
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 13 of 46

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Okwenza engani yakho oyizele nongayizalanga uze ukuqikelele , okwenza kuyona ngoba, ayiyokwazi futhi ikubone ngaleso sikhathi. Ozelwe nayo nophila kuyona oyodalula konke ekugcineni.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 30 January 2025

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sihleli bukhoma no Mgabe Magabaza oyi relationship Therapist sikhuluma ngama personalities disorders (ukuphazamiseka kobuntu) emshadweni, noma ebudlelwaneni.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilond e no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngobuhlungu beqolo kubantu abasebenza behleli phansi iskhathi eside .

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala - Sibheke amabhizinisi axhumene nezemfundo

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Linda Thahane - Sibheka izinto ezingaphazamisa umfundi agcine engena ezenzweni zobugebengu ngenxa yengcindezi yabangani obafica ezikhungweni zemfundo ephakeme.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Imbongi yokuthula VS Mkhuleko Madonsela

#Jabulujule - Ezeshashalazi nomabonakude - uNqubeko Nzimande ositshela kabanzi ngezindaba esingazilindela kumabona kude ku SABC news.

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ubungozi bokutusa ingane eyodwa emndenini, bungaba nomthelela ongemuhle noqhubekayo nakusona isiszukulwane esilandelayo. Ubungozi lapho umzali ehlukanisa izingane ngendlela yokungaziphathi ngendlela efanayo.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 23 January 2025

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo no Pastor Vuyi Mkhize

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Umphahlo umthandazo sikhule kukhushukelwa emsamo kuyobikwa lapho ingane iyoqala okusha empilweni yayo. Isikole ukuyongena ebandleni emsebenzini omusha kwakwenziwa leyonqubo. Usesemqoka kangakanani lomkhuba ezimpilweni zethu nabantabethu.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d
Ngiyabingelela MAM KHOZA, Ngicela ukungazisho igama ngiyinsizwa eneminyaka engu 40 ngicelaningixazululela nantu udaba Ngo Ntulikazi wonyaka ophelile kwandlula umama osizalayoemhlabeni umama udlule emuva kokugula isikhashana umama wayethwasile waphothula wakhishwa kodwa ke azange aqhubeke nokusebenzisa ubungoma.Kumama sizinsizwa sibathathu KwaGobela kwazi umfwethu ophakathi Kuthe makudlula umamaemhlabeni umfwethu wathi akasawazi umuzi kagobela kamama wala noma sesithi sizozama ezinyeizindlela zokuyomfuna simazise ngokudlula kukama Umfwethu walanda isangoma sakhe sasegoliokwaba yiso esenza imkhuba yobungoma kumama engakhulumile Nathi njengabafowaboumfwethu akamdala njalo ngoba enza Zonke lezinto sathulake Mina nomfwethu omdala wafihlwaumama.Kuthe ngakusasa ebusuku umfwethu wathatha ihlahla likamama wayoligubhela egcekeni wathiusiko lwezangoma lolu njalo lokhu ubonisana nalesangoma sakhe sasegoli kwathiwa Umauthwasile usuke usuyiwele wathi masekwenziwa inhlanbuluko uzophinde amlande ngelinye ihlahlaesibhedlela kodwa sasimlandile mhla simlande emakhazeni.Manje ngihlushwa iphupho solokhu samufihla umama ngiphupha inkonzo yakhe yokumfihlamakungeyona inkonzo Kuba umlindelo wakhe umama,leliphupho libuya kabili noma kathathuenyangeni. Ekugcineni ngiphuphe kungumlindelo wakhe umama Mina bengimemeza egcekeningithi umfwethu nguye obulale umama benentombi yakhe.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma ngodaba lokuhlukana nomuntu kanti kudala wasithatha kudala isinqumo sokumshiya

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Izikole zivuliwe, izingane zibuyela esikoleni okusho ukuthi thina njengabazali kumele siqinisekise ukuthi sibalungisela ukudl aokunempilo, okuzoba siza esikoleni bakwazi ukuthi babe nomdlandla.

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngemali ebudlelwaneni bezothando kulesikhathi esiphila kusona. Wenza kanjani ukuthi ningaxatshaniswa udaba lemali

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sikhuluma ngezinto ekumele uzibheke uma ubheka isikhala sokufunda kulezikhungo ezigcwele la ngaphandle. Sixwayise abafundi nabazali ngezikhungo zemfundo ezingekho emthethweni noma ezingabhalisiwe nomyango wezemfundo.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Ijaji Da poet VS Abaqeqebuli

#Jabulujule - Inkulumo ngxoxo no Kwandile Hadebe. Umbhali womdlalo womoya obenedumela elikhulu inhliziyo Yenyoka

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Ubumqoka bolwazi lwezinyanga ngokwemisuka nemilando yamagama kanye nokuqaphelisisa imvelo ngalokho esitshela khona.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 16 january 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Dr VVO Mkhize - Ukubonga indalo kaMvelinqangi ayidlulisela kithina njengezidalwa zakhe. Sizidalwa nje ngokwehluka kwezinhlanga sehluka futhi nasezindleleni zokwenza. Ngokwesintu singabamnyama base Africa sasibonga kanjani, nanamhlanje okusalindeleke sibonge.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sibheka izindlela ezahlukene zokuhlanza umzimba emuva kokudla izicoficofi ngesikhathi samaholidi.

