PLAY PODCASTS
#Jabulujue - Tea Time no Lady D 4 July

#Jabulujue - Tea Time no Lady D 4 July

Jabulujule 9 -12

July 4, 202315m 38s

Audio is streamed directly from the publisher (traffic.omny.fm) as published in their RSS feed. Play Podcasts does not host this file. Rights-holders can request removal through the copyright & takedown page.

Show Notes

Ngiyabingelela kumndeni woKhozi
FM , Lady-D nabalaleli ngihlushwa ngomunye wesifazane engine ngane
naye, ngicela ulwazi nginengane ezimbili komama abahlukene kodwa
asisekho ebudlelwaneni nalona wengane yokuqala.
 Ngicele umama wengane yokuqala ukuthi sengifuna ukuhlenga (lobola)
ingane yami ukuze izokhululeka kuthi noma kwenzakalani kodwa
ngibashiye esibongweni sami ngokusemthethweni kokwe sintu nesiko, 
MamKhoza ngibhalelwe incwadi Ena 3pages kfuneka 6 wenkomo iyodwa
R10 000, ezimbili R8500 no 9000 kuningi izibizo zelobolo zonke zikule
ncwadi.
Angisazi noma ufuna ngimlobole yini ngenkani ngoba phela into yethu
yaphela uyazi kukhona lona omunye umama manje angisazi noma
sengilobola yena yini ngenkani. Àngazi noma kunzima yini ukwamukela
kuyena ukuthi sengila ngikhona namhlanje ngiyadideka.
Ngicela abalaleli nabanolwazi bangibonise ukuth kusayikho kodwa ukuhlenga ingane noma sekudlalwa ngami lengane ngiyenzela konke
kodwa ngibona nenkomo yesondlo Noma sefuna ngimlobole naye.
Amadoda asemadala ngiyacabanga angakwazi ukungeluleka kule nkinga
engibhekane nayo. Ngasho ngakucacisa ukuthi sehlukene nginomunye
umuntu manje Uma sekubhalwa ngathi ngilobola yena angisazi.