VUKA AFRICA BREAKFAST SHOW
1,446 episodes — Page 10 of 29

#Ukhozifmvabs:Ingxoxo ekhethekile no DJ Zinhle.
#Ukhozifmvabs:Ingxoxo ekhethekile no DJ Zinhle.

#UkhozifmVabs :Namhlanje siqeda iminyaka engu-68 abesifazane bakuleli bamashela e-Union Buildings, ePitoli. Abantu besifazane ababalelwa ku 20-thousand babephikisana nokuphathwa kwamapasi ngabantu abamnyama ngesikhathi bethelwa ngoyaba ngamaphoyisa obandlululo. Ukubungaza usuku lwanamhlanje sithe asikhulume no-Nosipho Siwisa Damasane ongumholi kwezamabhizinisi aphinde abe umbhali wezincwadi zobuholi

#Amazwi okuqala usuku : Lungisa Simelane

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Amazwi okuqala usuku : Dr Ngogi Mahaye

#Ezweni Sakhile :Namhlanje sikhuluma no Thembi Mkhize owathunjwa izinsuku ezintathu waphinde wadlwengulwa emva kokuphendula i-post yakwa Facebook eyayikhangisa umsebenzi. Lesehlakalo esenzeka ngonyaka ka 2021 sabikwa emaphoyiseni kodwa namanje umenzi wobubi usachanasa ngaphandle. U-Thembi oneminyaka engu 42 ungowase Mzinto kodwa uzinze eLamonti eThekwini.
#Ezweni Sakhile :Namhlanje sikhuluma no Thembi Mkhize owathunjwa izinsuku ezintathuwaphinde wadlwengulwa emva kokuphendula i-post yakwa Facebook eyayikhangisa umsebenzi. Lesehlakalo esenzekangonyaka ka 2021 sabikwa emaphoyiseni kodwa namanje umenzi wobubi usachanasa ngaphandle. U-Thembioneminyaka engu 42 ungowase Mzinto kodwa uzinze eLamonti eThekwini.

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#Vuka uqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Ungwengwezi lokugcina lomoya oluzungeze umhlaba (troposphere)
#Vuka uqondekabanzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu:Topic: Ungwengwezi lokugcina lomoya oluzungeze umhlaba (troposphere)

#Ukhzifmvabs:Yize iningi lizishayela ihlombe izenzo zamaphoyisa zokubulala abasolwa kodwa kukhona imibono ephambene nalokhu. Lemibono evela kongoti abahlukahlukene iqhakambisa ukuthi ubufakazi neqiniso bufa nabo abasolwa kanti namacala awasafiki enkantolo okuyiyona nhloso yobulungiswa. Ngokwembiko babalelwa ku 40 abasolwa asebebulawe amaphoyisa kusukela ngo April kulonyaka. Kanti ngokukakhomishana wamaphoyisa a-KwaZulu Natal u- Lieuttenant General Nhlanhla Mkhwanazi zingu 35-thousand izigebengu

#Amazwi okuqala usuku :Paul Nzimande

#UkhozifmVabs :Namhlanje sikhuluma ngabantu aba single kodwa beshadile. Kulezizimo uthola ukuthi labashadikazi basahlala ndawonye kodwa inhlansi yothando ayisekho, noma omunye athi usapholisa ikhanda. Usuke wadlula kulesimo noma ukulesimo njengamanje? Ngabe iziphi izizathu ezisakuhlalisile? Ngabe usaziphatha njengomuntu oshadile noma uvumelekile ukwenza umathanda?

#Ukhozifmvabs :Sithe asiqale inyanga yabesifazane ngokukhuluma no Solwazi Nokuthula Sibiya oqophe umlando ngokuqokwa njengowesifazane owokuqala esikhundleni sokuba yiPhini lika Shansela e-Mangosuthu University of Technology. USolwazi Sibiya ongowokudabuka elokishini eMlazi okuyindawo eyakhele le nyuvesi, uqokelwe kulesi sikhundla emva kwamasonto ebambe kuso.

