshwa iminyaka ewu 20 years.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Sbucy M vs Makhenikha Wenhliziyo

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza no Mbuso Khoza - Ukubaluleka neqhaza lowesifazane kusela ingane izalwa.

#Jabulujule - Ingxoxo no Phindi P

#Jabulujule - Ngikhulekise Khwehle umthwalo - Thole ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 1 August 2024

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Ungubaba nomama wekhaya, ungubaba umama uzimele izinkinga zekhaya sezifana nobukhuphe ebusweni. Abantu abakuthandi omakhelwane bakubiza ngomthakathi. Izingane azigani aziganwa ludlangile uphuzo ezinganeni konakelaphi?

#Jabulujule - #AkhonaAmadodaAqotho - Sivala inyanga yamadoda no Zamancube Segarra obonga u Baba uPetros Mngadi owafika empilweni kaMama wabo besebancane kakhulu kodwa ngezimo zempilo wahlukana uBaba noMama. Kodwa ubaba waqinisekisa ukuthi uyasigcina isithembiso sakhe, akazange abalahle noma abantwana bengabona abakhe.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa okhulelise ingoduso yomuntu engasi ukuthi ishadile, lona wesifazane umtshele esekhulelwe ukuthi uyingoduso yomuntu manje akasafuni ukuthi lo weslisa abe yingxenye yempilo yengane yabo.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuthi umshado wakhe ubengabhaliwe e - home affairs emva kweminyaka eshadile..

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Inkinga yokungakwazi ukukhulelisa umuntu wesifazane uma uyindoda.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesilisa okhala ngokuzisola ukuthi wahamba wayokhulelisa owekade eyintombi yakhe (ex-girlfriend ).

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sikhuluma ngokuziphephisa ezigamekweni zokubanjwa kwenkunzi ezifana nenxanxathela yezitolo. Ukuphi okumele ukwenze ukuze uphephe ngesikhathi kwenzeka lesigameko.

#Jabulujule - Ikhaya lamaciko

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcithabuchopho - Mbuso Khozi - sikhuluma ngobumqoka bemisuka yamagama nokuyiqondaimisuka yamagama

#Jabulujule - ithemba alibulali (25 kuNtulikazi 2024)

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo - uMfundisi uSthembiso Zondo usinikeza amazwi akhayo

#Jabulujule - Ingono yomsamo noDr VVO - Imisebenzi yesintu njengokuhlaba, ukugaya utshwala, ukushisa impepho kufanele kuhlonishwe

#Jabulujule - Tea Time noLady D - kuthiwa ucingo lukaphathina wakho ungalithinti luno anyanisi - sikhuluma noDJ Mgabe Magabaza umeluleki wezothando

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma udaba lowesifazane ofihlwa yindoda yakhe, iyibona ebusuku kuphela emini ayifuni babonakale behamba ndawonye .
Ngibingelele Mam Khoza Nomaleli woKHOZI FMNginomuntu engizwana naye akangiphethe kahle izinto azenzayoziyangihlukumeza wenza noma yini mangithi ngiyamkhuza ngiyamtselangamaphutha akhe akhwele azehlele ashiye angalazi angitsele ukuthi yenaunomama bezingane zakhe yena kusamele aganwe mangizibhekileangathatha mina angiyise kubo.Ngasukelwa nguye ngingambizanga wangishela engibona pho yini leeseyenzeka angibone ngingasile uyangifihla akafuni nje kwaziwe uzwananami emini noma engangibona ngathi ayazani ebusuku ke useyangaziUma elele kwami angafuni bambone ephuma kwami mangikwakheangivuse athi angihambe ziningi izinto ezibuhlungu azenzayo ezingilimaza inhliziyo sengizame kaningi ukumyeka akayekeki angisamthandi kephainhliziyo ayifuni ukumdela ngizame kaningi kuthi sengimkhiphile sengizizwasengi right avele abuye abe right kumsuke futhi, inhliziyo yami isihlalaibuhlungu ngize ngikhulume ngedwa ngisho ngihamba emgwaqeningingezwa ne moto ngisaba nokuhlaselwa I depression ngoba yakeyangihlasela.Uyangishisa lomuntu wesilisa angibize endlini yakhe ngifice ama take awayamabili ne drink okukhombisa ukuthi bekuno muntu angeke futhi ngisholutho ngithule kodwa ngaphakathi ngibe ngisha, kwamali akangiphi ngisho Icent , kwala ngiyibona angikwazi ukucela ngisho ngingasebenziubengayingeni unesihluku lomuntu wenza noma yini phambi kwamiukhuluma noma ikanjani angisamfuni kepha ngiyahluleka ukumyeka

