VUKA AFRICA BREAKFAST SHOW
1,446 episodes — Page 9 of 29

#Vuka Uqonde Kabanzi NgeZomnotho no Gugu Xaba :International Solid Waste Association (ISWA) World Congress 2024
#Vuka Uqonde Kabanzi NgeZomnotho no Gugu Xaba :International Solid Waste Association (ISWA) World Congress 2024

#UkhozifmVabs :Silandela udaba oluthinta izimo abasebenzi basezindaweni zokudlela abasebenza ngaphansi kwazo. Lokhu kulandela ukusabalala kwevideo yomunye walabasebenzi ekhala ngokungalandelwa kwemithetho efanelekile lapho esebenza khona. Le video iholele ekutheni umnyango weZabasebenzi ube nombhidlango kulezindawo zokudlela nalapho kutholakale khona ukuthi lezindawo zikweleta abasebenzi imali yomholo einganiselwa ku R1.3 million. Ake sikhulume no Aggy Muyilwa onguMhloli Jikelele emnyangweni weZ
Silandela udaba oluthinta izimo abasebenzi basezindaweni zokudlela abasebenza ngaphansi kwazo. Lokhukulandela ukusabalala kwevideo yomunye walabasebenzi ekhala ngokungalandelwa kwemithetho efanelekile laphoesebenza khona. Le video iholele ekutheni umnyango weZabasebenzi ube nombhidlango kulezindawo zokudlelanalapho kutholakale khona ukuthi lezindawo zikweleta abasebenzi imali yomholo einganiselwa ku R1.3 million. Akesikhulume no Aggy Muyilwa onguMhloli Jikelele emnyangweni weZabasebenzi.

#Ezwenisakhile :Namhlanje sibheka udaba olubhekene nabalimi bomoba endaweni yase Ndabayakhe eMpangeni. Labalimi bakhala ngenkosi yendawo efuna bakhokhe u-R25, 500 ukuze baqhubeke nokulima. Omunye walabalimi ongathandanga ukudalula igama lakhe uthi uselime kulendawo kusukela ngo 1984 kanti kuqala ngqa ukuthi acelwe ukuthi akhokhe lesamba semali. Lomlimi uthi usesatshiswe ngokuthi uma engayikhiphi lemali ngaphambi kuka November kulonyaka insimu izothathwa inikezwe omunye umlimi. Sikhuluma nomlimi

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#Vuka uqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu :Thandiwe Gumede El Nino Southern Oscillation ( ENSO) forecast
#Vuka uqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu :Thandiwe Gumede El Nino Southern Oscillation ( ENSO) forecast

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

#UkhozifmVabs Imibiko emayelana nothisha okungahle baphelelwe imisebenzi ngenxa yokuncishiswa kwesabelo mali soMnyango weZemfundo. Sixoxisana no Elijah Mhlanga okhulumela uMnyango weZemfundo.
#UkhozifmVabs:Silandela imibiko emayelana nothisha okungahle baphelelwe imisebenzi ngenxa yokuncishiswa kwesabelo mali soMnyango weZemfundo. Sixoxisana no Elijah Mhlanga okhulumela uMnyango weZemfundo.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#Ezwenisakhile :Sixoxa no Zandile Mndaweni ongowase Mabedlana oLundi owakhethwa emhlangeni okhala ngokuhlukumezeka emshadweni wakhe. U-Zandile oneminyaka engu 33 usola ubaba wezingane zakhe ngokungamvumeli ukuthi abone izingane zabo ezimbili emva kokuthi ethole ukuthi usehlukanisile naye ngaphandle kokumazisa. Yize noma engaziboni izingane zakhe kodwa uyazondla emva kokuthi ubaba wezingane emfake icala lesondlo. Sixoxisana no Zandile kanye no baba wezingane u-Siyabonga Mhlanga.
#Ezwenisakhile : Ezweni Sakhile: Sixoxa no Zandile Mndaweni ongowase Mabedlana oLundi owakhethwa emhlangeni okhala ngokuhlukumezeka emshadweni wakhe. U-Zandile oneminyaka engu 33 usola ubaba wezingane zakhe ngokungamvumeli ukuthi abone izingane zabo ezimbili emva kokuthi ethole ukuthi usehlukanisile naye ngaphandle kokumazisa. Yize noma engaziboni izingane zakhe kodwa uyazondla emva kokuthi ubaba wezingane emfake icala lesondlo. Sixoxisana no Zandile kanye no baba wezingane u-Siyabonga Mhlanga.

#Vukaqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Uma sikhuluma nge stratosphere sisuke sikhuluma ngani?
#Vukaqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Uma sikhuluma nge stratosphere sisuke sikhuluma ngani?

#Ukhozifmvabs :Ake sizwe ngenhlangano ebizwa ngokuthi Usengashintsha eyasungulwa ngomunye ophuma ngaphakathi ejele. Sikhuluma no Sandile Dlamini, okhulumela Usengashintsha.
#Ukhozifmvabs :Ake sizwe ngenhlangano ebizwa ngokuthi Usengashintsha eyasungulwa ngomunye ophuma ngaphakathi ejele. Sikhuluma no Sandile Dlamini, okhulumela Usengashintsha.

#Ukhozifmvabs :Sikhuluma no Sakhile Ditshekgo ophuma ejele emva kokuthi egwetshwe iminyaka engu 30 ngecala lokubulala, elokuzama ukubulala kanjalo nelokuphanga. U-Sakhile ophuma endaweni yase Matshana eMpangeni usezinikelele ekulekeleleni umphakathi wangakubo ngezindlela ezahlukene. Ezinye zalezizindlela ukwakhela imindeni engenamakhaya izindlu. Sikhuluma naye uSakhile sizobuye futhi sikhulume nenhlangano ebizwa Usengashintsha eyasungulwa umuntu ophuma ejele.

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

#Vukaqonde kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu no Thandiwe Gumede :Ngabe imvula enjani ebizwa nge acid rain?
#Vukaqonde kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu no Thandiwe Gumede :Ngabe imvula enjani ebizwa nge acid rain?

#Amazwiokuqala usuku :no Paul Nzimande

#Ukhozifmvabs: sikhuluma nongqongqoshe wama Phoyisa mnu-Senzo Mchunu
#Ukhozifmvabs: sikhuluma nongqongqoshe wama Phoyisa mnu-Senzo Mchunu

#Ukhozifmvabs :Interview: Umnuz Mlungisi Majazi Maseko wase Mooiplaas eMpumalanga usethathe imali yakhe elinganiselwa ku R1.3 million wafakela umphakathi wangakubo amanzi. Umnuz Maseko uthi usebenzise ingxenye yemali ayithola kwa Road Accident Fund emva kokuba sengozini yemoto.

#UkhozifmVabs: NgoMqgibelo mhlaka 31 August kuzobe kwedlule unyaka kwashona abantu abangu 76 emva kokusha kwesakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Abanye babantu abathinteka kulesigameko uMike Ngulube owashonelwa ngu nkosikazi wakhe u Joyce kanye nengane yabo uMemory owayena 16 months. U-Mike ukhala ngokuthi kuze kube imanje akaze athole incazelo yokuthi siphi isidumbu sengane yakhe uMemory.

#UkhozifmVabs :Ulwazi lokuzenzela imali njengomuntu Wesifazane
#UkhozifmVabs :Ulwazi lokuzenzela imali njengomuntu Wesifazane

#UkhozifmVabs :Sikhuluma no Ntombenhle Mkhize ongomunye wamalungu afakele i-MK Party isimangalo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, lapho belwela khona ukuba le nkantolo ibuyekeze isinqumo sokubakhipha ephalamende. U- Ntombenhle ukhala ngokuthi leliqembu lamxosha ephalamende emva kokuthi esesule nase msebenzini wobuthishela. Asixoxe no-Ntombenhle sizobuye sikhulume no Sihle Ngubane ongusotshwebhu we MK Party ePhalamende, siphinde sizwe uvo luka Mnuz Reggie Ngcobo okhulumela uSomlomo wePhalamende.
Sikhuluma no Ntombenhle Mkhize ongomunye wamalungu afakele i-MK Party isimangalo eNkantoloeNkulu yaseWestern Cape, lapho belwela khona ukuba le nkantolo ibuyekeze isinqumo sokubakhipha ephalamende. U-Ntombenhle ukhala ngokuthi leliqembu lamxosha ephalamende emva kokuthi esesule nase msebenzini wobuthishela.Asixoxe no-Ntombenhle sizobuye sikhulume no Sihle Ngubane ongusotshwebhu we MK Party ePhalamende, siphindesizwe uvo luka Mnuz Reggie Ngcobo okhulumela uSomlomo wePhalamende.