#Amazwi okuqala usuku :Musa E Zulu

#UkhozifmVabs :Sikhuluma ngezingqinamba othisha ababhekana nazo ezikoleni kulandela izigameko zakamuva esizibone zibeka izimpilo zothisha kanye nabafundi engcupheni. Kwisigameko sokuqala kubikwa ukuthi kugasele izigilamukhuba esikoleni saKwaMashu ezintshontshe imali yothisha. Khona kulelisonto kudutshulwe uthisha washona esikoleni esise Ntuzuma. Kanti esifundazweni sase Eastern Cape kusabalale i-video etshengisa umfundi ezama ukugawula umnyango wegumbi leklasi ngembazo, kusolakala ukuthi ubezama

#UkhozifmVabs:Uyaqhubeka umsindo mayelana nodaba oluthinta lowo ongenele u-Miss SA u-Chidimma Adetshina okubikwa ukuthi abazali bakhe akubona abase Ningizimu Afrika. Ngesonto eledlule sike sazama ukuthola uMnyango wezaseKhaya ukusichazela ukuthi yini eyenza umuntu abe isakhamuzi sakuleli ngokomthetho. Sikwazile ukuwuthola umnyango namhlanje, sikhuluma ne phini lika Ngqongqoshe uMnuz Njabulo Nzuza
sikhuluma ne phini lika Ngqongqoshe uMnuz Njabulo Nzuza

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Ezwenisakhile :Sikhuluma no Ntombikayise ozosichazela ngesimo aphila ngaphansi kwaso.
#Ezwenisakhile :Sikhuluma no Ntombikayise ozosichazela ngesimo aphila ngaphansi kwaso.

#Amazwi okuqala usuku :DrNgogi Mahaye

#Vuka Uqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu Thandiwe Gumede: Urban heat Island
#Vuka Uqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu Thandiwe Gumede:Urban heat island

#Ukhozifmvabs : Dr Zama Mtshali-Dlamini :Namhlanje sibheka udaba lokukhulelwa kwabafundi kulandela isehlakalo esenzakale e-Limpopo lapho umfundi oneminyaka engu 16 ebelethele ethoyilethi lase sikoleni. Lomfundi waka Grade 10 ubelethe ingane singakafiki isikhathi kanti ubeyedwa ngenkathi kwenzeka lesehlo. Izibalo zakwa Stats SA ziveza ukuthi abafundi bakuleli abangu 150-thousand abaneminyaka esukela ku 10 kuya ku 19 bakhulelwa ngonyaka owedlule.
#Ukhozifmvabs : Dr Mtshali-Dlamini :Namhlanje sibheka udaba lokukhulelwa kwabafundi kulandela isehlakalo esenzakale e-Limpopo lapho umfundi oneminyaka engu 16 ebelethele ethoyilethi lase sikoleni. Lomfundi waka Grade 10 ubelethe ingane singakafiki isikhathi kanti ubeyedwa ngenkathi kwenzeka lesehlo. Izibalo zakwa Stats SA ziveza ukuthi abafundi bakuleli abangu 150-thousand abaneminyaka esukela ku 10 kuya ku 19 bakhulelwa ngonyaka owedlule.

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

#UkhozifmVabs : ingxoxo ekhethekile no General Bantu Holomisa

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Vuka Uqonde Kabanzi ngezomnotho no Gugu Xaba ukubaluleka kwebhizinisi lomndeni
#Vuka Uqonde Kabanzi ngezomnotho no Gugu Xaba ukubaluleka kwebhizinisi lomndeni

#UkhozifmVabs :Sinjani isimo sakho somqondo? Iziphi izinyathelo ozithathayo ukuzinakekela? Ngabe umndeni wakho nalabo osondelene nabo bayakuqonda yini ukubaluleka kokunakekela isimo sezempilo somqondo?
Sinjani isimo sakho somqondo? Iziphi izinyathelo ozithathayo ukuzinakekela? Ngabe umndeni wakho nalaboosondelene nabo bayakuqonda yini ukubaluleka kokunakekela isimo sezempilo somqondo?