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizini no Mpumelelo Zikalala - Sibheka Udaba lokuboleka nokubolekisa ngemali ngokungekho emthethweni

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Unayo yonke imininingwane ephelele ngalomuntu olanda ingane yakho esikoleni ngemoto ? Imoto uyayazi yini ukuthi isesimeni esinjani?

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Sikhipha ulwazi oluyisendlalelo ukuthi labo abafuna ukuba yingxenye yohlelo bathumela kanjani izinto zabo ukuze zifike kuthina besebenzisa izindlela zobuchwephesha.

#Jabulujule -Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sibuka ukuthi iyiphi noma izibhadu ezashiywa yimpi yase Sandlwana uma sibheka isimo ngqondo somuntu ompisholo. Ukhona uMbuso Khoza oqhamuka kwi (Mbuso Khoza institute) okuyiiskhungo esibhekela ukulonda kolando nokuthuthukisa isintu sakithi nokulonda amahubo esizwe sabantu abampisholo.

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 9 January 2025

#Jabulujule - Ingono Yomsam no Dr VVO Mkhize - Uma kuqala unyaka kuningi abantu abakwenzayo ukulungisela unyaka wabo kunamasiko nemikhuba abayenza ukulungisela unyaka wabo, ezinye zezinto ezibalulekile empilweni yomuntu ukondla umphefumulo, abantu banezinhlelo eziningi , Namhlanje sithi umuntu akaqinise kulokhu akholelwa kukona, uma ushisa impepho ukhuleka kwabakini,ubika ekhaya ngezinhlelo zakho phambi kokuthi ubuyele emsebenzini.Isibusiso sisekhaya

#Jabulujule - Silale ngezindaba ezishaqisayo zokudlula emhlabeni kwesihlabane somculi uWinnie Khumalo ...sikhuluma no Malungelo Nyawo owaziwa ngelika Malungelo, ungomunye wabantu osebenza naye kakhulu emculwen

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesilisa okhala ngokuthi wathola ukuthi uNkosikazi amlobole ngezinkomo eziyisithupha uyahlobonga wabatshena nase khweni lakhe bavuma ukuthi kukhona okumele kubuuyele ngakuyena kodwa manje bayamziba

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Iningi labantu bafuna umsebenzi kanti kukhona abantu abawosomathuba abazosebenzisa amagama aziwayo nezikhungo zika hulumeni benze kube ngathi izona ezithi abantu abakhiphe izimali ukuze bathole umsebenzi

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 02 January 2025

#JabulaUjule - Man to man talk 26 December 2024

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 17 December 2024

#Jabulujule - Thola ukudla komphefumulo no Bishop Thanda Zulu. Masikhuleke sibonge Impilo nokusigcinwa uNkhulunkulu .

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 12 December 2024

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Ukushayela uphuze utshwala okungaholela ekutheni kudlule abantu emhlabeni bese kuthiwe ubulele ngokungenhloso phecelezi culpable homicide

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose - Namhlanje kukhona nezinye izindaba ezinhle ezizokwethulwa uSiyabonga Mpungose ehambisana no Dokotel;a uNakanjani Sibiya ongumbhal wezincwadi odumile eNingizimu Afrika.

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Njengomuntu uyihlaziya kanjani imimoya yabantu ohamba nabo ngokolibo, ukugqashula amaketanga neiqalekiso zeyizukulwane ngeyizukulwane.

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof. VVO Mkhize - Selokhu sazalwa nababephambi kwethu sigqigqa indlela phakathi kwamadolobha amabili January no December. Kukhona abafikayo abanye abafiki thina esifikile sifika siphetheni esingayibonga nesingeyibonge. Siyabonga kodwa kanjani?

#Jabulujule - Sikhuluma ngeqhaza lesiko ukuliswana nokuhlukunyezwa ngokobulili phecelezi GBV kulesikhathi esiphila kusona -sikhuluma NOMANGUNGU no Anella Ngwenya abaqhamuka kwi Mbuso Khoza Institute for Culture-Isikhungo lesi iMbuso Khoza Institute for Culture, isikhungo esinakekela ukulondwa komlando, ukulonda ulimi, nokuqhakambisa umculo wamahubo

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Emavikini amabili adlule sakhuluma nowesifazane owayebhekane nenkinga yomuntu owamboleka imali yesitokofela manje akasafuni ukukhokha. Sikhuluma naye sizwe ukuthi ugcine enze njani.

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sibuke ezokuphepha kumatekisi ngalesikhathi samaholidi.

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje sinosonkondlo igama lakhe u (LUYANDA-M) uphume phambili nejngosonkondlo ovelele kuma SATMA abengempela sonto edlule

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Ungusomlando nomculi ,kanti uphinda be ngumcwaningi wesintu nomlando wakithi.

#Jabulujule - Tea Time no Lady d -Sikhuluma nowesifazane owayesothandweni nendoda eyayimshaya , kwangcina lona wesifazane ebulala lo wesilisa ethi uyazivikela.

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu- Sikhuluma ngendlela yokweseka umuntu ophila negciwane lesandulela ngculaza

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhizinisi - Imigomo ebalulekile ekufanele ukuthi ilandelwe ngamabhizinisi amatasa kakhulu ngoDecember.
