#Ezwenisakhile:sixoxisana no Andiswa Tokota ohlala eThekwini osola lowo ayethandana naye ngokumqola imali engango R400, 000. U-Andiswa oneminyaka engu 35 uthi wahlangana nalomlisa ngo 2020, uthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kwaze kwafika lapho emcela khona ukuthi amthengele i-truck elisha emuva kokufelwa i-truck ebekade esebenza ngalo. U-Andiswa uqhubeka athi wagcina evumile ukuyoboleka imali ebhange emva kwesikhathi emncenga, umlisa wase wathembisa ukukhokha u-R20, 000 ngenyanga aze asiqede lesikweletu. Uthi wawukhokha lo R20, 000 kwaba kanye emva kwalokho wamshintshela, engasaluphenduli ucingo, bengasavakashelani futhi engasayikhokhi nemali yasebhange. U-Andiswa osebenza njengomhlengikazi uthi lomlisa ubelobola omunye umuntu ngalo December esiphuma kuwo. Sixoxa no Andiswa sizophinde sixoxe nommeli ozocebisa u-Andiswa ngemigudu angayithatha ukuze athole imali yakhe. Simthintile umlisa izolo, wacela ukuthi sibuye sifone kodwa uma sesibuyela kuye ubeseluvalile ucingo.
Audio is streamed directly from the publisher (traffic.omny.fm) as published in their RSS feed. Play Podcasts does not host this file. Rights-holders can request removal through the copyright & takedown page.
Show Notes