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Ezwenisakhile :sikhuluma no:u-Sphamandla Mthethwa ongu Mmeli
#Ezwenisakhile :sikhuluma no:u-Sphamandla Mthethwa ongu Mmeli

#Ezwenisakhile :Namhlanje sidingida udaba luka Thulani Dladla wase Greytown odinga usizo ngezimali zakhe zakwa Road Accident Fund. U-Dladla oneminyaka engu 27 uthi waphunyelwa izimali zakhe zakwa RAF kodwa akakwazi ukuzithola ngoba abammeli bakhe bazifaka kwi Trust Fund ngaphandle kwemvume yakhe. Isizathu esabekwa ilaba mmeli ukuthi umbiko ka dokotela wathi ukulimala kwa Dlaldla kwamthikameza engqondweni. Sikhuluma no Thulani, sizobuye sikhulume no Dr Mpanza

#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu

#UkhozifmVabs :Sivakashelwe ithimba lomakhelwane bethu namhlanje abaphuma eSwatini. Lelithimba elivela kumnyango wezamaciko lifike eThekwini ngoLwesihlanu ngenhloso yokuzocobelelana ngolwazi ne Ningizimu Afrika
Sivakashelwe ithimba lomakhelwane bethu namhlanje abaphuma eSwatini.Lelithimba elivela kumnyango wezamaciko lifike eThekwini ngoLwesihlanu ngenhloso yokuzocobelelana ngolwazi ne Ningizimu Afrika

#Amazwi okuqala usuku :Paul Nzimande

#Ukhozifmvabs :Ntando Mnyandu, Media Liaison Officer : KZN Department of Sport, Arts and Culture,
Namhlanje sivakashela udaba oluthinta ezamaciko eKZN lapho sikhuluma khona ngokungenami kwamacikongokusetshenziswa kwendawo ebizwa nge KwaZulu Natal Music House. Sikhuluma no Mnuz Ntando Mnyandu,okhulumela uMnyango wezamaciko eKZN.

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube

#UkhozifmVabs : KZN Film Commission Gabhisa Khuluse

#Ukhozifmvabs :Siyaqhubeka nokugubha i-Mandela Day, manje sesikhuluma no Mnuz Sonwabile Ndamase owaduma ngokuthunga amahembe aziwa ngama Madiba Shirts. Osaziwayo ababalwa ngokuba nalama hembe ilowo owayengu mongameli wase Melika uMnuz Bill Clinton kanye nalowo owayengumdlali wesibhakela uMnuz Mike Tyson. Lomthungi ulibangise eMelika lapho ezoba khona ingxenye ye documentary ebizwa ngokuthi “Threads of Legacy”.

#Ukhozifmvabs :Dr Mfanozelwe Shozi, usekela sihlalo kwi Sonke Gender Justice abuye abe usihlalo wamadoda ye Valley Trust,
Dr Mfanozelwe Shozi, usekela sihlalo kwi Sonke Gender Justice abuye abe usihlalo wamadoda ye Valley Trust,

#UkhozifmVabs : ingxoxo ekhethekile no Dr Jomo Sono

#Ukhozifmvabs : Brigadier Nduduzo Bhengu :Hlobo luni lwamacala aholela ekutheni uthole icriminal record?
Hlobo luni lwamacala aholela ekutheni uthole icriminal record?

#Ukhozifmvabs :Sbongiseni Mazibuko Inkantolo yezabasebenzi isikhiphe isinqumo sokuthi ama criminal record akusona isizathu sokuthi abaqashi bavalele ngaphandle abafuna umsebenzi. Sikhuluma no Sibongiseni Mazibuko oyi Labour Law Practitioner evela e- Manzezulu Training
Inkantolo yezabasebenzi isikhiphe isinqumo sokuthi ama criminal record akusona isizathu sokuthi abaqashibavalele ngaphandle abafuna umsebenzi. Sikhuluma no Sibongiseni Mazibuko oyi Labour Law Practitioner evela e-Manzezulu Training

