
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 1
Audio is streamed directly from the publisher (traffic.omny.fm) as published in their RSS feed. Play Podcasts does not host this file. Rights-holders can request removal through the copyright & takedown page.
Show Notes
#Ukhozifmvabs :Sesitholakale isidumbu sengane uMemory Banda esaduka ngesikhathi kusha isakhiwo esaziwa nge Usindiso
esisenkabeni ye Goli. Kutholakale ukuthi isidumbu sisemangcwabeni ase Lenasia, sangcwatshwa omunye umndeni
owanikwa lesidumbu emuva kwalesigameko. Uyise ka Memory, u-Mike Ngulube usekhala ngokuthi kufanele akhokhe
imali ukuze kumbiwe isidumbu somntwana. Saxoxa no Mike ngo August lapho asichazela ukuthi bese kuphele unyaka
engayitholi incazelo ngesidumbu sengane yakhe eyashona ina 16 months. Kulesigameko kwaphinde kwashona no Joyce
unkosikazi ka Mike. Babalelwa ku 76 abantu abashona sebebonke ngesikhathi kusha lesakhiwo. Sikhuluma no Mike
kanye nomele inhlangano ezimele eyangenelela kuloludaba i- Socio Economic Rights Institute of SA. Sizamile ukuthola
uMnyango weZempilo wase Gauteng kepha sangaphumelela.