
Jabulujule 9 -12
2,295 episodes — Page 12 of 46

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - 12 March 2025
Mar 12, 202518 min

#Jabulujule - Sikhuluma ngamathuba omsebenzi kulabo ezweni lase Ireland , sikhuluma nensizwa yakuleli eshayela impilompolo, ishayela am truck ezweni lase Ireland
Mar 12, 20253 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi no Mpumelelo Zikalala- Ukuqonda isivumelwano nemithetho yenkampani Uma kuyibona abakufundisile.Kusho ukuthini kuyona inkampani nakuwena msebenzi?
Mar 12, 202516 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngesifo iThyroid Disease.
Mar 11, 202526 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D -Sikhuluma nowesifazane oneminyaka enagamashumi amane nesithathu (43years) ubudala ,ngo2005 waba sebudlelwaneni nomuntu wesilisa oshadile owayethi akathokozile emshadweni wakhe. Lo wesifazane naye wayenaye umuntu owayezwana naye. Emuva kwesikhathi wathola ukuthi ukhulelwe kodwa ingane engazi ukuthi eyabani phakathi kalo azwana naye nalona oshadile.
Mar 10, 202519 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngelungelo lakho njengesakhamuzi uma uyofuna usizo emaphoyiseni noma kwenzeka uboshwa amaphoyisa, ngabe amalungelo akho ahamba agcine kuphi njengesakhamuzi nokuthi wona amaphoyisa ikuphi avumeleke ukukwenza kumuntu uma efuna ukumbopha
Mar 10, 202535 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Khona Bhengu vs Ntatheli. Siphinde sikhulume no Inakho Matheza owayeshaye inkondlo kaMogameli uCyril Ramaphosa embiza khona ngo "Cupcake"
Mar 7, 202531 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Inkululeko namalungelo angacindezeli isintu sethu nezimfundiso zethu njengabantu abampisholo. ( Relating to Human rights month) Ilungelo lakho lihambisana kanjani nesintu Sakho.
Mar 7, 20259 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 6 March 2025
Mar 6, 20258 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Isewumqansa indaba yokuthola abantwana kwabashadile noma abathandanayo. Nokwelapha kwaseNtshonalanga sekuhlulekile. Yini imbangela yalokhu okufanele kesiyibheke
Mar 5, 202519 min

#Jabulujule - Sikhuluma nowumshayeli wempolompolo ezweni lase Ireland igama lakhe u Bongani Simelane. Sikhuluma ngodaba lokuthi abashayeli bama Truck bakuleli bangakwazi ukusabalala bayosebenza nakwamanye amazwe ngokushayela ama truck.
Mar 5, 202515 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady d - Sikhuluma nowesifazane obeganele esithenjini okhala ngokuthukwa kuthiwa uyathakatha, thukwa abafowabo ka Myeni wakhe. Ugcine eseshiya emzini ngoba esethi ubengasakwazi ukubekezela.
Mar 4, 202517 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngenkinga yokuzwa emadlebeni.
Mar 4, 202525 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sibuka nemicibisholo eyenza abantu abangayinaki noma okubonakala ukuthi abachazeleki ngayo.Yazi amalungelo akho uma ungena esivumelwaneni njengomthengi womshwalense thizen
Mar 4, 202521 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma no Brigadier Nduduzo Bhengu no Ayanda Msweli ngobugebengu obenzekayo ezindleleni ngesikhathi kwenzeka ingozi.
Mar 3, 202541 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamciko - Nhlanhla Nzimande vs Two Lines
Feb 28, 202527 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Ngabe ukuzalwa nokukhubazeka ngabe isiko likubheka kanjani?
Feb 28, 20257 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 27 February 2025
Feb 27, 20259 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma ngodaba lowesifazane okhala ngohlukunyezwa umamezala emzini wakhe okungumuzi wendodana yakhe.
Feb 27, 202522 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Unguwena ngokomzimba kanti awuwena wenganywe onguyena obusa nophila kulomzimba. Uyena lona okwenzisa konke lokhu oyikhona. Unomusa unenhliziyo enhle unenzondo, uyixoki uyahleba uyagxeka kanti akuwena uyena. Uyoze welaphe yena ze uphume enhluphekweni.
Feb 27, 202517 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesilisa ofisa ukubonga unkosikazi wakhe ngokubambisana kwabo njengoba begubha iminyaka eyishumi kulonyaka beshadile kodwa bahlala ezifundazweni ezahlukene.
Feb 25, 20259 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde no Dr Nomcebo Mthembu - Sikhuluma ngezigameko zesifo sezandla, unyawo kanye nomlomo. Lesi sifo siwukutheleleka ngegciwane okuvamile, okuthinta kakhulu izinsana nezingane
Feb 25, 202511 min

#Jabulujule - Sikhuluma ngodaba lowesifazane ohlukunyezwa umamezala emzini wakhe.
Feb 24, 202512 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma ngodaba lesibhamu somuntu osedlulile emhlabeni, siyabuka ukuthi senziwa njani, uthini umthetho
Feb 24, 202524 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko- Mbulelo Sithole vs Mnelisi Maphanga
Feb 21, 202524 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Sikhuluma ngokungenwa, ngabe lokhu kuyisiko noma umkhuba? kungani kwakwenziwa lokhu, umuntu onjani owayengena unkosikazi womuntu noma umyeni oshonelwe inkosikazi yakhe?
Feb 21, 202522 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 20 February 2025
Feb 20, 20258 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle Umthwalo -Thola ukudla komphefumulo no Pastor Vuyi Mkhize oqhamuka eMount Zion Christian Centre.
Feb 20, 202510 min