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Ukhozifmvabs :Dr Thembi Mtshali Jones Namhlanje sikhuluma nesilomo sethu sase KZN umama wethu esimazela ezinhlelweni zikamabonakude. Sigubha iminyaka yeNkululeko engu 30 nakulenyanga yamifilimu sibuka nezindlela u-Simon Mabhunu Sabela ayenza. I-KwaZulu Natal Tourism and Film Authority igubha ama KZN FILM AND TELEVISION AWARDS ngalo Mgqibelo 20 July. Esikhuluma naye namhlanje u Dr Thembi Mtshali Jones .Thembi Mtshali Jones :
Namhlanje sikhuluma nesilomo sethu sase KZN umama wethu esimazela ezinhlelwenizikamabonakude. Sigubha iminyaka yeNkululeko engu 30 nakulenyanga yamifilimu sibuka nezindlela u-SimonMabhunu Sabela ayenza. I-KwaZulu Natal Tourism and Film Authority igubha ama KZN FILM AND TELEVISIONAWARDS ngalo Mgqibelo 20 July. Esikhuluma naye namhlanje u Dr Thembi Mtshali Jones .

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#Ezwenisakhile :Amavolontiya asemaphoyiseni aKwaZulu Natal akhala ngokusalela emuva uma kuqashwa embuthweni, amanye athi sekwedlule iminyaka engaphezi kuka-20 evolontiya. Abanye babo bathi uma beqala kulomkhakha babeholelwa imali engu R2000 ngenyanga. Sikhuluma nabo namhlanje kodwa abathandanga ukudalulwa amagama abo. Sizamile ukuzwa uhlangothi lwamaphoyisa kusukela ngesonto eledlule kepha abasinikanga muntu esingakhuluma naye. Kanjalo nenyunyana yamaphoyisa esifundazweni ayibuyelanga kuthina.

#ukhozifmvabs :Namhlanje sikhuluma no Mnuz Nhlanhla Mthembu onamakhosikazi amabili. U- Mthembu ufisa ukulungisa ubudlelwane bakhe namakhosikazi akhe emva kwezingxabano ezaholela ekutheni uMthembu alale ejele. U-Mthembu uphinde asole amakhosikazi ngokuzama ukucekela phansi ibhizinisi lakhe emva kokuthi bentshontshe amakhasimende akhe bawayisa kwibhizinisi la nkosikazi wokuqala. Sikhuluma no Mnuz Mthembu, sizobuye sikhulume nomuntu ozomeluleka uDokotela Mfanozelwe Shozi ongusekela sihlalo kwi Sonk
#ukhozifmvabs :Namhlanje sikhuluma no Mnuz Nhlanhla Mthembu onamakhosikazi amabili. U- Mthembu ufisa ukulungisa ubudlelwane bakhe namakhosikazi akhe emva kwezingxabano ezaholela ekutheni uMthembu alale ejele. U-Mthembu uphinde asole amakhosikazi ngokuzama ukucekela phansi ibhizinisi lakhe emva kokuthi bentshontshe amakhasimende akhe bawayisa kwibhizinisi la nkosikazi wokuqala. Sikhuluma no Mnuz Mthembu,

#Ukhozifmvabs :Halala ku Dr Fezile Mkhize odle isicoco sika Mr Supranational. U-Dr Mkhize ophinde aziwe ngelika Dr Bae ungowase Gamalakhe eKZN kanti futhi ungowokuqala owase Ningizimu Afrika ukusithatha lesicoco. Lomncintiswano ububanjelwe ePoland ngesonto eledlule. Ngaphambi kokuthi sikhulume naye, ake sizwe iclip lapho bememezela ukuthi usedle umhlanganiso.

#Ukhozifmvabs :Yvonne Chaka Chaka uzobe ehlonishwa emcimbini obizwa nge Legends and Legacy Ball Africa Awards lapho kuzobe kugujwa iminyaka engu 30 yentando yeningi ozobanjelwa eSandton City eGoli kusasa. Sinenjabulo yokuxoxisana ne Princess of Africa.