VUKA AFRICA BREAKFAST SHOW
1,446 episodes — Page 7 of 29

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede
YIni ?Tropical Temperate Trough ( TTT)

#Ukhozifmvabs :Sixoxa nomshayeli wamatekisi u-Ntuthuko Buthelezi obelethise owesifazane obesefikelwe isikhathi sokuteta. Lesehlo senzeke etekisini ebishayelwa uButhelezi ekuqaleni kwalenyanga. U-Buthelezi oneminyaka engu 25 owasoLundi KwaCeza esigodini sase Magagadolo eKZN kanti unezinyanga ezimbili nje eshayela amatekisi. Yize zivamile izigameko ezifana nalezi kodwa namhlanje sithe ake sizwe lesi esenzekela u-Ntuthuko Buthelezi.

#Ukhozifmvabs :Nqobani City Power :Luyavalwa ngeSonto uhlelo lwaka-Eskom lokubhalisa kabusha amamitha kagesi. Abantu kufanele babhalise kabusha izigubhu zabo ngaphansi kohlelo lweStandard Transfer Specification Association (STSA). Ngokwembiko abazohluleka ukuzibhalisa, kungadingeka ukuba bakhokhe imali elinganiselwa kuR12 000 ukuze bashintshelwe.

#Vukamotoring no Sbo Myeni :Awusichazele kabanzi ngama safety ratings ezimoto nokuthi kusuke kubhekwani?
#Vukamotoring no Sbo Myeni :Awusichazele kabanzi ngama safety ratings ezimoto nokuthi kusuke kubhekwani?

#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngodaba olumayelana ne-scholar transport, omalume abasithuthela izingane zethu beziyisa esikoleni. Lokhu kulandela iVoice Note esiyithole kumlaleli okhalaza ngemali okumele ayikhokhe yize kuzoba isikhathi samaholidi umntwana engasayi esikoleni. Sizolalela iVN yomlaleli bese sixoxa no Sbongile Maseko ongunobhala we Greater Gauteng Learner Transport Organisation.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Ukhozifmvabs :namhlanje sithe asibheke iziphakamiso ezimbili ezithinta uphuzo oludakayo. Isiphakamiso sokuqala simayelana nokunyuswa kwentengo yotshwala obushibhile ukulwisana nezinkinga ezibandakanya uphuzo oludakayo, isiphakamiso sesibili sithinta ukuncishiswa kwezikhathi zokusebenza kwezindawo zokucima ukoma eLimpopo. Sizoqale sixoxe no Zimasa Mpemnyama ohola umkhankaso obizwa nge Alcohol Reduction Campaign e-DG Murray Trust sizobuye sixoxe no Leo Gama, okhulumela i-Limpopo Economic Development Agency.

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.
#Ezwenisakhile :Namhlanje sixoxa no Siyabonga Mthembu oneminyaka engu 16 onenkinga yokuthi akakwazi ukuzizwa uma kufanele ayozikhulula endlini encane.

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede
Yini Uthingolwenkosazana ?

#Ukhozifmvabs :Sixoxa ngabavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngama zama-zama. Lengxoxo ilandela umyalelo okhishwe Inkantolo enkulu yase Pitoli wokuthi kuvulwe indlela yokungena emayini yaseStilfontein eNorth West ukuze kuvunyelwe abezimo eziphuthumayo bafinyelele kubavukuzi abasele emgodini wemayini engasasebenzi. Labavukuzi abafuni ukuphuma ngoba besaba ukuboshwa amaphoyisa asebenza ngaphansi komkhanso obizwa nge Operation Vala

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry
#Amandla Omnotho no Gugulethu Xaba :Ukusungulwa kwe Rural Chamber of Commerce and Industry

#Ukhozimvabs : UMnyango wezoHwebo neziMboni uhlongoza umthetho ozovikela abathengi kuma telemarketers. Abafisa ukufaka uvo lwabo kulomthetho bangakwenza lokho ngaphambi kwamhlaka 15 January 2025. Sixoxa no Thezi Mabuza oyi Phini lika Khomishana wenhlangano evikela abathengi iNational Consumer Commission.