#Jabulujule - Ingono yomsamu no Prof VVO Mkhize - Kaningi othi uyakwenza akwenzeki. Umuzi wakhekikokunye wakha indlu akupheli. Uzama ukuganwa kunhlanga simuka nomoya. Usuhambile amaqele wakwenza konke okushiwoyo lutho. Kukhona konke lokhu konakelephi.
Feb 19, 202516 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo- Sikhulekisa umlaleli okhala ngobudlelwane phakathi kwakhe nonkosikazi wakhe. Ucela simkhulekise bengabulalani.
Feb 19, 202512 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma ngesifo sokuwa phecelezi epilepsy
Feb 18, 202527 min

#Jabulujule - Notha Ujule ngezamabhzinisi - Sikhuluma ngokumangalela ibhizinisi noma inkampani ngomkhiqizo ongekho ezingeni, iyiphi imigudu ekumele uyilandele
Feb 17, 202513 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Namhlanje siyabuyekeza udaba lomlisa owondliswa ingane angakaze ayibone
Feb 17, 202519 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu - Sikhuluma nowesifazane uzithole edonsa isigwebo seminyaka ejele ngoba wayezama ukuzivikela kumnyeni wakhe owayemuhlukumeza.
Feb 17, 202533 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Namhlanje siphethe usonkondlo u-Makhenikha Wenhliziyo sigubha usuku lothando.
Feb 14, 202519 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza –Uthando nokungazi.
Feb 14, 202522 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO MKhize - Uzalwe ubaba nomama bethandana bashada kokunye bangashada kodwa bethandene. Nawe usuyaganwa owesifazane omthandayo ozikhethele yena njengababa wakho ethatha umama. Ngabe uyayiqonda yini imfihlo yowesifazane omthathayo ngokumthanda kwabanye
Feb 12, 202515 min

#Jabulujule - Ingxoxo nomculi waMaskandi u Limit
Feb 12, 202522 min

#Jabulujule - Notha Ujule Ngezamabhizinisi - Sisenyangeni yothando sibone kubalulekile ukuthi Izinhlobo nhlobo zomshado nomthelela wayo imishado ebhizinisini, Uma nithandana niqinisekisa kanjani ukuthi amabhizinisi enu awathinteki noma awaphazamiseki.Uthando malungaphazamisi ibhizinisi.
Feb 10, 202515 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuthi wahlangan nomlisa emthola edayisa wamcela ukuthi akashiye lowo msebenzi, uthe esemkhuellisile manje akasafuni ukondla ingane
Feb 10, 202524 min

#Jabulujule - Ncipha Bugebengu no Brigadier Nduduzo Bhengu - Sibuka umthelela kusona simo mqondo somuntu ukuthi, indlela akhule ngayo , ngabe zinomthelela ongakanani ekhuleni kwakhe.Lapha sigxila kulokhu ngenxa yezimo zobugebengu ezenzeka ezindaweni lapho esihlala khona, kunamaqembu ezigebengu ahlalise umphakathi lubhojozi bese ziyatuswa
Feb 10, 202527 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Luleka Mhlanzi VS Mtungwa Imbongi
Feb 7, 202522 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Namhlanje sithi asibheke Phakathi koMkhokha,ukhondolo nesiqalekiso emndenini.Ngabe yini umahluko phakathi kwalezi zimo?
Feb 7, 202520 min

#Jabulujule - Ithemba Alibulali 6 February 2025
Feb 6, 20253 min

#Jabulujule - Ngikhulekise Kwehle umthwalo no Pastor Sthembiso Zondo
Feb 6, 202514 min

#Jabulujule - Ingono Yomsamo no Prof VVO Mkhize - Ngabe ingane ithatha isibongo sika Yise noma esika Nina sekudlulwe kuphi ngokwase Msamu
Feb 5, 202511 min

#Jabulujule - Tea Time no Lady D - Sikhuluma nowesifazane okhala ngokuqalekiswa nguYise kwabheda yonke ito empilweni yakhe, washonelwa izingane, waxoshwa emsebenzini, waxabana noBababa wezingane
Ngibingelele Mam Khoza nabalaleli bomsakazo UKHOZI FM …ngikhathazekile ngempilo yami engayi phambili. Impilo mam Khoza ingathi iboshiwe nezifungo zika Baba, uBaba bengithi mangonile ubengathathi uswazi engishaye kodwa ubevele, akhulume amagama abuhlungu athi ngeke ngilungelwe ilutho. Ngokwami ngibuka ngathi izifungo zika Baba seziyangilandela kuyimanje ngihlushwa ngisho nayindoda Mah eyashela unyaka wonke. Ngapha ngishonelwe nangabantwana abawu baze bawu 4 ,Mam Khoza uma kuxoshwa abantu emsebenzini baqala ngami. Ngicela abalaleli no Babu VVO Mkhize bangilekelele ukuthi ibhadi elinje noma isiqalekiso esinjengalesi umuntu angabhekana naso”
Feb 5, 202527 min

#Jabulujule - Mpilonhle Mpilonde - Sikhuluma udaba lokukhulewa komuntu wesifazane nendlela yokumnakekela uma ekhulelwe nokuthi abesilisa noma obaba bezingane babeseka kanjani abesifazane abazithwele.Asikhulumeni ngaloludaba.
Feb 4, 202529 min

#Jabulujule - Ikhaya Lamaciko - Zothani Imbongiyomusa vs Imbongiyosizi
Feb 3, 202522 min

#Jabulujule - Ikhosomba lezingcitha Buchopho no Mbuso Khoza – Inselelo ngokukhuliswa komfana kanye nokubuthwa kwensizwa ibe yibutho,ngabe yini egcine iholela ekudlwenguleni nasophuzweni emadodeni?
Jan 31, 202517 min