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Siphendula imibuzo yabalaleli abesilisa, njengoba kuyinyanga yamadoda sibheka ukubaluleka kokuyozihlola kwamadoda kudokotela.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Sibuka ukubaluleka kwenkontileka phakathi komsebenzi nomqashi okungusomabhizinisi oqashe umsebenzi, lesisivumelwano sisho ukuthini kuzo zombili lezinhlaka.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesifazane udidekile akazi enze njani. Ulimele kakhulu othandweni walimazwa umuntu owayethandana naye,kanti yena ubedlala ngaye.

#Jabulujule - Ncipha Bugebebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sikhuluma ngobungozi bomlilo oqalwa ngabantu ezindaweni zasemakahaya naselokshini , siphinde sibuke nokunstshontshwa kwemfuyo

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha buchopho no Mbuso Khoza - Uma kusocongwa Amakhosi kuphelele emoyeni ngabe lokhu kuchazani nge kusasa lomphakathi?

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 18 July 2024

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Professor VVO Mkhize - Uma uyindoda, unguBaba wekhaya uwena umbumbi nomholi kodwa ngalamaphutha ambalwa okuduka esintwini sekuphelile ngawe.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lwesifazane obekade engakwazi ukukhulelwa,umyeni wakhe waze wamshiya wakhulelisa ngaphandle. Owesifazane wahamba wabuyela ekhaya kubo, manje usekhulelwa amawele kamunye owesila ohlekisana naye. Kubo kamyeni wokuqala bathi sekumele imali yenhlawulo ilethwe kubona.
Sikhuluma ngodaba wesifazane obekade engakwazi ukukhulelwa,umyeni wakhe waze wamshiya wakhulelisa ngaphandle,nalona wesifazane wahamba emuva kweminaya emibili wabuyela ekhaya kubo, manje sekukhona omunye wesilisa ahlekisana naye usevele wakhulelwa amawele kubo myeni wokuqala bathi sekumele imali yenhlawulo ilethwe kubona

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngowesifazane ojola nowesilisa oshadile. Lowesilisa umnika imali, ekhokhele yonke into eyidingayo kodwa inkinga ukuthi lowesilisa uyamlawula kakhulu.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcembo Mthembu - Sikhuluma ngokubaluleka kokuyohlola kudokotela emadodeni.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sikhuluma ngama NPO( Non Profitable Organisation) no Dr Ngcongo, umqondisi wezinhlelo zokuthuthukiswa komphakathi nophiko oluphathelene nocwaningo olumayleana nokuthuthukiswa kwenhlalo yabantu ( chief director for community development and research at Social development)

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma udaba lowesifazane okhala ngomyeni wakhe okhulelise kwaze kwakathathu besemshadweni ulokhu exolisa ethi iphutha.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - Sikhuluma ngokubaluleka kokuhlolelwa ukuthi ngabe akukho lapho unama rekhodi khona yini, siphinda sizwe udaba le expungement ukuthi luyini futhi lenzeka kanjani.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 11 July 2024

#Jabulujule - Ngikhulekise kwehle umthwalo - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu oqhamuka eUtterance of His Voice Bible Church International.

#Jabulujule - Ingono Yomsamu no Dr VVO Mkhize-Njengoba kuyinyanga yamaodda sikhulume ngokushiswa kwempepho emsamu ubani ongakwazi ukushisa impepho odengezini,ngemepal yini udengezi?

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa okhala ngokuthi ubhaxabulwe osibali bakhe emuva kokuthi ethumbe ucingo luka nkosikazi wakhe emuva kokuthola izithombe nama messages ocingweni luka nkosikazi

