PLAY PODCASTS
#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 October

#Jabulujule - Tea Time no Lady D 9 October

Jabulujule 9 -12

October 9, 202319m 22s

Audio is streamed directly from the publisher (traffic.omny.fm) as published in their RSS feed. Play Podcasts does not host this file. Rights-holders can request removal through the copyright & takedown page.

Show Notes

Ngiyabingelela kuwena Lady-D nabalaleli bosakazo UKHOZI FM,
ngingowesifazane bengizocela ukuthi niligodle igama lami.
Ngibhekane nenkinga lana, ngizithola ngibishile ezikweletini ngenxa yomlisa ebengikade
ngisebudlelwaneni bezothando naye, lona wesilisa wangicela ukuthi ngimtahthele (loan ewu 80k
)ngoba yena akakwazi ukuthatha isikweletu ebhange, ngamtahthela mina ngagama lami ngoab ethi
ufuna ukukhulisa ibhizinisi lakhe lokuthitha izingane, ubekade ehamba ngemoto encane esefuna
ukutehnga ikhumbi noma itekisi.
Uma uthandana nomuntu umbona ukuthi uyazama, uye ufise ukumlekelela nami ngenzek njalo ngithi
ngilekelela umuntu engibambisane naye kanti angibuzanga elangeni ,kumanje ngiyazisola ngoba
ngibishe ezikweletini kumanje ngihluleka nokuhambisa ingane yami esikoleni.

Ngicela ningisize ngithole imali yami kumlomlisa, noma ningisikeze ngezeluleko ukuthi ngingenza
kanjani ukuthi ngithole imali yami, lomlisa lokhu ethi uzokhokha usakhokhe imali engu 8K
KUPHELA kusukela ngo 2018.
Ngisenkingeni nekhadi lamiselihlala komashonisa. Impilo yami imile Lady-D nethimba lakho
bengicela ningisize uma ikhona idnella eninagngisiza ngayo, ngangithi ngithola uthando kanti ngizifaka
enkingeni.