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Vukaqonde ngokuguquguquka kwesimo sezulu no: Thandiwe Gumede
Yini :isimomvama

#Ezwenisakhile :owesilisa ocela ukufuniswa izihlobo zalowo okade ethandana naye kodwa osedlulile emhlabeni. UMnuz Msawakhe Nene ongowase Mid-Illovo esigodini sase Mpekula eKZN uthi ubesethandane nalowesifazane oneminyaka engu 24 iminyaka emibili ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni izolo ekuseni. U- Msawakhe oneminyaka engu 39 uthi uzamile ukwazisa ubhuti kamufi ngalesehlo kepha akamtholi ocingweni nalapho ehlala khona. U-Msawakhe ubuye akhale ngokuthi njengoba engasebenzi akakwazi ukuyisa isidumbu emakhazeni ngoba kudingeka imali osekuholele ekutheni isidumbu sihlale kubo aze athole usizo.

#Ukhozifmvabs :Ingxoxo ekhethekile nomculi Kelly Khumalo osephothulile ephehlweni

#UkhozifmVabs:INkantolo yoMthethosisekelo idingida udaba lokuthi ubaba kufanele ahlale ekhaya isikhathi esilinganayo nesamama emva kokuzalwa kwengane. Ngokwe Basic Conditions of Employment Act, umama unelungelo lokuhlala izinyanga ezine ekhokhelwa emsebenzini emva kokuteta kepha ubaba yena unelungelo lokuhlala izinsuku eziyishumi

#Ukhozifmvabs : Ingxoxo ekhethile no Advocate Dali Mpofu osejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe
#Ukhozifmvabs : Advocate Dali Mpofu usejoyine iqembu Umkhonto Wesizwe

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

Ingxoxo no Lungile Mabhena umbhali noqhakambisa amasiko akwa Ndebele,

#Disability360 :namhlanje sivakashelwe u-Mhlengi Gwala ohlomule indondo ye Sportsman of the Year ngaphansi kwalabo abaphila nokukhubazeka kuma KZN Sport Awards ngempelasonto eyedlule. U-Gwala ongowase Thekwini ungumgijimi ophinde angenele nemincintiswano yamabhayisikili nawokubhukuda, phecelezi uyi-triathlete. U-Gwala wehlelwa isigameko esinyantisa igazi ngenkathi ehlaselwa amadoda amathathu ezama ukumnquma imilenze ngesaha ngesikhathi ezivocavoca ngebhayisikili ngonyaka ka 2018. Kepha usalulama wabuyela ekubeni i-triathlete.

#Ukhozifmvabs :Sifiso Shangase SANTACO Provincial Office Manager eKZN.
Silandela imibiko yokuvinjwa kwabashayeli bezimoto ezincane ukuthi bagibeze abantu ezimotweni zabo.Lomkhuba wenziwa ngabazibiza ngama taxi patrollers okukholakala ukuthi bangaphansi kwembhoni yamatekisi.Kubikwa ukuthi esifundazweni sase North West kubekwe umthetho wokuthi abahamba ngezimoto ezincane akusafanelebagibeze abantu abadlula kwababili ezimotweni zabo. Lokhu kuholele ekutheni umphakathi wakulesifundazwe ushiseamatekisi ngoba ukhala ngokuthi ngeke ulawulwe osomatekisi ngezimoto zabo. Abanye bakhala ngokuthi bahlawuliswaimali noma kuthathwe izimoto zabo uma behambha nabantu ezimotweni zabo. Sekuboshwe oyedwa esifundazweni saseMpumalanga ngalomkhuba. Sixoxa no Sifiso Shangase oyi Provincial Office Manager eKZN.

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Ezwenisakhile : Sihleli nalabo ababe izithandani uPhakamani Sibiya kanye no Princess Mthimkhulu. U-Princess usolwa ngokushisa uPhakamani nge acid ebusweni nasemzimbheni. Loludaba luphambi kwezinkantolo kepha uPrincess kukhona afisa ukukudlulisela ku Phakamani.