#UkhozifmVabs :Umndeni wakwa Msweli Emachobeni eNanda ufuna ubulungiswa kulandela ukuzama ukusocongwa nokudlwengulwa komzukulu uMpendulo Msweli nokusolwa ukuthi kwenziwa ubabomncane wakhe. Lesehlakalo senzeka ngo January kulonyaka kanti uMpendulo wayeneminyaka engu 9 ngesikhathi sesigameko. Loludaba luphambi kwezinkantolo njengamanje kanti kusolakala ukuthi lena kwakuyindlela ka babomncane ukuthi aziphindisele ku baba ka Mpendulo owayemukweleta imali. Sikhuluma no Mpendulo kanye no Gogo wakhe u-

#Amazi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu

#Ukhozifmvabs: Sikhuluma no Nokukhanya Thembane, usosayensi, lecturer e-Mangosuthu University of Technology.Uhlomule indondo ye Dr Esther Mahlangu Doctoral Fellowship emayelana nezinqolobane zolwazi lwendabuko.

#Ukhozifmvabs: Sikhuluma no Sifanele Goqo umphathi nomsunguli wenkampani Udaba Group .

Amazwi okuqala no Paul Nzimande

#Amazwi : Musa E Zulu

#Ukhozifmvabs:Sikhuluma no Thandi Maruping osebenza emayini yase Stillwater Platinum Mine e-North West. U-Maruping uyingxenye yeqembu lokuqala labesifazane abamukelwa kulemayini ukuyosebenza phansi emgodini kanti usesebenze kulendima iminyaka engu 18.
#Ukhozifmvabs:Sikhuluma no Thandi Maruping osebenza emayini yase Stillwater Platinum Mine e-North West. U-Maruping uyingxenye yeqembu lokuqala labesifazane abamukelwa kulemayini ukuyosebenza phansi emgodini kanti usesebenze kulendima iminyaka engu 18.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#UkhozifmVabs:Njengomsebenzi wasemakhishini uhola malini kanti zinjani izimo osebenza ngaphansi kwazo?
#UkhozifmVabs:Njengomsebenzi wasemakhishini uhola malini kanti zinjani izimo osebenza ngaphansi kwazo?

#Vuka uqonde kabanzi ngezobuchepheshe :Vuka Uqonde Kabanzi Ngezobuchwepheshe [DURBAN STUDIO]: Sihalalisela u-Pindile Filtane oseqokwe nabanye besifazane abahlanu abazomela iNingizimu Afrika ohlelweni olubizwa nge Tech Women oluzobe luse Melika ngenyanga ezayo. U-Pindile unenkampani ebizwa ngokuthi i-Mbasane Women in IT ethuthukisa abesifazane kulendima

#Vuka uqondekabanzingezomotho no Gugulethu Xaba Ukusungulwa kwe India South Africa Chamber of Commerce kanye neqhaza elizoyibamba kumnotho wakuleli
#Vuka uqondekabanzingezomotho no Gugulethu Xaba Ukusungulwa kwe India South Africa Chamber of Commerce kanye neqhaza elizoyibamba kumnotho wakuleli

#Amazwi okuqala usuku : Lungisani Simelane

#Ezwenisakhile :Umndeni wakwa Simelane o-Phongolo ucela ukufuniswa indodakazi yabo u- Zanele Simelane owaduka ngo February 2022 emva kokuvakashela isoka lakhe uMnuz Thokozani Malinga. Sikhuluma no Mnuz Jaconia Simelane ongubaba omkhulu ka Zanele kanye no Thokozani Malinga.sakhile :
#EzweniUmndeni wakwa Simelane o-Phongolo ucela ukufuniswa indodakazi yabo u- Zanele Simelane owaduka ngo February 2022 emva kokuvakashela isoka lakhe uMnuz Thokozani Malinga. Sikhuluma no Mnuz Jaconia Simelane ongubaba omkhulu ka Zanele kanye no Thokozani Malinga.