#Jabulujule - Sikhuluma no nowesifazane oshadile othole ukuthi umnyeni wakhe unengane nomzala wakhe, ingane esina- 3 years.
Ngingowesifazane Okuma40s ngineminyaka engu15 ngishadile nobaba wasekhaya kwenzekangonyaka odlule ngathola ukuthi unengane nomzala wami bafihlile isina2yrs.Mam Khoza ngahletshelwa umakhelwane ngoba ebona ukuthi sengiyozengidle ushevu ngoba umama kamzala uthi ufuna umyeni wami a oboleindodakazi yakhe. Uma ngibuza Umyeni wami ngaloludaba uthi uyayondlaingane mina ngingangeni kuloludaba ngoba lomuntu Waye funa ukuchithaumuzi wami, yena akamshelanga wamyenga walala naye hayingobawayemthanda kwaba ukulingeka.Inkinga ke MamDudu yimina esengingene ekukhulumeni ngoba Indodaingafuni ukuhlawula kuba sengathi yimina enginqabayo KaAnti nabo u-antinomzala abakazi bakhulume Nami ngizwe uhlangothi luka mzala, minangazi elomyeni wami. Futhi wathi Leyongane ayisoze yeza emzini wami ngisho engafa.Uze ethi ngamlethela isigebengu emzini wakhe esathi sizombulala. Monkeylokho ngizwa ngomyeni wami Angilazi inside likagazi.Inkinga ke konke lokho kuzoba sengathi kuPhuma kima kanti minangitshelwa umyeni wami, bona njengabantu bakithi abakaze bengihlalisephansi ngizwe side lamzala ukuze inganeyenzelwe imfanelo. Nokuthi njeThina singabantu abakholelwa edlozini awukwazi ukulahla igazi lakhonakwelami uhlangothi akukuhle ukungazwani komndeni ngenxa yomonanempakamo ngoba uma ngizwa kuthiwa umzala wathi ngihleli kahle emziniwami manje uyabona ukuthi kunomona phakathi.Ngiyaxolisa ukulula ngicela usizo kumiswa kanjani esimweni esifana nalesi.Kuvaleleka amathuba omtwana ngento eyenziwa abantu abadala besekuba umkhokha omubi oyosala sesadlula emhlabeni. Nenzondo sezazanaizingane ukuthi yatholakala kanjani kube nenzondo mhlampe sebengekhookumele bechaze iqiniso.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu -Sikhuluma ngokulahlekelwa kwezinwele kwabesilisa nabesifazane.

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Iqhaza lika somabhizinisi uma kuza kwezentela.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Ngingowesifazane onganile obhekane nenkinga. Ngizwe ngodade kamnyeni wami, engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefuna ukulobola unkosikazi wesibili.
Ngiyakubingelela LADY-D nomlaleli woKHOZI FM, nakhu nami ngibhekanenenkinga, ngingowesifazane ngiganile, sineminyaka eyisithupha sishadile (6 years) kodwa ezinyangeniezimbili ezedlule ngathola ukuthi umyeni nejngoba ewumuntu osebenzela esifundazwnei saseMpumalanga kunomuntu ohlalisana naye. Ubelokhu engasabuyi uma kuyisikhathi sokuthatha i(LEAVE) ubengasabuyi ekhaya noma abuyeisiskhathi esincane aphinde abuyele emuva kanti uhlala nalomuntu wesifazane, ubengasafuni nokuthingize lapha ehlala khona eMpumalanga, besekuyena kuphela omuya ekhaya nakhona ubuya isiskhathiesifishane aphinde ahambe futhi.Mam KHOZA ngigcine ngizwa ngodade wabo engihlebela ukuthi ngathi ubhuti wakhe usefunaukulobola unkosikazi wesibili kodwa lokhu ukusho ngathi uyangibuza ukuthi ngabe ngingakwazi yiniukumelana nokuba sesithenjini. Ngamtshela ukuthi anngisoze ngayivuma leyonto ngoba wangithathyaaeyazi inkolo yami.Asikaze mina nomyeni wami siyikhulume nakancane indaba yokuthatha unkosikazi wesibili, kungconoumuntu uama ekutshela kuqala ukuthi izinhloso zakhe ukuthi abe nomunye unkosikazi, okubuhungunakho konke�� ngizwa sengitshelwa udade wabo uktuhi ubhuti wakhe ufuna ukuthatha umfaziwesibili.Mina ngikhuliswe ngokwe nkolo yobuKrestu, angihambiselani nesithembu, angikaze ngikufihle lokhokuyena, wangithatha azi kahle, manje ngididekile ukuthi kumele ngenze njani ngoba sinawo umndeni,izingane zimbili, bengingathandi ukuthi izingane zami ngizikhulise ngedwa uYISE ekhona, lokhukuyinto esasentsha kumina angazi ngenze kanjani , isimo esinje ngalesi ubhekana kanjani naso MamKhoza, ngicela izeluleko kwenziwa njani makunje.Mlaleli wokhozi fm Uma nawe unodaba ofisa sikusize ngalo siWUJABULUJULE. Ungasithumelela ku [email protected]