#Ukhozifmvabs :Siphetha inyanga lapho kade siqhakambisa khona umculo wakuleli ngokuhalalisela uMnuz Thando Nyameni oseqophe umlando ngokuba ngowase Ningizimu Afrika wokuqala ukuqokwa njengosihlalo wekomidi eliphezulu le International Council of Music Creators. Lelikomidi lasungulwa ngonyaka ka 1966 kanti lizinze ezweni lase France.
#Ukhozifmvabs :Siphetha inyanga lapho kade siqhakambisa khona umculo wakuleli ngokuhalalisela uMnuz Thando Nyameni oseqophe umlando ngokuba ngowase Ningizimu Afrika wokuqala ukuqokwa njengosihlalo wekomidi eliphezulu le International Council of Music Creators. Lelikomidi lasungulwa ngonyaka ka 1966 kanti lizinze ezweni lase France.

#Amazwiokuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#UkhozifmVabs :Vukaqonde ngokuguqukakwesimo ezulu
Yini isimomvama sezulu ?

#UkhozifmVabs :Umnyango weZobulungiswa kanye ne Consumer Profile Bureau sebesayine isivumelwano sokuthi abazali abahluleka ukukhokha isondlo bafakwe ohlwini olufanayo nolwalabo abahluleka ukukhokhela izikweletu zabo. Ngokwezibalo zenhlangano ezimele i-Social Justice Foundation babalelwa ku 70% abazali abangawulandeli umyalelo wenkantolo wokukhokha imali yesondlo. Sixoxa no Sifiso Ngcobo ongummeli kwa Mbhele and Ngcobo
#UkhozifmVabs :Consumer Profile Bureau sebesayine isivumelwano sokuthi abazali abahluleka ukukhokha isondlo bafakwe ohlwini olufanayo nolwalabo abahluleka ukukhokhela izikweletu zabo. Ngokwezibalo zenhlangano ezimele i-Social Justice Foundation babalelwa ku 70% abazali abangawulandeli umyalelo wenkantolo wokukhokha imali yesondlo. Sixoxa no Sifiso Ngcobo ongummeli kwa Mbhele and Ngcobo

#Amazwi okuqala usuku : Paul Nzimande

#Amazwi okuqala usuku : Musa E Zulu

#Amazwi okuqala usuku : Scelo Mncube

#Amazwi okuqala usuku :Dr Ngogi Mahaye

#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :(BRICS Currency) ehlongozwayo ingabe isho ukuthini futhi izosisiza ngani thina njengamazwe akwi-BRICS?
#Amandla omnotho no Gugulethu Xaba :(BRICS Currency) ehlongozwayo ingabe isho ukuthini futhi izosisiza ngani thina njengamazwe akwi-BRICS?

#Ukhozifmvabs : Dade Mbhele Senior Manager Eskom :njengo-Eskom siqedela iphrojekthi yethu yokuhlela kabusha amakhodi e- KRN ngomhlaka-24 Novemba 2024, futhi ngilapha ukuzokhuluma nabo bonke abathengi bethu bakwa-Eskom abakhokhela kusengaphambili abangakafaki amakhodi amamitha abo. Namuhla ngizonikeza ulwazi olubalulekile,
njengo-Eskom siqedela iphrojekthi yethu yokuhlela kabusha amakhodi e-KRN ngomhlaka-24 Novemba 2024, futhi ngilapha ukuzokhuluma nabo bonke abathengi bethu bakwa-Eskomabakhokhela kusengaphambili abangakafaki amakhodi amamitha abo. Namuhla ngizonikeza ulwazi olubalulekile,amakhasimende e-Eskom OKUFANELE aluqaphele. Uma ungayisebenzisi kabusha imitha yakho ngaphambi komhlaka-24 Novemba 2024, izosebenza kabi futhi iyeke ukwamukela amathokheni kagesi akhokhelwa kusengaphambili.