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

#Vukaqonde kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu: Namhlanje sikhuluma ngezinhlobo ezimbili zomoya ezahlukene ngendlela ezivunguza ngayo (Anabatic and Katabatic winds)
#Vukaqonde kabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Topic: Namhlanje sikhuluma ngezinhlobo ezimbili zomoya ezahlukene ngendlela ezivunguza ngayo (Anabatic and Katabatic winds)

#UkhozifmVabs :Interview: Umelaphi wendabuko ozinze e-Mthatha e-Eastern Cape owayeboshelwe ukuba kuleli ngokungemthetho usenqobe icala abelifake abomnyango wezasekhaya nalapho inkantolo imvunile yahlawulisa umnyango isamba semali esingadalulwanga. Sikhuluma kabanzi ngalelicala no Sphamandla Mthethwa, ongumqondisi e-Sphamandla Mthethwa Attorneys

#Ukhozifmvabs:Carlo Radebe owayengumlingisi kwi Backstage kanye ne Generations usecele abalandeli bakhe ukuthi balule isandla ekumsizeni njengoba ezithola esimweni sokungasebenzi. Lomlingisi ungene ezinkundleni zokuxhumana watshela abalandeli ngobunzima azithola kubo.

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

#Ukhozifmvabs :Ngabe usuke wabhekana nesimo sombango wekhaya lapho nakhuliswa khona? Nagcina nisitholile isixazululo futhi seku ubani ohlala khona? :Thulani Nkosi, Senior Attorney at SERI (Socio-Economic Rights Institute of South Africa)
Ngabe usuke wabhekana nesimo sombango wekhaya lapho nakhuliswa khona? Nagcina nisitholile isixazululofuthi seku ubani ohlala khona? :Thulani Nkosi, Senior Attorney at SERI (Socio-Economic Rights Institute of South Africa)

#Amazwi okuqala usuku : Lungisani Simelane

#Vuka uqondekabanzi ngezezimali no Sfiso Nala :Yiziphi izinto umunt angazenza ukukhulisa ingeniso noma ihholo lakhe?
#Vuka uqondekabanzi ngezezimali no Sfiso Nala :Yiziphi izinto umunt angazenza ukukhulisa ingeniso noma ihholo lakhe?

#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube

#Ukhozifmvabs :Dr Siyabonga Dlamini, ongumcwaningi kwezesifo somdlavuza enyuvesi ya KwaZulu-Natal.
#Ukhozifmvabs :Dr Siyabonga Dlamini, ongumcwaningi kwezesifo somdlavuza enyuvesi ya KwaZulu-Natal.

#Ukhozifmvabs:Thandeka Cebekhulu usola ubaba wengane yakhe ngokuzama ukumsoconga emva kokuthi emholele esigangeni ebusuku lapho adutshulwa khona abalisa abangaziwa bamshiya becabanga ukuthi ufile. Lesehlakalo senzeka ngonyaka owedlule kanti u-Thandeka ukhala ngokuthi akunanqubekela phambili ecaleni lakhe selokhu lavulwa. Sikhuluma no Thandeka, sizamile ukuthola umseshi wecala kodwa wangaphendula ucingo.
U-Thandeka Cebekhulu ongowase e-Bergville usola ubaba wengane yakhengokuzama ukumsoconga emva kokuthi emholele esigangeni ebusuku lapho adutshulwa khona abalisa abangaziwabamshiya becabanga ukuthi ufile. Lesehlakalo senzeka ngonyaka owedlule kanti u-Thandeka ukhala ngokuthiakunanqubekela phambili ecaleni lakhe selokhu lavulwa. Sikhuluma no Thandeka, sizamile ukuthola umseshi wecalakodwa wangaphendula ucingo.

#UkhozifmVabs : RIP Zanele Mbokazi