#UkhozifmVabs :Ntokozo Ngubane, Dietitian,ubungozi be-Energy drinks
#UkhozifmVabs :Ntokozo Ngubane, Dietitian,ubungozi be-Energy drinks

#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu
#Amazwi okuqala usuku :Dr Nelisiwe Zimu

#Ezwenisakhile:Dr Nicholas Thulani Nkosi, Specialist Urologist at Lavena Private Hospital in Ladysmith,
uNtando Mhlongo ongowase Nanda eThekwini onesifo samankwahla avuvukele. U-Ntando usesibhedlela saseMnambithi njengamanje lapho ezokwenza khona i-operation namhlanje ekuseni.

#Vukaqonde Kabanzi Ngokuguquguquka Kwesimo sezulu :Nothandiwe Gumede
Siyini isichotho ?

#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 1
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindisoesisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeniowanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokheimali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyakaengayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 16 months. Kulesigameko kwaphinde kwashona no Joyceunkosikazi ka Mike. Babalelwa ku 76 abantu abashona sebebonke ngesikhathi kusha lesakhiwo. Sikhuluma no Mikekanye nomele inhlangano ezimele eyangenelela kuloludaba i- Socio Economic Rights Institute of SA. Sizamile ukutholauMnyango weZempilo wase Gauteng kepha sangaphumelela.

#Ukhozifmvabs :UMnuz Vumani Shelembe oyilungu lomphakathi lase Nadi eGreytown eKZN usakhe ibhuloho lezinyawo emva kokubona ubunzima umphakathi obhekana nabo uma bewela emfuleni iNadi. Unqume ukulakha yena lelibhuloho elimudle u-R50, 000 emva kokungaphumeleli kwezicelo abezifaka kumasipala wase Mvoti. Umeya wase Mvoti uMnuz Gabriel Malembe uphikile ukuthi lendawo ingaphansi kamasipala wase Mvoti uma simbuza ngalesimo esibhekene nomphakathi.

#Vukamotoring no Sbo Myeni :Njengoba ukuntshontshwa kwezimoto kuqhubeka nokwanda, ingabe enye yezimbhangela yalesenzo ukudayiswa kwezimoto eziyi write off noma eziba yi write off kwizikhukhula?
#Vukamotoring no Sbo Myeni :Njengoba ukuntshontshwa kwezimoto kuqhubeka nokwanda, ingabe enye yezimbhangela yalesenzo ukudayiswa kwezimoto eziyi write off noma eziba yi write off kwizikhukhula?

#Amazwi okuqala usuku :Scelo Mncube

#Amazwi okuqala usuku : Dr Nelisiwe Zimu

#UkhozifmVabs:Yaya Mavundla oyi transgender ongowase Ntunjambili eKranskop eKZN. I-Pride Month iyingxenye yezinhlelo zokuqhakambisa ukuthi abathandana nobulili obufanayo bayingxenye yomphakathi futhi namalungelo abo adinga ukuhlonishwa. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqopheka umlando ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ememezela ungqongqoshe wokuqala owaziwa ngokuthandana nobulili obufana nobakhe uMnuz Martin Meyer ongu Ngqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Sikhuluma n
u-Yaya Mavundla oyi transgender ongowase Ntunjambili eKranskop eKZN. I-Pride Month iyingxenye yezinhlelo zokuqhakambisa ukuthi abathandana nobulili obufanayo bayingxenye yomphakathi futhi namalungelo abo adinga ukuhlonishwa. Kuzokhumbuleka ukuthi kwaqopheka umlando ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ememezela ungqongqoshe wokuqala owaziwa ngokuthandana nobulili obufana nobakhe uMnuz Martin Meyer ongu Ngqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda. Sikhuluma no Yaya sizobuye sikhulume nophuma kwi Lesbian and Gay Community and Health Centre eThekwini.Topic: Iziphi izinyathelo osuzithatheile ukuze ufundiseke kangcono ngabantu abathandana nobulili obufanayo? Ngabe uzizwa wamkelekile emphakathini, emsebenzini, emndenini njengomuntu othandana nobulili obufanayo?